UNDASA • 2015 FREE Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba MAHHALA Ezempilo Izindaba Umfanekiso Nokunye ngaph a- kathi!
undasa • 2015
Fighting Disease, Fighting Poverty, Giving Hope
FREE
Udaba olUkhethekile mayelana ne-tb kanye ne-tb ene-hiV
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
mahhala
Ezempilo Izindaba Umfanekiso Nokunye ngapha-
kathi!
Kuthiwa uma into seyejwayelekile,
ithatheka kalula. Elinye lamagugu
esinawo thina bantu baseNingizimu
Afrika okungamele silithathe kakula,
amalungelo ethu. Impilo kanye nokufinyelela
kwezempilo elinye lamalungelo ethu
ayisisekelo aqinisekiswe uMthethosisekelo
waseNingizimu Afrika.
njengoba sigubha usuku
Lwamalungelo Abantu kanye neminyaka
engama-21 yentando yeningi mhla
zingama-21 kuNdasa, singajeqeza emuva
lapho sivela khona ngokukhulu ukuziqhenya.
Naphezu kwezinselelo eziningi ezikhona
ezinjengenqwaba yezifo kanye nezimali
ezingekho kepha iNingizimu Afrika isiyizwe
elingcono kakhulu namuhla. Uhulumeni
nabasebenzi bezempilo abazimisele benze
kahle kakhulu okubandakanya nezempilo.
akukholakali ukuthi namhlanje
noma ubani angafinyelela esikhungweni
sezempilo esisezingeni eliphezulu ezweni,
kungakhathalekile ibala lakhe noma inkolo
yakhe. Kepha kusengathuthukiswa lokhu
futhi sisengenza kangcono. Njengabantu
asebekhululekile kumele siqaphele
singasebenzisi kabi amalungelo esinawo.
Amalungelo ahambisana nokumele kwenziwe.
Njengomphakathi, akumele “sikhululeke”
ngendlela yokuthi size siziphathe kabi sibeke
impilo yethu neyabantu esisondelene nabo
engcupheni. Labo abanempilo kumele
baqinisekise ukuthi bahlala bephilile, ukuze
bagweme ukwandisa umthwalo wezifo
esifundazweni kungadingekile.
lokho kubiza ukuthi kumele
siziphathele ngokwethu impilo yethu kanye
nakwezocansi. NjengoMnyango Wezempilo
KwaZulu-Natali, sisemkhankasweni omkhulu
wokuqwashisa ngokubaluleka Kokuvikeleka
Kabili kwezocansi. Lo mkhankaso uyosebenza
kuphela uma sibamba iqhaza kwesikwenzayo.
Sinxusa bonke abantu baKwaZulu-Natali
abenza ucansi ukuba zikhathi zonke benze
ucansi oluphephile. Sebenzisa amakhondomu
njalo, ngendlela efanele uma wenza
ucansi. Sizovakashela izikhungo zemfundo
ephakeme ezingxenyeni ezithile zesifundazwe,
sishumayela leli vangeli. UHulumeni uhlinzeka
ngamakhondomu MAHHALA, ukusoka
MAHHALA kanye nokuhlela umndeni
MAHHALA (njenge-Implanon – Okungangothi
lukamentshisi okuvimba ukukhulelwa iminyaka
emithathu). Sithi noma ngabe usokiwe
noma uhlela umndeni kepha sebenzisa njalo
amakhondomu. Ukusoka kwehlisa amathuba
egciwane lengculazi kanye nezifo zocansi
ngama-60%. Ukuhlela umndeni kuvimba
ukukhulelwa. Uma ungazivikeli usengalithola
igciwane lengculazi kanye nezifo zocansi.
Yebo, sinamalungelo. Kepha
asinakekele impilo yethu. Asenzele bonke labo
asebashona ukuze siphile ezweni elikhululekile
lapho sinamalungelo khona.
UNkulunkulu Anibusise!
Ukhulelwe noma usana?
Thola imithi yamahhala ukuvimba ukusuleleka
kwengane yakho nge-HIV
Ngenela uMAMA
* Imiqhafazo iyokhuluma nge-HIV, ngakho kuyomele ukhululeke ukuthola le miyalezo ocingweni lakho
UkhUlelweThumela u PLEASE CALL ME kwenye yalezi zinombolo ezingezansi uthole umqhafazo wamahhala ngokunakekeleka kokhulelwe, kulungiselelwa ukubeletha nokunakekelwa kwengane:
isiZulu ...............071 516 8418isiXhosa ............071 517 0344seSotho ............082 075 1675English .............079 409 3311Afrikaans ..........071 535 8087
UsanaMayelana nokubeletha noma usana oluneminyaka engaphansi kwezinyanga ezi-3? Thumela u PLEASE CALL ME kwenye yalezi zinombolo ezingezansi uthole umqhafazo wamahhala ngokuncelisa ibele, ukuzigcina uphilile nokunakekela ingane:
isiZulu ...............071 535 9766isiXhosa ............071 517 2085seSotho ............082 424 1883English .............079 419 1214Afrikaans ..........071 570 1823
Umqhafazo wamahhala*
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
Umyalezo ovela kuMEC WezeMpilo e-KZN,
uDkt Sibongiseni Dhlomo
Yazi isimo sakho se-HIV bese uvikela impilo yakho
neyengane yakho
UKUQWASHISA NGE-TB Funda ngokusigwema nokuselapha
EZEMpIlo E-KZN Okwakamuva okuvela emnyangweni wakho wezempilo
UMfANEKISo Ukufundisa ngezempilo ezikoleni
IMpIlo EZIKolENI Kuhanjiswa impilo emaklasini
I-DoWN’S SyNDroME Wazi ngokwanele?
KUpHUCUlWA UKUHlINZEKA KWETHU EZEMpIlo UNgqongqoshe uDhlomo umema abasebenzi bezempilo ukuba bakhuthale
ISIfo SIKASHUKElA? Thola amaqiniso ngokunakekelwa kwezinyawo ukugwema ukunqunywa
IZINSUKU ZoKUQWASHISA Izinsuku ezibalulekile ngale nyanga
NGEMBoBo KAKHIyE Kubongwa ngokukhethekile umsebenzi wezempilo ozinikele wesifo sofuba
UN
DA
SA
201
5
I-DoWN’S SyNDroME
IMpIlo EZIKolENI
Imifanekiso esetshenziswe kwEzEmpilo eyokucacisa kuphela, ayiqondile ukuveza abantu bangempela futhi ayimele lokho okuqukethwe ushicilelo.
UK
UQ
WA
SH
ISA
NG
E-T
B
Abantu abanegciwane lengculazi noma ingculazi basemathubeni amakhulu okuphathwa yisifo sofuba ngoba amasotsha omzimba abo aphansi – imizimba yabo intekenteke ayikwazi ukulwa nezifo ezihlasela umzimba. Njengoba igciwane lesifo sofuba lihamba ngomoya lokho kuchaza ukuthi labo abanegciwane lengculazi noma ingculazi bangalithola kalula igciwane. Izindaba ezimnandi ezokuthi isifo sofuba siyelapheka noma ngabe unegciwane lengculazi noma ingculazi uqobo – uma nje uyiqeda imishanguzo yakho yesifo sofuba.
ISIfo SIKASHUKElA
okuqukethwe
ISIfo SofUBA SIyINKINGA EMpHAKATHINIHlolWA. yElASHWA. pHIlA.
Ukubhekana nesifo sofuba uma unegciwane lengculazi
UKUQWASHISA NGE-TB
u Ngabe i-TB iyabulala?
Yebo, ikakhulu uma unegciwane lengculazi. Uma amasosha akho omzimba entekenteke, isifo sofuba esingalashiwe singaba yingozi. Uma ungelashwa ungagula kakhulu noma ushone. Yingakho kubalulekile ukuba uhlolwe bese welashwa. Ukuqeda imishanguzo yakho kungakuphephisa.
u Ngabe bon-ke abantu
abanegciwane lengculazi bapha-thwa yi-TB? Cha, kepha kusho ukuthi usemathubeni amakhulu okuba nesifo sofuba. Yingakho uma unezimpawu zesifo sofuba kumele usheshe uhlolelwe sona.
INDLELA EPHUMA PHAMBILI YOKUGWEMA UKUSABALALA KWESIFO SOFUBA UKWELAPHA LABO ABANASO!Sonke simelwe ukuhlangana ukuze silwe nesifo sofuba ukuze singasabalali. lokhu singakwenza ngoku:
Fundisa imiphakathi nemindeni ngesifo sofuba,
izimpawu nokusabalala kwaso.
Ngenisa ukukhanya kwelanga ngaphakathi
endlini – ukukhanya kwelanga kubulala
amagciwane esifo sofuba.
Ukuhlolela isifo sofuba, nokukhuthaza esihlala nabo ukuba bahlolwe, ikakhulu uma kukhona onaso enihlala naye.
Ukuqinisekisa ukuthi siyazi ukuthi ubani onesifo sofu- ba endaweni esihlala kuyo, belashwa kanjani nala- pho sebela- shiwe.
Khuthaza iziguli ze-sifo sofuba ukuba
zisebenzise i-DOTS – Izifundo zesikhashana zokwelashwa okuqa-shiwe. Laba abantu (okuba umsebenzi
wezempilo, umakhel-wane, umngani noma
ivolontiya) baqinisekisa ukuthi isiguli siyayidla imithi yaso ngezikhathi ezifanele bese lokhu
kuqoshwa.
Zama ukuba ezindaweni ezivalelekile kungene umoya omusha – vula
amawindi, lokhu kwehlisa ukusabalala
kwamagciwane.
Sinike uvo lwakho, noma usitshele ukuthi ucabangani ngalo magazini! P O Box 25439, Gateway, 4321, UCINGO-031 825 6790. I-EMAIL: [email protected] ILUNGELO LOBUNIKAZI
Konke okushicilelwe kulo magazini kuyilungelo le-Ezempilo… Health Matters futhi kungase kuphinde kukhiqizwe futhi kusakazwe mahhala ngezinjongo zokufundisa kuphela.
Zonke izikhangiso ezikulo magazini akukona ukuthi zisekelwa ngokusemthethweni uMnyango Wezempilo Wase-KZN, uMasipala WasEthekwini noma Ezempilo Health Matters
Siyababonga laba abalandelayo ababe neqhaza:UMNYANGO WEZEMPILO E-KZN: UPHIKO LWEZOKUXHUMANA
U-ZOHRA MOHAMED TEKE (UMHLELI)
COLIWE ZULU
THANDI ZULU
THEMBA MNGOMEZULU
sARA AULD
DR GUGU MAZIBUKO
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
Q Uhlolelwa nini i-TBHamba uyohlolwa emtholampilo
noma esibhedlela somphakathi mahhala uma unokunye kwalokhu:
izinhlungu esifubeni ukungalambi ukwehla emzimbeni okungachazeki ukukhathala ukujuluka ebusuku noma imfiva ukukhwehlela ngaphezu kwamasonto
amabili noma ukukhwehlela igazi
KHUMBULA! Kubaluleke kakhulu ukuyohlola uma unegciwane lesandulela ngculazi.
Q Ngiyidla kanjani imithi yami?
Yidla imithi ngendlela ochazelwe ngayo umsebenzi wezempilo. Uma udla imithi eminingi, yithathe ngesikhathi esisodwa.Imithi ivame ukuphuzwa kusuka ngoMsombuluka kuya kuLwesihlanu.Uma isizophela imithi, thatha ikhadi lakho eliluhlaza uye kunoma yimuphi umtholampilo. Bayokunika imithi.
Q Kuyokwenzekani uma ngingayilandi
imithi? Uyosabalalisa isifo kwabanye babe baningi abantu abagulayo. Uma ingelashwa i-TB, iyabulala.
Q Kumele ngiyiqede imithi? Uma uyeka imithi kun-
gashongo umsebenzi wezempilo, usenga-buye uyithole futhi i-TB. Kuthatha izinyanga eziyisithupha noma unyaka ukwelapha i-TB. kubalulekile ukuqeda imithi.
Q Usizo ngokudla imithi Kubalulekile ukuthola
umuntu ozokusiza ngokudla imithi. Buza emtholampilo ngosizo lokudla imithi yakho. Ungazikhethela ozokusiza – kungaba umakhelwane noma umhlengikazi wasemtholampilo. Kubalulekile ukuthi kube umuntu oseduzane okulula ukufinyelela kuye. Umsizi wakho uyokugcinela imithi yakho akunike yona nsuku zonke. Uyobuye akukhuthaze ukuba uqhubeke nokudla imithi uma usuzizwa uphelelwa amandla okuyidla. Kubalulekile ukudla imithi yakho nsuku zonke noma usuzizwa ungcono, uze utshelwe umsebenzi wezempilo ukuba uyeke.
Q Ngingayisebenzisa imithi yesintu
ekwelapheni i-TB?Iningi labantu liya kubelaphi bendabuko ukuze lelashwe i-TB. Kulungile lokho kepha kubalulekile ukuba uyidle imithi yokwelapha i-TB oyinikwa esibhedlela noma emtholampilo. Leyo mithi iyoqinisekisa ukuthi iyelapheka i-TB.
IKwaZulu-Natali inamazinga aphezulu e-TB ne-HIV, nakuba isifundazwe sibona impumelelo ekwelashweni kwe-TB kule minyaka.
Ukulwa ne-TB
ISIf
o S
ofU
BA
isiFo soFuba siYelaPheka kepha kuphela uma sonke sibamba iqhaza, sidle imithi ngendlela, siqede ukwelashwa bese siqonda ukuthi isifo sofuba siyasabalala. Ngale nyanga, kungani ungasebenzisi ithuba loSuku Lwesifo Sofuba ukufundisa abanye emphakathini wangakini ngalesi sifo? Qala iqoqo lezempilo ngokuhlanganisa abantu endaweni bese kanye ngesonto noma kanye ngenyanga nikhulume ngezempilo. Sebenzisa lesi siqondiso ukuze uqalise nge-TB….
ImalI YEzIbonElEloU-SASSA usiza abantu abanegciwane lengculazi kanye nesifo sofuba ngesibonelelo sokuphila nokukhubazeka kwesikhashana okungaqhubeka kuze kube yizinyanga eziyi-12.
Ukuthola kabanzi ukuthi ungasifaka kanjani isicelo xhumana no-SASSA ku- ...................031 360 5103
Izinga lempumelelo
yase-Kzn esifweni
sofuba selingama-86%
– izinga labangayidli
ngendlela imishanguzo
selehlele ema-3.6%
lisuka kwangama-24%
eminyakeni eyishumi
eyedlule!
Abantu abangaphezu kwezi-99, 000 baKwaZulu-
Natali bane-TB – kubandakanya nezingane
eziyizi-6, 916 ezine- minyaka engaphansi kwemihlanu.
Izidingo ezididiyelwe ze-HIV/TB sezitholakala kuzo zonke izikhungo zikahulumeni zezempilo ezingama-779 e-KZN – izinga lokugula okuhambisanayo kwe-TB ne-HIV limi ema-65%
Izifunda ezihamba phambili ngabantu abangaphezu kwe-1000, Ugu, eThekwini kanye noThungulu.
AmAqiniso AsheshAyo
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
UNgqoNgqoShE wEzEmpilo E-kzN, uDkt Sibongiseni ucela bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba babe nomkhuba wokunikela ngegazi, ethi lokhu kuyinto ebalulekile enobu “Nkulunkulu”.
UNgqongqoshe, onikela njalo ngegazi lakhe eliwuhlobo oluwu-0, usandakunikela ngegazi emkhankasweni obugqugquzelwe abakwa-South African National Blood Service (SANBS) eMega City, wanxusa bonke abantu base-KZN ukuba benze okufanayo. Abakwa-SANBS banegazi elanele ukusetshenziswa izinsuku ezine kuphela KwaZulu-Natali osekwenze bajoyina uNgqongqoshe ekuceleni abantu ukuba banikele ngegazi.
“Siye sizwe ngokwentuleka kwegazi okusethusayo ngoba uma lentuleka lokho kusho ukuthi ngeke nalithola igazi ezibhedlela zethu. Ukunikela ngegazi kungenye yezinto ezinhle esingazenza. Isibonelo nje, iphakeshana elilodwa legazi lingasiza owesifazane okhulelwe os-ophe kakhulu, noma isiguli somdlavuza, okanye umuntu obesengozi-ni. Yisipho sempilo. Yinto enkulu ngoba unikelela umuntu ongamazi nokumazi. Nawe ungalidinga lelo gazi kusasa. Lokhu ukwenza kahle engimema bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba bakucabangi-sise,” kusho uDhlomo.
NIKELA NGEGAZI,KUKHUTHAZA UDHLOMO
Ukusoka okuyimpumelelo okun-gama-200 ngosuku olulodwa
Ukusebenza ngokubambisana kuphephise impilo yomuntu emgwaqeniUmSEbENzi wokUSiNdiSA impilo emg-waqeni kade kwenzeke ingozi ushayelwe izandla uNgqongqoshe uDhlomo, encoma ukuzimisela kukachwepheshe ohlinzayo kanye nethimba aphuthume nalo ngen-kathi kudingeka usizo.
Ingozi eyenzeke eThekwini ekuqaleni kwale nyanga ishiye abantu abane be-limele, owesilisa walimala kakhulu nge-sikhathi ipali imoto elishayisile lingena es-iswini solimele. Abezimo eziphuthumayo
abafika enkundleni babe sebebiza i-ambu-lensi eyindiza ngoba bebona ubungozi bo-kuthatha le ndoda bayisuse ngenxa yesimo eyayikuso.
Yafika indiza kwaze kwavalwa nomg-waqo ngesikhathi abezimo eziphuthumayo kanye nabezicimamlilo baseThekwini be-bona ukuthi ukusiza le ndoda kwakungeke kube lula ngenxa yesimo eyayikuso.
Indiza yabe isisuka isiya esiBhedlela Inko-si Albert Luthuli iyolanda uchwepheshe oh-
linzayo, uDkt Mike Fourie ukuze azohlinza kuyo indawo yengozi ngaphambi kokuba isiguli sithathwe ngendiza sisiwe esibhedle-la lapho siyolashwa khona.
Lokhu kwakungeke kwenzeke ukuba kwakungelona ithimba lethu lezempilo kanye nochwepheshe ohlinzayo esiBhedle-la Inkosi Albert Luthuli. Siyababonga; in-doda iyaphila futhi yelulamela esibhedlela,” kwengeza uDkt Dhlomo.
“Lokhu kwakungeke kwenzeke ukuba kwakungelona ithimba lethu lezempilo...”
UNgqoNgqoShE wEzEmpilo E-kzN, uDkt Dhlomo ubambe iqhaza ekusokweni kwa-besilisa abangama-200 ngasekuqaleni kwale nyanga eNkandla, lapho ekhuthaze abantu abasha ukuba baziphathe kahle kwezocansi.
Ukusoka kuyingxenye kaSukuma Sakhe oholwa uNdunankulu WesiFundazwe saKwaZulu-Natali, uSenzo Mchunu kanye namalungu ekhabhinethi ngale nyanga.
Ekhuluma nomphakathi uNgqongqoshe uDhlomo, uthe uzokwedlulisa umbiko kuNdunankulu mayelana nezinselelo ezibhekene nabantu baseNkandla eziban-dakanya ukutholakala kwezitifiketi zoku-zalwa zezingane ezingahlali nomama bazo okugcina ngokuthi zibe nenkinga yemali yesibonelelo kanye nengqinamba yoku-thola omazisi uma sezibadinga.
“Kumele sizisize lezo zingane,” kusho uN-gqongqoshe ngenkathi encoma imizamo yomphakathi namathimba empilo eziko-leni yokuqwashisa ngezempilo kubantu abasha.
ISo
NTo
lE
Mp
Ilo
EZ
IKo
lEN
I “ Ingqondo ephilile ikhula emzimbeni ophilile.” Zingama-265 izikole esiFundazweni saKwaZulu-Natali Ezigqugquzela Impilo Ezikoleni. UMnyango WezeMpilo wenza ngokusemandleni ukugqugquzela nezinye izikole ukuba zibe kulelo zinga. Kudinga usizo LWAKHO. IsiKole Esigqugquzela Impilo yileso sinothisha nabafundi abasebenza ngokubambisana nomphakathi ukugqugquzela ezempilo. Wonke umuntu uyahlomula ngoba ngeke ube nabafundi abanempilo kepha baye emphakathini noma emakhaya angenampilo.
Yenza isikole sakho sibe sezingeni Lokugqugquz-ela Impilo Kunezidingo zoMnyango WezeMpilo e-KZN ezenza Isikole kube Ngesigqugquzela Impilo ezibandakanya:
sizame ukuthuthukisa impilo yabasebenzi basesikoleni, imindeni, umphakathi kanye nabafundi.
senze uhlelo lokufunda kanye nezinhlelo zamakhono okubhekana nezidingo zempilo.
Ksetshenziswe izinsiza ezikhona ukunakekela impilo kanye nokufunda.
Kubandakanywe bonke ababambiqhaza nabahlomulayo, isb. Ezempilo, Ezenhlalakahle, Abezemfundo, ama-NGO, ama-sGB, amalungu omphakathi, abazali kanye nabaholi emphakathini ukuze kwenziwe isikole sibe yindawo enempilo.
Zihlomula kanjani izingane Isikole Esigqugquzela Impilo sinamathimba abahlengikazi abafika esikoleni bezobheka impilo yezingane. Izingane zifundiswa ngezempilo zisencane, okubandakanya nokudla ukudla okunempilo. Izikole zethu eziningi zalolu hlobo zinezingadi ezihlinzeka ukudla okusekusha ezikoleni nasemiphakathini.
Ongakwenza ukuqalisa lokhu
Qala wena! Baningi abantu abanemi-bono emihle kepha bambalwa abenza okuthile ngayo. Khuluma nesikole bese uya emtholampilo oseduzane ukuze kuxoxwe ngalolu daba.
Hlonza amakhaya asendaweni aphethwe yizingane bese uqalisa ingadi esikoleni ezosiza ukondla ikakhulu leyo mindeni exakekile.
Khuluma namabhizinisi asendaweni ukuze ahlinzeke ngoxhaso noma uqeqesho. Ungesabi ukukhuluma nabo ngoba ngeke wazi ukuthi bayothini.
UNdAsA 4 - 8
KUQAlA KUWE…
yiluphi usizo olukhona?le mitholampilo elandelayo eyolibofuzo futhi yeluleka kweze-down’s Syndrome. Ukuze ufinyelele kule mitholampilo, khuluma nodokotela noma umtholampilo ngoba yibona okumele bakwedlulisele.
IsIBhedlela I-alBert luthulI, eThekwini ..........yonke iMisombulukoIsIBhedlela IKIng edward, eThekwini ..........bonke oLwezithathuIsIBhedlela IrK Khan, eChartsworth ........uLwesibili lwesineIsIBhedlela IMahatMa gandhI, ePhoenix .......... uLwesine lwesithathu
Iyini i-Down’s Syndrome?Inkinga yesikhathi eside edalwa ukungalungi kolibofuzo emzimbeni. Ilimaza umzimba nomqondo womuntu kanti yenzeka ngesikhathi ingane isakhula esibelethweni. Ayelapheki, kanti nesisusa asaziwa kepha lukhona usizo kubantu abane-Down’s Syndrome ukuze balawule impilo yabo.
Ubani osenkingeni kakhulu?IDown’s Syndrome ayihlobene neminyaka, ubuhlanga, inkolo noma inhlalomnotho kepha ucwaningo luveza ukuthi ama-80% ezingane ezinalesi sifo azalwa omama abaneminyaka engaphansi kwengama-35. Kumele kukhumbuleke ukuthi omama abaneminyaka engaphezu kwama-35 basengcupheni enkulu yokuthola ingane ene-Down’s Syndrome.
Ukuhlolelwa i-Down’sUyayihlolelwa umama uma esakhulelwe ukubheka ukuthi ingane ngabe izozalwa inalesi sifo. Umsebenzi wezempilo noma
umbelethisi uyakwazi ukubona izimpawu uma esenza ukuhlola okwejwayelekile ngesikhathi ukhulelwe – lokhu kwenza kubaluleke ukuhlolwa njalo. Umsebenzi wezempilo uyohlola izinga lamaphrotheyini asegazini kanye namahomoni athile bese ehlola ngomshini ugqinsi loketshezi olwakheka ngasentanyeni yombungu. Uma kunoketshezi oluningi lokho kuwuphawu lwe-Down’s Syndrome.
Izimpawu zokuqalaIzingane ezizalwe nalesi sifo zijwayele ukuba nalezi zimpawu ezilandelayo. Kubalulekile ukwazisa umsebenzi wezempilo uma ubona ezinye zalezi zimpawu ukuze akwazi ukuhlola bese enika usizo oludingekayo:
ubuso obubacakile ikhanda nezindlebe ezincane intamo emfishane ulimi oluqumbile amehlo akweqe abheka phezulu
Ingane ene-Down’s Syndrome ingazalwa ilingana nezinye. Kepha ikhula kancane – ngokomzimba nangokomqondo.
Unolwazi olwanele ngaso?
I-D
oW
N’S
SyN
Dr
oM
ELapha eNingizimu Afrika sihlasela ingane eyodwa kwezingama-500, kepha kuncane okwaziwayo ngaso. Ukuze kuqwash-iswe ngokwanele, leli pheshana lamaqiniso lizokusiza kanye nabanye omama ekuqondeni nasekuhlonzeni izimpawu ze-Down’s Syndrome uma kudingekile.
Ukuthola ulwazi olwengeziwe nge-Down’s Syndrome, xhumana ne- Down’s Syndrome South Africa, KZN Outreach Coordinator, uDudu Sishe ku
073 123 0373
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
I-KZN iphokophelele imitholampilo esezingeni
INK
UN
DlA
yo
KU
Bo
NIS
AN
A
Izindawo ezinqala imitholampilo nezibhedlela okumele ifinyelele kuwo njengokwamazinga kazwelonke kwezempilo seziqalisiwe.
“Akukona kuphela ukuthola unakekelo olusezingeni kepha nokuqinisa ubudlelwane bemitholampilo yethu nemiphakathi eyihlinzekayo” – uDHLOMO
UNgqongqoshe Wezempilo e-KZN, uDkt Dhlomo umemezele umkhankaso wokuguqula yonke imitholampilo kahulumeni ukuba ibe yimitholampilo esezingeni, ngaphansi komgomo othi ‘Ukufinyelela Emtholampilo Osezingeni Nokuwugcina Esimweni.’
1. Ubugugu nokwenza
4. Ukuphepha kweziguli
6. Ukutholakala kwemithi
5. Ukuvimba nokulawula izifo
2. Izikhathi zokulinda 3. Inhlanzeko
EzEMPILO YOMPHAKATHI
UBUHOLI & UKUBUSA NGOKUSEzINGENI
UKUPHATHWA KWEzOKUSEBENzA
IzIKHUNGO NENGqALASIzINDA
AMALUNGELO EzIGULI
UKUPHEPHA KWEzIGULI, EzOKU-BUSA NONAKEKELO LWEzEMPILO
UKWELEKELELWA KWEzOKWELAPHA
Izilonda ezinyaweni zesifo
sikashukela zijwayeleke ukuba
zingabi buhlungu ngenxa
yomfutho wegazi ophezulu isikhathi
eside oyamaniswa nokulimaza
imizwa esezinyaweni. Lokho kusho
ukuthi umuntu onesilonda onyaweni
ngeke abuzwe ubuhlungu futhi
ngeke ezwe noma elimale onyaweni.
Isilonda sikashukela singabangwa
ngisho ukulinyazwa yitshe elincane
uhamba ngezinyawo. Leso silonda
singathatha isikhathi eside ukuphola.
UMnyango Wezempilo KwaZulu-
Natali ukhuthaza labo abanesifo
sikashukela ukuba bangalawuli
kuphela isifo kepha banakekele
nezinyawo zabo ukuze zingabi
nezilonda futhi zinganqunywa. Enye
imbangela yezilonda zikashukela
ezinyaweni ukugqoka izicathulo
ezingalungile – njengoba iningi
lethu likhetha ukugqoka izicathulo
ezinhle nezibizayo, hhayi ezimnandi
nezifanele izinyawo zakho!
Abanesifo sikashukela kumele
bakuqikelele lokhu.
oKUMElE UKWENZE:
Hlola izinyawo zakho nsuku zonke,
naphakathi nezinzwane
Uma ungaboni kahle cela umngani
noma ilungu lomndeni likusize
ekuhloleni izinyawo zakho
Tshela udokotela noma
umhlengikazi uma unokulimala
Hlanza izinyawo zakho nsuku zonke
Yomisa izinyawo zakho ngokucoph-
elela, ikakhulu phakathi nezinzwane
Hlola ukushisa kwamanzi
ngesandla hhayi ngonyawo
Hlola bese uzwa ingaphakathi
lezicathulo zakho nsuku zonke
Gcoba izinyawo ezomile noma
eziklayekile nsuku zonke
ngesithambisi noma uwoyela
shintsha amasokisi nsuku zonke
Nquma izinzipho zakho ziqonde
Gcizelela ukuba udokotela noma
umhlengikazi ahlole izinyawo
zakho ungafake zicathulo
Ekunakekeleni izinyawo zakho njengomuntu onesifo
sikashukela, sicela ukhumbule :
oKUNGAMElE UKWENZE:
Ungacwilisi izinyawo zakho eman-
zini noma emshinini wezinyawo
Ungahambi ungazifakile izicathulo
Ungazifaki izicathulo ngaphandle
kwamasokisi
Ungasusi amakhona ngokuseben-
zisa amakhemikhali noma amab-
handishi
Ungafaki izigcobo phakathi
nezinzwane
Uma ungaboni kahle emehlweni
ungazinqumeli ngokwakho izinzipho
Ungasondezi izifudumezi eduze
nezinyawo zakho
yoKUNAKEKElA
IZINyAWo ZAKHo
UMA UNESIfo
SIKASHUKElAAbantu abanesifo sikashukela
basengcupheni enkulu yokuba nezilonda
ezinyaweni. Eqinisweni, ucwaningo luveza
ukuthi njalo emizuzwini engama-30 kukhona
isitho esinqunywayo emhlabeni ngenxa
yesifo sikashukela. Yingakho ukunakekela
ngendlela izinyawo kubalulekile kubantu
abanesifo sikashukela.
IMIYALELO
ISIf
o S
IKA
SH
UK
ElA
Kuchazani lokhuKusukela Onakekelweni Lwezempilo Oluyi-sisekelo olwaqala ngoMtholampilo wasePhole-la ngeminyaka ye-1940, uMnyango ngokuham-bisana nohlelo Lukazwelonke Lomshuwalense Wezempilo ukuguqula yonke imitholampilo yethu ibe imitholampilo esezingeni elungele ukuhlinzeka imiphakathi eyakhiwe kuyo. Lokhu kusho ukuthi umtholampilo kumele:
Uvule ngesikhathi ekuseni, ungavali kuze kusizwe isiguli sokugcina, noma ngabe sekwedlule izikhathi ezejwayelekile zokuvala kwawo. Ube nabahlinzeki bezempilo abaphatha abantu ngenhlonipho, bahloniphe imigomo yeBatho Pele yokufinyeleleka, Ukwaziswa, Impatho enhle, Ulwazi, Amazinga Okuhlinzeka, Ukulungisa Imuva kanye Nomsebenzi Osezingeni. Ngokubambisana nomphakathi kukhuthazwe ezempilo nokugwenywa kwezifo kugxilwe emphakathini. Uhlanzeke, ukhuthaze inhlanzeko bese wenza yonke imizamo yokugwema ukusabalala kwezifo. Kube yizikhathi zokulinda ezibekezelelekayo, umphakathi ungahlali usuku lonke emtholampilo ulinde usizo. Uhlinzeke ngazo zonke ezokwelapha ezisezingeni nsuku zonke, amalungu omphakathi angabuyi ngezinsuku ezehlukene ezothola izidingo ezehlukaniswe ngezinsuku. Ube nazo zonke izidingo, ezinjengemithi. Abantu bedluliselwe kokunye ukwelashwa kusenesikhathi. Usebenzisane nomphakathi kanye nabanye ababambiqhaza ekukhuthazeni intuthuko kwezempilo kanye nakunhlalomnotho.
Ekhuluma nabasebenzi bezempilo nababam-biqhaza kuForamu YesiFundazwe esandakuba khona, uNgqongqoshe uDhlomo ucele wonke umuntu enze kube yimpumelelo umzamo wok-wenza imitholampilo esezingeni esifundazweni.
“Sibonga ukubamba kwenu nonke iqhaza nokusisiza ekuzuzeni okunye kwesasikuhlo-sile kwezempilo esifundazweni, uMnyango Wezempilo wenza konke okusemandleni na-kuba izimali bezingavumi ekuphuculeni impilo yabantu. NjengoNgqongqoshe Wezempilo ngiyoqhubeka nokukwenza umsebenzi wethu ukubona ukuthi usizo luyatholakala, ukuseben-za ngokuzimisela, ukufinyeleleka, ukuphepha, ukugxila ezigulini kanye nezonakekelo.
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
UNDASA
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
Usuku Lomhlaba Lokuqwashisa
Ngokulimala Ekhanda
Njalo ngonyaka kuleli zwe kubikwa ukulimala kwasekhanda okungaphezu kwezi-89 000 iningi lakho okubangelwa yizingozi. Lolu suku olokusikhumbuza
ngezindlela zokuphepha emgwaqeni ez-ingasindisa impilo yethu. Lokhu kuban-
dakanya ukufasa amabhande kanye nokungaphuzi utshwala bese ushayela.
UNdAsA 4 - 8Isonto Lezempilo EzikoleniImpilo ezikoleni imayelana nokufundisa izingane
ngokugwema izifo ukuze zibe nempilo futhi ziphile
isikhathi eside. UMnyango WezeMpilo e-KZN
unezinhlelo eziningi ezigqugquzela impilo ezikoleni.
Sebenzisa leli sonto ukukhuthaza ukudliwa kokudla
okunempilo emakhaya kanye nokugwema izifo –
kakade konke kuqala ekhaya.
UNdAsA 8 - 14Usuku Lomhlaba LweGlaucomaIGlaucoma iyimbangela engeyesibili ekuholeleni
ekungabonini lapha eNingizimu Afrika. Leli sonto
elokuqwashisa ngalokho. Ucwaningo luveza ukuthi labo
bantu abadla ukudla okufanele baba ngcono.
UNdAsA 16 - 22Usuku Lomhlaba Lokuqwashisa Ngosawoti Izakhamizi zaseNingizimu Afrika zidla usawoti omningi ongadingekile. Lokho kuchaza ukuthi bazoba
baningi abazoguliswa umfutho wegazi ophezulu. Ake uqale ukupheka ngosawoti omncane ubone umehluko
empilweni yomndeni wakho. Fundisa izingane ukuba zejwayele ukudla ukudla okunosawoti omncane ukuze
zejwayele ukudla ngendlela enempilo noma sezindala.
8
24
12
2120
Usuku Lomhlaba LabesifazaneNakuba izwe lethu lithuthukisa abantu besifazane kepha ziseningi izinselelo ezik-
hona. Enye yezinkinga eyokwenyuka kwezinga lokuhlukunyezwa kwabesifazane.
Lolu suku lugujwa emhlabeni wonke ukuhlonipha imizamo yabesifazane abamashela ukulin-
gana kwamalungelo eminyakeni eyi-101, kubuye kugqugquzelwe abesifazane ukuba bakhu-
lume ngokuhlukunyezwa. U-MEC uDhlomo uqalise umkhankaso wokulwa nokudlwengulwa
nokuhlukunyezwa kwabesifazane, wabe esecela wonke umuntu ukuba alwe nalokhu.
Usuku Lwam-alungelo Abantu
Eminyakeni engama-54 eyadlula, izinku-
lungwane zabantu zamasha ngokuthula
eSharpville, eGoli zilwa nobandlululo. Uhu-
lumeni wadubula, wabulala abantu aban-
gama-69 kwalimala abayi-180 okwenza
lolu suku lwabizwa ngolwesiBhicongo sase-
Sharpeville. Kuhulumeni wentando yeningi
kwathathwa isinqumo sokuthi lolu suku
lubizwe ngolwamaLungelo Abantu ukuze
kuhlonishwe labo bantu abafa ngalolo suku.
Usuku Lomhlaba Lwe-TB
Lolu suku olokuqwashisa umphakathi ukuthi
i-TB isewubhubhane emhlabeni wonke.
Umyalezo wanamuhla uthi i-TB ingelapheka.
Funda kabanzi ngayo.
Usuku Lomhlaba Lenso Uthi bewazi ukuthi ukuguliswa yinso kubantu besifazane kuyinto
eyejwayelekile? Abesifazane bedlula abesilisa kasithupha
ngokuguliswa yizinso. Lokhu kwenziwa ukuba lula kokungena
kwegciwane emzimbeni wowesifazane bese libanga ukugula
ezinsweni. Abasengozini kakhulu yilabo besifazane abaseban-
cane abenza njalo ucansi nalabo abakhulelwe. Okuyiyona ndlela
engugo ekugwemeni isifo sezinso ukuphuza amanzi amaningi!
INhloko yohlelo lwesifo Sofuba lapha KwaZulu-Natali, uBruce Margot ngale nyanga usethatha umhlalaphansi emva kweminyaka engama-43 esebenza emkhakheni wezempilo. Ezempilo zixoxe naye ngomlando womsebenzi wakhe kule minyaka edlule...
Ngabe ukukhula kwakho kuyilungise kanjani impilo yakho?Nakuba ngakhuliswa ngaphansi kwenkolo yamaKhatholika kepha angilona ikholwa noma usopolitiki, ngaholwa yimigomo yabazali bami ebandakanya:
Inhlonipho nobuqotho Ungaphambanisi imfundo nenhlakanipho Wamukele umphumela wezinqumo zakho Ayikho into yamahhala, yonke into iyasetshenzelwa
Waqala kanjani Kwezempilo?Ngaqala ukusebenza ngonyaka we-1972 eMnyangweni Wezempilo eDolobheni laseThekwini njengomsizi wezenhlanzeko, nganyuka nezikhundla kwaze kwaba yilesi sikhundla engikuso sokuba uMqondisi wohlelo lokulawulwa kwesifo sofuba.
Sicela usilandise ngomsebenzi wakho eMnyangweni?Lolu bekuwuhambo olumnandi, oluthokozisayo, olunembuyiselo nentobeko futhi. I-KZN igcwele abantu okube mnandi kakhulu ukubazi nokusebenza nabo. Ngifunde ukuthi ngokusebenza ngokubambisana akukho okungenzeke. Abantu base-KZN, umphakathi nabasebenzi bezempilo bayakwazi ukubhekana nezinselelo.
uBruce MargotINhloko yohlelo lwesifo Sofuba lapha e-KZN
Amazwi ahlakaniphileyo abhekiswe kwabanye abasebenzi bezempilo?Khumbula, kuyinhlanhla ukusebenzela u-DOH ngoba uba sethubeni lokwenza ngcono impilo yomphakathi. Ekugcineni, sonke siyingxenye yomphakathi. Umse-benzi owenza unenhloso nencazelo – ungakukhohlwa lokho!Jabulela usuku nosuku, nihlale njalo nisebenza njen-gethimba. Ungachithi sonke isikhathi sakho ehhovisi nasemihlanganweni, zinike ithuba lokuxhumana nawo wonke umuntu, abase-benzi bezempilo kanye nomphakathi, kuy-okumangaza oyokufunda, kuyakukhuthaza kukwenze uxhumane nokwenzekayo.
Uhlela ukwenzani uma usuthathe umhlalaphansi?Sizoshintsha ngokuphelele impilo sinom-kami. Sizoya edolobheni elincane lokudoba iSt Helena Bay elisogwini olusentshon-alanga neNtshonalanga Koloni – akunan-kinga, akunanqwaba yezimoto, akukho ngisho irobhothi! Ngizogxila ekuhambeni, ekuqwaleni izintaba nasekunyukeni izin-taba ngebhayisikili. Sifisa ukujabulela in-dalo ngokuhambela lonke izwe lethu elihle, ikakhulu iziqiwu (sibuke iziqiwu nezinyoni). Sengingumthwebulizithombe osafufusa kanti umkami ungumdwebi nompendi ngakho siyoziphumulela sichithe isikhathi esiningi nezingane kanye nomndeni!
NG
EM
Bo
Bo
KA
KH
IyE
Jabulela usuku nosuku, nihlale njalo nisebenza njengethimba.
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba