-
OKUPHAKATHI / OKUQUKETHWEOKUPHAKATHI / OKUQUKETHWEOKUPHAKATHI /
OKUQUKETHWEOKUPHAKATHI / OKUQUKETHWE
INKOLO YEZULU ELISHA NESONTO ELISHA NGOKUPHELELE
NANGOKWEMINININGWANE YAYO (n.1-3)
ISAHLUKO 1
UNKULUNKULU UMDALI
UBUNYE BUKANKULUNKULU
(i) Zonke iziBhalo eziNgwcele kanye nazo zonke izimfundiso
ezisuselwe kuzo zamasonto ezwe
loBukhrestu,zifundisa ukuthi kukhona uNkulunkulu futhi
Munye......(n.5-7)
(ii) Kukhona umngenela ovela kuNkulunkulu ezintweni zonke,ongena
emiphe-fumulweni yabantu
othi kukhona uNkulunkulu,nokuthi Munye......(n.8)
(iii) Ngalesisizathu, emhlabeni asikho nesisodwa isizwe
esinenkolo nengqondo ecabanga
iqondise,kepha besiphika ukuthi uNkulunkulu ukhona nokuthi Munye
(n.9, 10)
(iv) Mayelana nohlobo lwaKhe loNkulunkulu,izizwe nabantu
bayahlukana,nana-muhla
basehlukene ngenxa yezizathu ezithile eziningi......(n.11)
(v) Ingqondo yomuntu ingase ikuzwe,ikuthole ngokusukela
ezintweni eziningi emhlabeni
wemvelo,ukuthi uNkulunkulu ukhona,uma nje ithanda,nokuthi Munye
(n.12)
-
(vi) Ukuba uNkulunkulu akaMunye noma akaYedwa,indalo yayingeke
idalwe ilondolozwe…..(n.13)
(vii) Lowomuntu ongavumi ukuthi uNkulunkulu ukhona uyakhishwa
ebandleni alahlwe......(n.14)
(viii) Kulabobantu abakholwa koNkulunkulu abambalwa esikhundleni
sikaNku-lunkulu
oyedwa,akukho lutho lweSonto olusala kubo lubekhona oluyisigxila
(n.15)
UBUNKULUNKULU OBUNGUJEHOVA
(i) LoNkulunkulu oyedwa ubizwa ngokuthi nguJehova ngokusukela
eNgqo-tsheni yaKhe,ngokuba
nguYena yedwa okhona,noyakubakhona; nangenxa yokuba uyiSiqalo
neSiphelo,amaQaliso
namaGcino,uAlpha noOmega......(n.19)
(ii) LoNkulunkulu oyedwa uyiNgqikithi uqobo lwayo,neSimo uqobo
lwaso; nezi-ngelosi nabantu
bayingqikithi nesimo ngokusukela kuYena; nakangangoba beku-Ye
naYe ekubo,kangako futhi
bangumfanekiso waKhe bafana naYe......(n.20)
(iii) OnguBunkulunkulu uyibo busoqotsheni lwabo,kunjalo-nje
buKhona kubona
luqobo......(n.21.22)
(iv) UBunkulunkulu bukhona oqotsheni lwabo ngeke baveza obunye
uBunkulu-nkulu
obunguBunkulunkulu obukhona oqotsheni lwabo;ngakhoke ngeke
kwaba-khona omunye
uNkulunkulu oneNgqobo efanayo......(n.23)
-
(v) Umqondo woNkulunkulu abaningi,endulo nanamuhla,wavezwa
wukuba inhlobo yoBunkulunkulu
ayiqondakalanga......(n.24)
UKUNGABINASIPHELO KUKANKULUNKULU, NOMA UBUKHULU BAKHE
NEPHAKADE
(i) UNkulunkulu kanasiphelo,ngoba ukhona oQotsheni lwaKhe,nazo
zonke ezisendalweni zikhona
ngokusukela ngokusukela kuYena......(n.28)
(ii) UNkulunkulu kanasiphelo ngokuba wayekhona lingakabibikho
izwe,kanjalo ungakabibikho
umkhathi nesikhathi......(n.29)
(iii) Selokhu umkhathi wadalwa,uNkulunkulu usemkhathini ebe
engaphandle komkhathi
nasesikhathini ebe engaphandle kwesikhathi......(n.30)
(iv) Ukungabinasiphelo kukaNkulunkulu mayelana nomkhathi kubizwa
ngokuthi
nguBukhulu,namayelana nesikhathi kubizwa ngokuthi yiPhakade;
kepha noma lokhu kulinganisa
kukhona,akukho lutho lomkhathi eBukhulwini baKhe,nalutho
lwesikhathi ePhakadeni
laKhe......(n.31)
(v) Wonke umuntu onengqondo ekhanyelwayo,angakubona
ukungabinasiphelo kukaNkulunkulu
ngokusukela ezintweni eziningi emhlabeni wemvelo......(n.32)
(vi) Zonke izinto ezidaliwe zinesiphelo,nokungenasiphelo
kukhongozelwe yizinto ezinesiphelo
njengokusesitsheni sakho,kukubantu ngokungathi kuse-mfanekisweni
wakho…….. (n.33,34)
-
INGQOBO KANKULUNKULU ELUTHANDO LOBUNKULUNKULU NE-NHLAKANIPHO
YOBUNKULUNKULU
(i) UNkulunkulu uluThando uqobo lwalo nenhlakanipho uqobo
lwayo,lezizinto ezimbili ziyiNgqobo
yaKhe......(n.37)
(ii) UNkulunkulu unguKulunga uqobo lwakho neQiniso uqobo
lwalo,ngoba uKu- lunga
ngokoThando,neQiniso ngeleNhlakanipho......(n.38)
(iii) UNkulunkulu, ngesizathu sokuba eluThando uqobo lwalo
neNhlakanipho uqobo lwayo, kanjalo
ungukuPhila uqobo lwakho,kusoqotsheni lwakho……. .(n.39,40)
(iv) UThando neNhlakanipho kuNkulunkulu kwenza
ntonye......(n.41,42)
(v) Ingqobo yoThando ngukuthanda abanye abangaphandle
kwalo,nokufisa ukubamunye
nabo,nokubenza bajabule ngokusukela kulona luqobo
.....(n.43-45)
(vi) Lezizinto uThando loBunkulunkulu oluyizo,yizona ezabanga
ukuba kuvele indalo yakho
konke,yizona futhi ezenza ukuba indalo ibe ilokhu ikhona futhi
ilondolozekile.....(n.46,47)
UBUNINIMANDLONKE, NOKWAZIKONKE, NOKUBANDAWOZONKE
KUKANKULUNKULU
(i) UBuninimandlonke,noKwazikonke,noKubandawozonke kuwuhlobo
loThando lobuNkulunkulu
neNhlakanipho yoBunkulunkulu......(n.50,51)
-
(ii) UBuninimandlonke,noKwazikonke noBundawozonke koBunkulunkulu
bunge -qondakale
ngaphandle kokuba kwaziwe ukuthi yini iHlelo,nokuthi ekudaleni
kwaKhe wamisa ihlelo endalweni
nakuzo zonke izingxenye zayo......(n.52-55)
(iii) Ubuninimandlonke bukaNkulunkulu kuyo yonke indalo
nasezingxenyeni zayo
buphuma,busebenze ngokulandelene nemithetho yeHlelo laKhe….
(n.56-58)
(iv) UNkulunkulu wazi konke,okungukuthi,uzwa konke,ubona
konke,futhi wazi zonke izinto,ngisho
nemininingwanyana emincinci yahanjiswa ngehlelo,nango-kusukela
kulokhu,wazi konke okwenziwe
kwaphambana nehlelo......(n.59-62)
(v) UNkulunkulu uNdawozonke kusukela emaqalisweni kuya
emagcinanise-lweni ehlelo
laKhe......(n.63,64)
(vi) Umuntu wadalwa waba yisimo sehlelo
lobuNkulunkulu......(n.65-67)
(vii)Umuntu unamandla okulwa nobubi namanga ngokusukela
eMandleni
oBunkulunkulu,unenhlakanipho ngokusukela eKwazinikonke
koBunkulunkulu; futhi umuntu
ukuNkulunkulu ngokusukela eBundawozonkeni boBunkulunkulu
kangangalelo banga aphila ngeHlelo
loBunkulunkulu ngalo….(n.68-70)
UKUDALWA KWENDALO
Kakho ongaba nengqondo eyiqiniso ngokuphelele ngokudalwa
kwendalo noma komkhathi uma
-
kungaqalangwa kwavezwa ulwazi oluyizesekelo ngokubanzi ukuze
kukhanyiswe ingqondo......(n.75)
Ukudalwa kwendalo okuchazwe emiLandweni
ebalulekile....(n.76-80)
_______________
ISAHLUKO 2
INKOSI UMKHULULI
(i) uJehovah uNkulunkulu wehla wathabatha uBuntu ukuze akhulule
asindise isizwe sabantu
......(n.82-84)
(ii) uJehovah uNkulunkulu wehla eliQiniso
loBunkulunkulu,eliyiZwi,kepha nokho kalahlukanisanga
noKulunga koBunkulunkulu......(n.85-88)
(iii) UNkulunkulu wathabatha uBuntu ngendlela yehlelo laKhe
loBunkulunkulu (89-91)
(iv) UBuntu,uNkulunkulu azithuma ngaBo Yena weza ezweni,yiBona
iNdodana kaNkulunkulu
(n.92-94)
(v) INkosi yazenza yaba nguKulunga ngokwenza kwaYo kokusikhulula
(n.95-96)
(vi) Ngazo lezozenzo iNkosi yazihlanganisa Yona noYise, noYise
wazihlanga-nisa
-
naYo......(n.97-100)
(vii) Ngaleyondlela UNkulunkulu waba nguMuntu,noMuntu waba
uNkulunkulu, Mntwini
munye......(n.101-103)
(viii) Inqubeko eyayibange enhlanganisweni kwakuyisimo saYo
sokuzigeqa ubuntu noma
sokuzikhiphela ngaphandle,nenhlanganiso uqobo lwayo iyisimo saYo
sokudunyiswa …..(n.104-106)
(ix) Kusukela kuleyo nkathi kakho uMkhrestu ongena ezulwini
ngaphandle kokuba akholwe
eNkosini uNkulunkulu UMsindisi [futhi aqondane naye
kuphela.]......(n.107-108)
(x) Okulandelisiweyo mayelana nesimo seSonto ngaphambi kokuza
kweNkosi, nesimo salo
ngemva kwalokho......(n.109)
INKULULO
(i) Uqobo lwenkululo kwaba ngukwahlulwa kwezihogo,nokuhlelwa
kwamazulu okufanele,kanjalo
kwaba ngukulungiselwa kweSonto eliSha likaMoya (n.115-117)
(ii) Ngaphandle kwaleyonkululo,kakho umuntu owayeyobe
esasindiswa,ngisho nesimo sezingelosi
sokuphelela sasingeke sibe sisaqhubeka......(n.118-120)
(iii) Ngokunjalo-ke iNkosi ayikhululanga abantu bodwa kepha
yakhulula nezingelosi......(n.121,122)
(iv) INkululo yabangumsebenzi wobuNkulunkulu
geqé......(n.123)
-
(v) LeNkululo yayingeke yafezeka ngandlela mbe kuphela
ngoNkulunkulu ophe-nduke waba
nguMuntu......(n.124,125)
(vi) Izinhlungu zasesiphambanweni zazingeyiyo inkululo,kepha
zaziyisilingo sokugcina iNkosi
eyasithwalayo ekubeni inguMphrofethi ongaphezu kwabo bonke; zaba
yindlela yokudumisa uBuntu
baYo......(n.126-131)
(vii) Kuyisisekelo seSonto esiyiphutha ukukholwa ngukuthi
izinhlungu zasesi-phambanweni
zaziluqobo lwenkululo; leliphutha,selixubene nelinye elimayelana
naBantu abathathu
abangoNkulunkulu kusukela phakade,lahlanekezela lonke
iSonto,kangangokuba akukho lutho
lukamoya olusasele kulo......(n.132,133)
______________________
ISAHLUKO 3
UMOYA OYINGCWELE NENSEBENZO YOBUNKULUNKULU
(i) UMoya oyiNgcwele yiQiniso loBunkulunkulu,namandla okufeza
oBunkulu-nkulu,neNsebenzo
yoBunkulunkulu eqhamuka kuNkulunkulu,okukuYe ubuTha-thu
boBunkulunkulu,kanjalo eqhamuka
eNkosini uNkulunkulu uMsindisi (n.139-141)
(ii) Amandla okuFeza nensebenzo yoBunkulunkulu,okuqhanyiswa
ngoMoya oyiNgcwele,ngokubanzi
ngawokwakha busha nokuzala busha;lokhu kulandelwe ngukwenziwa
musha,nokuphila
-
kabusha,nokungcweliswa nokufaneliswa;nalokhu futhi kulandelwe
ngukuhlanzwa ebubini
nokugudluzwa kwezono;kugcine kube
ngukusindiswa......(n.142-145)
(iii) Amandla okuFeza neNsebenzo yoBunkulunkulu, okushiwo
ngokuthumela uMoya
oyiNgcwele,kuwukukhanyiselwa nokufundiswa,ikakhulu kwabefundisi
(n.146-148)
(iv) INkosi isebenzisa lawamandla kulabo abakholwa
kuYo......(n.149-151)
(v) INkosi isebenza ngokwaYo isusela kuYise,ayisebenzi
ngokukaYise isusela kuYona.....(n.153-
155)
(vi) Umoya womuntu ngumqondo wakhe nakhokonke okuphuma
kuwona......(n.156,157)
Okulandelisiweyo:- Akukho ndawo eThestamenteni eliDala lapho
kuthi khona abaPhrofethi
babekhuluma besusela kuMoya oyiNgcwele,kuthiwa babekhuluma
besusela kuJehovah uNkulunkulu;
kepha kakunjalo kwiThesta-mente eliSha......(n.158)
UBUTHATHU BOBUNKULUNKULU
(i) Kukhona ubuThathu boBunkulunkulu, obunguYise, neNdodana
noMoya
oyiNgcwele......(n.164,165)
(ii) Lokhu okuthathu, uYise, neNdodana noMoya oyiNgcwele
yizingqikithi ezintathu zikaNkulunkulu
munye,ezenza ntonye,njengomphefumulo,nomzimba nezenzo kuntonye
kumuntu......(n.166-169)
(iii) LobuButhathu babungekho ungakadalwa umkhathi noma indalo;
kepha emuva kokudalwa
kwendalo,uNkulunkulu esebe nguMuntu,bahlinzekwa
babakhona,babaseNkosini uNkulunkulu
-
uMkhululi noMsindisi,uJesu Khrestu (n.170,171)
(iv) UButhathu baBantu abangoNkulunkulu kusukela phakade,noma
kusukela ngaphambi
kokudalwa komhlaba,lokho,emqondweni ngubuthathu bawonkulu-nkulu;
lomqondo kawunaze
ugudluzwe ngokuvuma ngamagama-nje omlomo ukuthi uNkulunkulu
munye......(n.172,173)
(v)UButhathu baBantu babuyinto engaziwa ngesikhathi seSonto
labaPhostoli, kepha
bachanyuselwa nguMkhandlu waseNice,base bethulwa eSontweni
loBu-khatholika laseRoma,basuka
lapho bangena nasemaSontweni aphuma kulo (n.174,176)
(vi)Emfundisweni yaseNice nakwekaAthanasiu mayelana
noButhathu,yilapho kwavela khona inkolo
yokukholwa konkulunkulu abathathu,okuyiyona nkolo esihlanekezele
lonke iSonto
lobukhrestu......(177,178)
(vii) Kulokhu kwasekuvela lesosinengiso sencithakalo,nalolosizi
olungekho oluyobuye lufane
nalo,iNkosi eyalubikezela
kuDanieli,nakubaVangeli,nasesa-Mbulweni......(n.179-181)
(viii) Ngaso lesisizathu,uma iNkosi yayingakhanga izulu elisha
nomhlaba omusha,ngabe akukho
nyama eyabuye yasindiswa......(n.182)
(ix) Ngenxa yomqondo wokuthi oNkulunkulu bathathu, kuyilowo
nalowo enguNkulunkulu ngokwakhe
njengokusho kwesiVumo sokholo sikaAthanasiu, sekwavela
izimfundiso eziningi ezibhimbha
ngokwehlukehlukene mayelana noNkulunkulu, eziyinhlamba
namanyala......(n.183,184)
_____________________
-
ISAHLUKO 4
IZIBHALO EZINGCWELE NOMA IZWI LIKANKULUNKULU
I. Izibhalo EziNgcwele noma iZwi likaNkulunkulu yiQiniso
lobuNkulunkulu uqobo lwalo......(189-192)
II. EZwini kukhona ingqondo kamoya ebikade ingakaziwa kuze kube
manje (n.193)
(i) Ukuthi yini ingqondo kamoya......(n.194)
ENkosini kuphuma okwezulu lamazulu koBunkulunkulu,kwezulu
likamoya koBunkulunkulu kanye
nokwezulu lemvelo koBunkulunkulu ngokulandelana (n.195)
(ii) Ingqondo kamoya ikulo lonke iZwi nakuzo zonke izingxenye
zalo.(n.196-198)
Ngesikhathi iNkosi isemhlabeni wemvelo,yayikhuluma
ngemifanelano,kanjalo nangengqondo
kamoya; okusho ukuthi yayikhuluma ulimi lwemvelo kepha
lumu-methe ingqondo
kamoya......(n.199)
(iii) Yingqondo kamoya eyenza ukuba iZwi lifunzelelwe
ngokoBunkulunkulu nokuba onke amagama
alo abengcwele......(n.200)
(iv) Kuze kube manje ingqondo kamoya yeZwi ibingakaziwa; yize
babeyazi
abasendulo......(n.201-207)
(v) Akuseyukubabikho muntu oyokhanyiselwa ingqondo kamoya yeZwi
nga-phandle kwalabo
abasemaqinisweni ayiwonawona aphuma eNkosini......(n.208)
-
(vi) Izinto ezithile ezimangalisayo mayelana neZwi engqondweni
yalo kamoya (n.209)
III.Ingqondo yamabala yeZwi yisisekelo nesiphatho nodondolo
lwengqondo yaLo kamoya neyezulu
lamazulu......(n.210-213)
IV.Engqondweni yamabala yeZwi,iQiniso loBunkulunkulu
lisekupheleleni kokugcwala
kwalo,nasebungcweleni balo,nasemandleni
alo......(n.214-216).
(i) Amaqiniso engqondo yamabala yeZwi yiwo ashiwoyo ngamatshe
aligugu okwakwakhiwe ngawo
izisekelo zeJerusalem eliSha, (elichazwa kusaMbulo), ngenxa
yomfanelwano
yalawomatshe......(n.217)
(ii) Ukulunga namaqiniso eZwi engqondweni yalo yamabala
kufanelana ne-Urim neThummin
emvunulweni (Efodi) kaAaron......(n.218)
(iii) Ukulunga namaqiniso emaphethelweni,njengalokhu kunjalo
engqondweni yamabala
yeZwi,yikhona okushiwoyo ngamatshe aligugu eNsimini yase-Eden
lapho kuthiwa khona inkosi
yase-Tire yayikade ikhona (ku-Hezekia)......(n.219)
(iv) Khona lokhu futhi kwakufanekiswe ngamakhethini, amaveyili
nezinsika zethabanekeli
kuqhamisa ingaphandle lalokho kulunga
namaqiniso......(n.220)
(v)Yikho lokho futhi okwakufanekiswe ngengaphandle lethempeli
eJerusalem (n.221)
(vi) IZwi lisebukhazikhazini balo lafanekiswa ngeNkosi mhla
iguquka esinye isimo ......(n.222)
-
(vii) Amandla eZwi lisemaphethelweni lafanekiswa
namaNazaretha......(n.223)
(viii) Mayelana namandla eZwi angakhulumekiyo......(n.224)
V. IMFUNDISO YESONTO KUFANELE ISUSELWE ENGQONDWENI YAMABALA
YEZWI UKUZE
IGXILE......(n.225,229,230)
(i) Ngaphandle kwemfundiso,iZwi
lingeqondakale......(n.226-228)
(ii) Imfundiso kufanele isuselwe engqondweni yamabala yeZwi
khona izogxila iqiniseke......(n.229-
230)
(iii) Iqiniso eliyilonalona,elingumthombo wemfundiso,engqondweni
yamabala yeZwi lisobala kuphela
kulabo abakhanyiselwe yiNkosi......(n.231-233)
VI. Ngenxa yalengqondo yamabala yeZwi kukhona ukuhlanganiswa
neNkosi nobudlelwane
nezingelosi......(n.234-239)
VII. IZwi likuwo wonke amazulu,yilo umthombo wenhlakanipho
yobungelosi (n.240-242)
VIII. Isonto likhona ngeZwi, nohlobo isonto eliyilo kumuntu
lulandelene nokuqonda umuntu aliqonda
ngakho......(n.243-247)
IX. Kuyo yonke imininingwane yeZwi kukhona umshado weNkosi
nesonto,um-phumela wawo kuba
wumshado wokulunga neqiniso......(n.248-253)
X. Kungase kwakheke izedukiso ngokusukela engqondweni yamabala
yeZwi, kepha kuyalimaza
-
ukuzigxilisa ngobufakazi......(n.254-260)
(i) Izinto eziningi eZwini ziyizimbonakalo zeqiniso,okucashe
kuzo amaqiniso oku-
yiwonawona......(n.257)
(ii) Izedukiso zivezwa ngukugxilisa ngobufakazi izimbonakalo
zeqiniso.....(n.258)
(iii) Ingqondo yamabala yeZwi iyisihlangu samaqiniso ayiwonawona
acashe pha-kathi
kuyona......(n.259)
(iv) Ingqondo yamabala yeZwi yayifanekisiwe,kanjalo iqhanyiswa
eZwini ngama-
Kherubim......(n.260)
XI. Ngesikhathi iNkosi ilapha emhlabeni wemvelo yagcwalisa zonke
izinto zeZwi, ngalokho yaba
yiZwi, okungukuthi yaba yiQiniso loBunkulunkulu uqobo
lwalo,ngi-sho
nasemaphethelweni......(n.261-263)
XII. Ngaphambi kweZwi leli elikhona emhlabeni,kwakukhona elinye
iZwi elala-hlekayo......(n.264-
266)
XIII. NgeZwi,nabo labo abangaphandle kweSonto,bengenalo,banakho
ukukha-nya......(n.267-272)
XIV.Ngaphandle kweZwi akukho muntu owengaba nalo ulwazi
ngoNkulunkulu na –
ngezulu,nangesihogo,nangempilo esemva kokufa,ikakhulu
ngoNkulunkulu (n.273-276)
-
ISAHLUKO 5
IKHATHEKISEMU NOMA IMITHETHO ELISHUMI ICHAZWE NGOKWENGQO-
NDO YANGAPHANDLE NANGOKWENGQONDO YANGAPHAKATHI.
I. Esontweni loBuIsrael imiThetho eliShumi yayingubungcwele
uqobo lwabo; mayelana nobungcwele
bomphongolo owawuhlala umThetho......(n.283-286)
II. Engqondweni yamabala imithetho eyishumi iqukethe imiyalo
yenkolo nempilo ngokubanzi; kepha
engqondweni kamoya nasengqondweni yezulu lamazulu iqukethe yonke
imiyalo
ngokubanzi......(n.287-290)
III. Umyalo wokuqala: Ungabi nabo abanye onkulunkulu ngaphambi
kwaMi (n.291-296)
IV. Umyalo wesibili: Ungaliphathi kalulana igama likaNkulunkulu
wakho;ngokuba uJehovah
kayikusho ukuthi kanacala oliphatha ngeze igama
laKhe....(n.297-300)
V. Umyalo wesithathu:Khumbula usuku lweSabatha ukuba ulugcine
lube ngcwe --le.Uyakusebenza
izinsuku eziyisithupha uwenze wonke umsebenzi wakho;ke-pha usuku
lwesikhombisa yiSabatha
kuJehovah uNkulunkulu wakho...... (n.301-304)
VI. Umyalo wesine: Hlonipha uyihlo nonyoko ukuze zandeizinsuku
zakho uhlale kahle
-
ezweni......(n.303-308)
VII. Umyalo wesihlanu: Ungabulali......(n.309-312)
VIII. Umyalo wesithupha:Ungaphingi......(n.313-316)
IX. Umyalo wesikhombisa:Ungebi......(n.317-320)
X. Umyalo weshiyagalombili:Ungafakazi ngamanga ngomakhelwane
wakho (n.321-324)
XI. Umyalo weshiyagalolunye noweshumi: Ungafisi indlu
kamakhelwane wa-kho;ungafisi umfazi
kamakhelwane wakho,nasisebenzi sakhe,sesilisa
nesesi-fazane,nenkabi yakhe,nembongolo
yakhe,noma lutho luni olungolukamakhe-lwane
wakho......(n.325-328)
XII. ImiThetho eliShumi iqukethe konke okumayelana nothando
lokuthanda lukaNkulunkulu,nakho
konke okuphathelene nothando lokuthanda
umakhe-lwana......(n.329-331)
______________________
ISAHLUKO 6
INKOLO
-
ISandulelo: Inkolo ngeyokuqala esikhathini,kepha ukulunga
ngokokuqala maye-lana
nenhloso......(n.336)
I. Inkolo esindisayo yinkolo yokukholwa eNkosini uNkulunkulu
uMsindisi,uJesu Khrestu......(n.337-
339)
Njengoba unguNkulunkulu obonakalayo okukuYena kukhona
okungenakubonakala......(n.339)
II.Inhlanganisela ephelele nengqikithi yenkolo ngukuthi,lowo
ophila kahle futhi ekholwa
ngokuyikho,uyasindiswa yiNkosi......(n.340-342)
Isiqu sokuqala senkolo yokukholwa kuYo wukuvuma ukuthi
uyiNdodana kuNku-lunkulu......(n.342)
III. Umuntu uzuza inkolo ngokuya eNkosini, afunde amaqiniso
eZwini,bese impi-lo elandelene
nawo......(n.343-348)
(i) Mayelana nokubakhona kwenkolo,ingqobo yayo,isimo sayo
nesakheko sayo......(n.344,seq)
(ii) Mayelana nenkolo yemvelo geqe,eyinkolisa elingisa
inkolo......(n.345-348)
IV. Amaqiniso athile ahlangana sengathi enza
ntonye,ayayiphakamisa futhi ayi-phelelise
inkolo......(n.349-354)
(i) Amaqiniso enkolo anokwanda
ngokungenamkhawulo......(n.350)
(ii) Amaqiniso enkolo emi ngohele,kanjalo,ngokungathi emi
izixuku......(n.351)
-
(iii) Inkolo ipheleliswa ngokulandelene nobuningi nokuhlangana
kwamaqiniso
(n.352,353)
(iv) Amaqiniso enkolo,noma angaze abe maningi kangakanani,noma
angabo-nakala
ehlukehlukene kangakanani ngezinhlobo,enze ntonye
eNkosini…(n.354)
(v) Ukuthi iNkosi iyiZwi,uNkulunkulu wezulu nomhlaba,
uNkulunkulu wayo yonke inyama,
uNkulunkulu wesivini noma weSonto,uNkulunkulu wenkolo,uKukhanya
uqobo
lwakho,iQiniso,nokuphila okungunaphakade,kukhonjisiwe
eZwini…(n.354)
V. Inkolo engenakulunga akuyona inkolo,nokulunga okungenayo
inkolo akuyikho ukulunga,kukho
kokubili akukho okunempilo ngokwakho ngaphandle kwevela
eNkosini......(n.355-361)
(i) Umuntu uyakwazi ukuzizuzela inkolo......(n.356)
(ii) Umuntu uyakwazi ukuzizuzela ukulunga......(n.357)
(iii) Umuntu uyakwazi futhi ukuzizuzela impilo yenkolo
neyokulunga......(n.358)
(iv) Nokho akukho lutho lwenkolo noma lokulunga noma lwempilo
yakho koku-
bili oluvela kumuntu,kepha luvela eNkosini
kuphela......(n.359)
(v) Umahluko phakathi kwenkolo yemvelo nenkolo kamoya;ekamoya
ivela
eNkosini,ikweyemvelo......(n.360,361)
-
VI. INKOSI, NOKULUNGA, NENKOLO KWENZA NTONYE, NJENGEMPILO,
NENTANDO
NENGQONDO KUMUNTU; UMA KWAHLUKENE KUYABHUBHA NGAKUNYE NJENGE
PHARELE LICOYISEKE LABA YIMVUTHU...... (n.362-367)
(i) INkosi ingena kumuntu ngalolonke uThando lwaYo
loBunkulunkulu, ngayo yonke iNhlakanipho
yoBunkulunkulu,kanjalo ngayo yonke iMpilo yaYo
yobuNku-lunkulu......(n.365)
(ii) Ngalokho-ke iNkosi ingena kuwowonke umuntu ngayo yonke
ingqikithi yenkolo nokulunga.
(iii) Lezozinto ezingena zivela eNkosini kumuntu umuntu
uzamukela ngokula-ndelene nesimo
sakhe nesakheko noma nohlobo lwakhe......(n.365)
(iv) Kepha umuntu owahlukanisa iNkosi,nokulunga,nenkolo uwuhlobo
noma isakheko
esingamukelekiyo,oluzibulalayo lezizinto......(n.367)
VII. INKOSI NGUKULUNGA NENKOLO KUMUNTU, NOMUNTU UNGUKULU -NGA
NENKOLO
ENKOSINI......(n.368-372)
(i) Kungukuhlanganiswa noNkulunkulu okwenza ukuba umuntu abe
nokusindi-
swa nempilo yanaphakade......(n.369)
(ii) Ukuhlanganiswa noNkulunkulu uYise akunakwenzeka, kepha
kuphela
kukhona ukuhlanganiswa neNkosi,ukuze kuxhumaneke noNkulunkulu
uYise
(n.370)
(iii) Ukuhlanganiswa kweNkosi nomuntu kuyenanana,okungukuthi
umuntu uba
seNkosini,neNkosi iba kumuntu......(n.371)
-
(iv) Lokhu kuhlanganiswa kweNkosi nomuntu okwenananayo kufezwa
ngokulu-
nga nenkolo......(n.372)
VIII.UKULUNGA NOMA ISISA SENHLIZIYO NENKOLO KUNDAWONYE
EMISEBENZINI
ELUNGILEYO......(n.373-377)
(i) Ukulunga wukuthanda okulungileyo,nemisebenzi elungileyo
wukwenza
okulungileyo ngokusukela othandweni lokulungileyo
(ii) Ukulunga nenkolo yizinto ezintanta nje emqondweni
ngaphandle kokuba
zisimamiswe ngezenzo noma nini nxa kutholakala ithuba,zibe
ndawonye
ezenzweni......(n.375,376)
(iii) Ukulunga kukodwa,ikakhulukazi inkolo iyodwa, akuyikhiqizi
imisebenzi
elungileyo,kepha imisebenzi elungileyo ikhiqizwa wukulunga
nenkolo ku-
hlangene......(n.377)
IX. KUKHONA INKOLO YEQINISO, NENKOLO ENGESIYO EYEMPELA,
KU-BEKHONA
NENKOLO YOKUZENZISA......(n.378-381)
Isonto loBukhrestu,kusukela ebuntwaneni balo bokuqala
ngqá,laqala uku-
khathazeka nokudatshulwa phakathi ngukwahlukana nesedukiso
(kukhulunywa ngakho lokho ku n. 378)
(i) Inkolo okungukuphela kwayo eqinisileyo yinkolo yokukholwa
eNkosini uNku
-
-lunkulu,uMsindisi uJesu Khrestu; nalenkolo ikulabo abakholwa
nguYe uku-
thi uyiNdodana kaNkulunkulu,noNkulunkulu wezulu nomhlaba,nokuthi
mu-
nye noYise……..(n.379)
(ii) Inkolo engeyona eyempela yileyo eyahlukileyo kuleyo eyodwa
yeqiniso,
ekulabo abakhwela ngenye indlela,abenza iNkosi sengathi ayiYona
uNkulu-
nkulu kepha ingumuntu nje phaqa......(n.380)
(iii) Inkolo yokuzenzisa akuyona inkolo......(n.381)
X. KWABABI AYIKHO INKOLO......(n.382-384)
(i) Ababi abanankolo, njengoba ububi bungobasesihogweni,kepha
inkolo
ingeyasezulwini......(n.383)
(ii) Labo ezweni loBukhrestu abalahla iNkosi neZwi,yize bephila
impilo enhle
bekhuluma,beloba ngokungathi banokuqonda nangayo inkolo
imbala,kaba-
nankolo......(n.384)
_________________
ISAHLUKO 7
-
UKULUNGA NOMA UTHANDO LOKUTHANDA UMAKHELWANE, NEMISE-BENZI
ELUNGILEYO
I.KUKHONA IZINTANDO EZINTATHU EZINKULU; UTHANDO LOKUTHANDA
THANDA IZULU,NOTHANDO LOKUTHANDA IZWE,NOTHANDO LOKUZI-
THANDA ......(n.394-396)
(i) Intando nengqondo......(n.397)
(ii) Ukulunga neqiniso......(n.398)
(iii) UThando ngokubanzi......(n.399)
(iv) Uthando lokuzithanda nothando lomhlaba
ikakhulukazi......(n.400)
(v) Umuntu ongaphandle nomuntu ongaphakathi......(n.401)
(vi) Umuntu wemvelo nomuntu wemizwa yenyama
geqé......(n.402)
II. LEZIZINTANDO EZINTATHU, UMA ZIHLELEKE NGOKULANDELANA
OKUFANELEYO, ZENZA UMUNTU ABE NGOPHELELEYO; KEPHA UMA
ZINGAHLELEKILE ZALANDELANA NGOKUFANELEYO, ZIYAMHLANEKE-
ZELA ZIMPHENDUKEZELE UMUNTU......(n.403-405)
III. WONKE UMUNTU NGAMUNYE UNGUMAKHELWANE OFANELE ATHA-
NDWE, KEPHA UKUTHANDWA KWAKHE KULANDELENE NOHLOBO
-
LOKULUNGA KWAKHE......(n.406-411)
IV. IMIBUTHANO YABANTU,ENGAMABANDLA AMANCANE NAMAKHULU,
NEZWE LAKUBO ELIYILAWO MABANDLA,NGUYENA MAKHELWANE
OFANELE ATHANDWE ......(n.412-414)
V. ISONTO LINGUMAKHELWANE OFANELE UKUTHANDWA NGISHO NA-
NGEBANGA ELINGAPHEZULU,NOMBUSO WENKOSI UTHANDWE NGE-
BANGA ELISEMQOKA......(n.415,416)
VI.UKUTHANDA UMAKHELWANE, NGOKUTHE NGQO,AKUSIKHO UKUTHA-
NDA ISIQU SOMUNTU, KEPHA NGUKUTHANDA UKULUNGA OKUKULO-
WO MUNTU......(n.417-419)
VII. UKULUNGA NEMISEBENZI ELUNGILEYO YIZINTO EZIMBILI
EZAHLU-
HLUKENEYO,NJENGOKUTHANDA OKULUNGILEYO NOKWENZA OKU-
OKULUNGILEYO......(n.420-421)
VIII.UKULUNGA UQOBO LWAKHO NGUKWENZA NGEMFANELO NANGOBU-
QOTHO EMSEBENZINI ONGOWAKHE UMUNTU,NAKWAKWENZAYO,NA-
KULABO ATHINTANA NABO EMSEBENZINI......(n.422-424)
IX.IZENZO EZILUSIZO ZOKULUNGA NGUKUPHA ABAMPOFU,NOKUSIZA
ABASWELEYO,KODWA KWENZIWE LOKHU NGOKUQAPHELA
(n.425-428)
X. KUKHONA IMISEBENZI YOKULUNGA EQONDENE NOMPHAKATHI,NEQO-
-
QONDENE NEKHAYA,NEMINYE IQONDENE NOKWANGASESE
(n.429-432)
XI.IZINTO ZOKUZIJABULISA ZOKULUNGA NGAMADILI NEZIDLO
NOKUHLA-
NOKUHLANGANYELA NDAWONYE KWEZIHLALISANI......(n.433,434)
XII.INTO YOKUQALA YOKULUNGA NGUKUGUDLUZA UBUBI,EYESIBILI YI-
ZENZO EZILUNGILEYO EZILUSIZO KUMAKHELWANE......(n.435-438)
XIII. EKWENZENI UKULUNGA UMUNTU KAZINIKI IMFANELO NGENXA
YEMISEBENZI UMA-NJE ELOKHU EKHOLWA UKUTHI KONKE UKU-
LUNGA KUVELA ENKOSINI......(n.439-442)
XIV. IMPILO YOKWESABA IHLAZO,UMA ITHI INJALO KODWA FUTHI IBE
INGEKAMOYA,INGUKULUNGA......(n.433-445)
XV. UBUHLOBO BOTHANDO OBUNGANAKILE UKUTHI ISIMILO SESIHLO-
BO SINHLOBONI BUYALIMAZA EMVA KOKUFA......(n.446-449)
XVI. KUKHONA UKULUNGA OKUNGEYIKHO OKWEMPELA,NOKOKUZENZI-
SA,NOKUFILEYO......(n.450-453)
XVII. UBUHLOBO BOTHANDO PHAKATHI KWABABI BUNOMONGO OYINZO-
NDANO ENENGOZI ABANAYO OMUNYE KOMUNYE …..(n.454-455)
-
INKOLO YOBUKHRESTU EYIQINISO;INKOLO YOBUKHRESTU EYIQINISO;INKOLO
YOBUKHRESTU EYIQINISO;INKOLO YOBUKHRESTU EYIQINISO;
EQUKETHE
UKHOLO LWEZULU ELISHA NOLWESONTO ELISHA KABANZIUKHOLO LWEZULU
ELISHA NOLWESONTO ELISHA KABANZIUKHOLO LWEZULU ELISHA NOLWESONTO
ELISHA KABANZIUKHOLO LWEZULU ELISHA NOLWESONTO ELISHA KABANZI
__________________
INKOLO YEZULU ELISHA NESONTO ELISHA
1. 1. 1. 1. Lenkolo iqale yabekwa obala kabanzi ngaphambi
kwemininingwane yayo, ukuze ibe
yisandulelo somsebenzi olandelayo,futhi ibe njengesango
eliholela
emnyango wethempeli,nanjesiqoqo esiqukethe imininingwane
elandelayo no- bunjani bayo. Ibizwa
ngenkolo yeZulu eliSha neSonto eliSha ngoba izulu,eliyi-khaya
lezingelosi,nesonto elakhiwe
ngabantu,kubambisene,njengomuntu onga-phakathi nomuntu
ongaphandle; kanjalo umuntu wesonto
osekulungeni kothando okuvela emaqinisweni enkolo,futhi
esemaqinisweni enkolo avela ekulungeni
ko-thando,ngengaphakathi lakhe noma lomqondo wakhe,uyingelosi
yezulu; ekulesi-simo,emva
kokufa ungena ezulwini lapho enenjabulo khona kangangebanga
le-simo sokuxhumana kothando
-
lwakhe nenkolo yakhe. Makwaziwe ukuthi lenkolo
iyisandulelo,isango nesiqoqo seZulu eliSha
elimiswa yiNkosi njengamanje.
2. 2. 2. 2. INKOLO YEZULU ELISHA NESONTO ELISHA KABANZI INJE
:-
INkosi kusukela phakade,enguJehova,yeza emhlabeni ukuzocindezela
izihogo nokuzodumisa
uBuntu baYo; ngaphandle kwalokhu akukho muntu owayengasi-ndiswa;
kanjalo bayasindiswa labo
abakholwa kuYo.
[2222] Lokhu kubizwa ngenkolo ngokukabanzi,ngokuba lokhu
kungumnyombo wenkolo kabanzi;
nomnyombo wenkolo kabanzi umele ukuba kuleyo naleyonto,
nakuzozonke izinto zaleyonkolo.
Kungumnyombo wenkolo kabanzi ukuthi uNku-lunkulu unguMuntu
oyedwa nengqikithi yaKhe
iyodwa,okukuyo kukhona ubutha-thu bobuNkulunkulu,nokuthi
uyiNkosi uNkulunkulu uMsindisi uJesu
Khrestu. Ku-ngumnyombo wenkolo kabanzi ukuthi kakho umuntu
owayengasindiswa ngapha-ndle
kokuza kweNkosi emhlabeni. Kungumnyombo wenkolo kabanzi ukuthi
weza emhlabeni ukuba
azosusa isihogo ekuqhoqhobaleni umuntu,nokuthi wasisusa ngokulwa
naso,wasinqoba,kanjalo
wasicindezela,wasiphoqa simthobele. Kungu-mnyombo wenkolo
kabanzi ukuthi weza emhlabeni
ukuzodumisa uBuntu baKhe ayezobuthabatha emhlabeni
wemvelo,okungukuthi azobuhlanganisa
noBunkulu-nkulu [obungumsuka wazo zonke izinto],nangalokho ufake
izihogo ehlelweni na-
ngaphansi komthetho waKhe kuze kube phakade. Nanjengoba lokhu
kwakunga-fezwa kuphela
ngezilingo ezavunyelwa nguYe ukuba zimlinge eseBuntwini
ba-Khe,ngisho nesilingo
sokugcina,esasiyiminjunju yasesiphambano,naso wasibe-
2
kezelela. Lena yiminyombo yenkolo kabanzi malungana neNkosi.
[3333] Isimiso senkolo ngokubanzi ngasohlangothini lomuntu
wukuthi umuntu ku-mele akholwe
eNkosini; ngokuba ngokukholwa kuYo kubakhona ukuxhumana
naYo,nangalokho kubakhona
ukusindiswa. Ukukholwa eNkosini ngukuba nethe-mba noma iqholo
lokuthi iNkosi iyasindisa;
nanjengoba kuphela yilabo abaphila ngobuqotho
abanaleliqholo,nangalokhu kushiwo ukukholwa
kuYo. Futhi iNkosi iyakufundisa lokhu kuJohane :-
-
Lokhu kuyintando kaBaba,ukuba yilowo nalowo okholwa yiNdodana
abe nokuphila
Okuphakade (vi.40);
futhi:-
Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade;kepha ongakholwa
yiNdodana kayikubona
ukuphila,kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe
(iii.36).
3333.... INKOLO YEZULU ELISHA NESONTO ELISHA NGOKWEMINININGWANE
ikanje:-
UJehova uNkulunkulu unguthando uqobo lwalo nenhlakanipho uqobo
lwayo, noma ungukulunga
uqobo lwakho neqiniso uqobo lwalo; namalungana neqiniso
loBunkulunkulu,eliyiZwi,futhi
elalinguNkulunkulu okuNkulunkulu,wehla wathaba-tha uBuntu
ngenhloso yokufaka ehlelweni zonke
izinto ezabe zisezulwini,nazo-zonke izinto ezabe
zisesihogweni,nazozonke izinto ezabe
zisesontweni; ngokuba ngaleyonkathi amandla esihogo
ayesengaphezulu kwamandla
ezulu,nasemhla-beni amandla obubi ayesedlondlobele ngaphezu
kwamandla okulunga,nangenxa
yalokho ukubhubha geqé kwesintu kwase kumi kusikaza emnyango
waso. Leyo ngozi yokubhubha
kwabantu eyabe isizokwenzeka maduzane,yasuswa nguJe-hova
uNkulunkulu esebenzisa uBuntu
baKhe obabuyiqiniso loBunkulunkulu,ka-njalo wakhulula izingelosi
nabantu,nokuyilapho ahlanganisa
khona noBuntu ba-Khe iqiniso loBunkulunkulu nokulunga
koBunkulunkulu noma inhlakanipho yoBu-
nkulunkulu nokulunga koBunkulunkulu; kanjalo wabuyela
eBunkulunkulwini ba-Khe ayekubo
kusukela phakade noBuntu baKhe obudunyisiwe futhi
eseBuntwini
BaKhe obudunyisiwe. Konke lokhu yikho okushiwoyo ngalamazwi
kuJohane:-
ULizwi wabe enoNkulunkulu,noNkulunkulu wabe enguLizwi. ULizwi
waba yinyama (i.1,14);
kuye futhi uJohane:-
-
Ngaphuma kuBaba,ngize emhlabeni; futhi ngishiya umhlaba
ngibuyela kuBaba (xvi.28);
nangalamazwi:-
3
Siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu ifikile,isinikile ukuqonda
ukuze simazi oQinisileyo; sikuye
oQinisileyo,kuYo iNdodana yaKhe uJesu Khrestu.Lo unguNkulunkulu
oqinisileyo nokuphila
okuphakade (1 Johane v.20).
Kulamazwi kuyachacha ukuthi ngaphandle kokuza kweNkosi
emhlabeni,kakho umuntu
owayengasindiswa. Kusenjalo nanamhlanje; ngakhoke ngaphandle
kokuza kweNkosi emhlabeni
okwesibili eyiqiniso loBunkulunkulu,eliyiZwi,kakho
ongasindiswa.
[2222] IMINININGWANE YENKOLO OHLANGOTHINI LOMUNTU yile:-
(1) UNkulunkulu munye,kuYe kukhona ubuthathu
boBunkulunkulu,iNkosi
UNkulunkulu uMsindisi uJesu Khrestu uyilowo Nkulunkulu.
(2) Inkolo esindisayo ngukukholwa kuYe.
(3) Ububi abumele ukwenziwa,ngokuba bungobukadevela,futhi
buphuma
kudevela.
(4) Ukulunga kumele kwenziwe,ngokuba
kungokukaNkulunkulu,futhi
kuphuma kuNkulunkulu
(5) Ukulunga kumele kwenziwe ngumuntu ngokusengathi kwenziwa
nguye
;kodwa umuntu kumele akholwe wukuthi kwenziwa yiNkosi
ikumuntu
ngomuntu
Imininingwane emibili yokuqala iphathelene nenkolo,emibili
elandelayo ipha-thelene nesisa
senhliziyo,nowesihlanu uphathelene nokuhlangana kwesisa
senhliziyo nenkolo,kanjalo nokuhlangana
kweNkosi nomuntu.
-
_______________________
ISAHLUKO I.ISAHLUKO I.ISAHLUKO I.ISAHLUKO I.
UNKULUNKULU UMDALI
4. 4. 4. 4. Kusukela ngenkathi iNkosi isemhlabeni,iSonto
loBukhrestu seledlule ema-bangeni
ambalwa,kuqala ebuntwaneni balo kuze kube sekugugeni kakhulu
kwa-lo. Ubuntwana balo
babungenkathi yabaphostoli,lapho babeshumayela ukuphe-nduka
nenkolo eNkosini uNkulunkulu
uMsindisi kuwowonke umhlaba. Ukuthi ba-beshumayela lokhu
kusobala kulamazwi eZenzweni
zabaPhostoli:- Uphawuli wafakaza kubaJuda nakumaGreki
ukuphendukela kuNkulunkulu nokukholwa eNko- sini yethu uJesu
Khrestu (xx.21).
4
Kuyiqiniso eligqamile ukuthi ezinyangeni ezimbalwa
ezidlulile,iNkosi yabizela abafundi baYo
abayishuminambili ndawonye,manje sebeyizingelosi,yabathumela
kulolonke izwe likamoya nomyalo
wokuba bashumayele ivangeli kabusha,nje-ngoba isonto elalimiswe
yiYo ngabo lase liphele
kangangoba akusasele ngisho nomndondo walo; nalesisenzeko
sokuthunywa kwabafundi kabusha
ezweni lika-moya senzeke ngoba ubuthathu boBunkulunkulu
sebuhlakazwe baba ngabantu
abathathu,yilowo nalowo enguNkulunkulu neNkosi. [2222] Ngenxa
yalokhu,amanwe-le mambe
asegasele ukholo nesonto lobuKhrestu elethiwa ngegama leNkosi.
Lokhu kubizwa ngamanwele
ngoba imiqondo yabantu isiyasanganiswa yilemfu-ndiso kangangoba
abantu abasazi noma
-
uNkulunkulu munye noma bathathu. Ngezindebe zomlomo bathi
uNkulunkulu munye; kodwa
emcabangweni womqo-ndo bathi bathathu; ngalesisizathu umqondo
nezindebe
zomlomo,okungukuthi, umcabango nenkulumo
kuyaphikisana;nomphumela walokhu kuphikisana
nguku-thi kakho uNkulunkulu. Inkolo yemvelo,okuyiyona evame
kakhulu namuhla,iphu-ma
kulomsuka. Ake uhlaziye,uma uthanda,ukuthi uma izindebe zomlomo
zikhu-luma ngoNkulunkulu
oyedwa,kodwa umqondo ucabanga ngabathathu,lapho leziziphakamiso
zidibana ngaphakathi,esinye
saleziziphakamiso asisesuli yini esinye. Ngalesisizathu,uma
umKhrestu ecabanga
ngoNkulunkulu,kusuke kuwu-mcabango wegama elithi
Nkulunkulu,ongenamqondo osukela elwazini
ngoNku-lunkulu. [3333] Umqondo kaNkulunkulu,nalolonke ulwazi
ngaYe seluhlakaziwe,kuyi-nhloso
yami ukudingida ngokulandelana okuhlelekile,ngoNkulunkulu
uMdali,nge-Nkosi uMkhululi,ngoMoya
oNgcwele uMsebénzi,okokugcina ngobuthathu boBu-nkulunkulu,ukuze
osekuhlakaziwe kubuyiselwe
esimweni sakho esiyisonasona, esiphelele;okuyisimo esifezeka
lapho umqondo womuntu ukholiswa
yiZwi nawu-kukhanya okuphuma kulo ukuthi kukhona ubuthathu
boBunkulunkulu,nokuthi ubuthathu
buseNkosini uNkulunkulu uMsindisi uJesu Khrestu,njengomphefumulo
nomzimba
womuntu,nokuphuma kulezizinto; nokuthi lesisiphakamiso
esiVumwe-ni sase-Athanasiya siyiqiniso:-
KuKhrestu uNkulunkulu nomuntu,noma uBunkulunkulu
noBuntu,akukubili, ko-dwa kukumuntu
oyedwa; nanjengoba umphefumulo nomzimba kungumuntu
oye-dwa,ngakhoke uNkulunkulu
noMuntu kunguKhrestu oyedwa
______________________
5
-
UBUNYE BUKANKULUNKULU
5. 5. 5. 5. Njengoba ukuvuma ukuthi uNkulunkulu ukhona
ngokusukela ekwazini ngaYe kuwuqobo
lwengqikithi nomnyombo wakhokonke okokholo,kudingekile ukuba
ubunye bukaNkulunkulu kube yibo
obudingidwa ngabo kuqala. Lokhu kuzokho-njiswa ngokulandelana
kwakho kulezizigaba
ezilandelayo:-
(1) Zonke ziphela iziBhalo eziNgcwele,kanye nezimfundiso
ezisuselwe kuzo zamasonto ezwe
loBukhrestu,zifundisa ukuthi kukhona uNkulunkulu,nokuthi
munye.
(2) Kukhona umngenela ovela kuNkulunkulu ezintweni zonke,ongena
emi-phefumulweni
yabantu othi kukhona uNkulunkulu,nokuthi munye.
(3) Kulo lonke izwe akukho sizwe,esithi sinayo inkolo,futhi
sinayo ingqondo ecabanga
iqondise,kepha besiphika ukuthi ukhona uNkulunkulu nokuthi
munye.
(4) Mayelana nohlobo lwaKhe loNkulunkulu oyedwa,izizwe nabantu
bayehlu-kana,nanamuhla
basahlukana ngenxa yezizathu ezithile eziningi.
(5) Ingqondo yobuntu ingase ikuzwe,ikuthole ngokusukela eziningi
ezweni lemvelo ukuthi
ukhona uNkulunkulu,uma nje ithanda,nokuthi munye.
(6) Indalo yayingeke idalwe ilondolozwe ukuba uNkulunkulu
wayengemunye.
(7) Umuntu ongavumiyo ukuthi ukhona uNkulunkulu uyakhishwa
ebandleni alahlwe.
(8) Umuntu ongavumiyo ukuthi uNkulunkulu oyedwa ukhona,kepha
evuma ukuthi
baningi,akukho lutho lweSonto olusala kuye lubekhona
oluyisigxila.
Leziziphakamiso sezizochazwa ngayinye.
6666(1111) Zonke ziphela iziBhalo eziNgcwele kanye nezimfundiso
ezisuselwe kuzo zamasonto
obuKhrestu emhlabeni, zifundisa ukuthi uNkulunkulu ukhona,
nokuthi Munye. IziBhalo eziNgcwele
jikelele zifundisa ukuthi ukhona uNkulunkulu,ngoba ingaphakathi
lazo alilutho olunye ngaphandle
kukaNkulunkulu uqobo,okunguku-thi,azilutho ngaphandle
kobuNkulunkulu obuvela kuNkulunkulu;
-
ngokuba ziphi-nyiswe nguNkulunkulu; nokuthi akukho lutho
olungaphuma kuNkulunkulu nga-
phandle kokuwuNkulunkulu nokubizwa ngokuthi okoBunkulunkulu.
Lokhu kuyi- ngaphakathi
lweziBhalo eziNgcwele. Kepha ngokususelwe kulelingaphakathi
futhi ngaphansi kwalo, iziBhalo
eziNgcwele ziyakwazi ukwemukeleka nokuqo-ndwa yizingelosi
nabantu. UBunkulunkulu busuke
bukhona kulokho okususelwe eBuNkulunkulwini, kepha sebukwesinye
isimo, lapho bubizwa khona
ngokuthi wubuNkulunkulu bezulu lamazulu,bezulu likamoya nobezulu
lengqondo yamaba- la
(yemvelo). Lesisimo simane siyisembeso sikaNkulunkulu;ngoba
akukho sida-lwa singabona
uNkulunkulu enjengoba enjalo engaphakathini leZwi. Ngokuba
kuMose, ngesikhathi ethandaza
ecela ukuboniswa inkazimulo (udumo) kaJeho-
6
vah,kakho ongabona uNkulunkulu aphile. Lokhu kuyiqiniso
elifanayo neqiniso lengaphakathi leZwi
lapho iNgqikithi neSimo kukaNkulunkulu uQobo kukhona
ngokuphelele. [2222] Nokho-ke yize
uBunkulunkulu bungaphakathi futhi bembeswe
ngezinto ezingaqondeka ezingelosini nakubantu,ukukhanya kwabo
kuphumela ngaphandle
njengokukhanya kwekhristali,kwemukeleke ngokwehlukehlukene okuya
ngesimo sengqondo lowo
nalowo muntu asezakhele sona,noma ngabe yisimo esisuka
kuNkulunkulu noma kuyena. Phambi
kwalabo abanesimo som-qondo esihlelwe ngokusukela kuNkulunkulu,
iziBhalo eziNgqcwele zifana
nesi-buko lapho bebona khona uNkulunkulu;lowo nalowo ngendlela
yakhe. Lesisibuko sakhiwe
ngamaqiniso umuntu awafunda eZwini maqede awenze abe awakhe
ngokuwaphila. Kusukela kukho
konke lokhu, kusobala ukuthi iziBhalo eziNgqc-wele
zinguNkulunkulu ephelele. [3333] Ukuthi iziBhalo
eziNgqcwele azifundisi nje kuphela ukuthi uNkulunkulu ukhona
kepha nokuthi Munye,
kungabonakala ema-qinisweni okuyiwona akhe isibuko, njengoba
sekushiwo, ukuthi (lamaqiniso)
akha isithombe esibumbene esenza ukuba ingabibikho indlela
yokuba umuntu uma ecabanga
ngoNkulunkulu acabange ukuthi akaMunye. Ngenxa yalokhu wonke
umuntu onomqondo
okhanyiselwe wubungqcwele beZwi uyazi, yize lolu-lwazi kuba
sengathi luphuma ngaphakathi
kuyena,ukuthi uNkulunkulu Munye futhi ukubona
kusakuhlanyahlanyana okuthile ukuthi akaMunyé.
-
Izingelosi ziye-hluleka ukuphimisa igama oNkulunkulu ngezindebe
zazo ngoba isiyingi esiwu-
mkhathi wezulu lapho zihlala khona asizivumeli. IziBhalo
eziNgqcwele azigcini ngokufundisa ukuthi
uNkulunkulu Munye ngalendlela eyenzeka kuwonkewonke, njengoba
sekushiwo, kuphela, kepha
futhi ngezahlukwana ezithile eziningi nje-ngalezi:
Yizwani, O Israel; uJehovah uNkulunkulu wethu unguJehovah oyedwa
(Duteronomi vi.4; noMika xii. 29).
Impela uNkulunkulu ukuwena, nangaphandle kwaMi akukho sithixo
(Isa.xlv.14).
Anginguyena uJehovah na? Futhi asikho esinye isithixo ngaphandle
kwaMi
(Isa.xlv.21)
NginguJehovah uNkulunkulu wakho,awuyikuvuma ukuthi kukhona
esinye isithixo
ngaphandle kwaMi (Hosea xiii.4).
Uthi UJehovah,inkosi yakwaIsrael, ngingowamaQaliso
namaGcino,akukho sithixo
ngaphandle kwaMi. (Isa.xliv.6).
Ngalolosuku uJehovah uyokuba yinkosi kuwowonke umhlaba ;
ngalelolanga
uJehovah uyokuba munye, negama laKhe loba linye (Zakaria
xiv.9).
7
7.7.7.7. Kuyaziwa ukuthi izimfundiso zamasonto asemazweni
amaKhrestu zifundisa ukuthi uNkulunkulu
munye. Lokhu zikufundisa ngoba zonke izimfundiso zawo zisuselwa
eZwini, nakangangebanga
lokuvuma ukuthi uNkulunkulu munye ngo-mlomo
nangenhliziyo,lezizimfundiso ziyavumelana..Kulabo
abavuma ngezindebe zemilomo yabo kuphela,kodwa bebethi bathathu
ngezinhliziyo, njengoba
kwenza abaningi abangamaKhrestu namhlanje, uNkulunkulu uyigama
nje elilenga ezi-ndebeni
-
zomlomo;lonke ukholo lwabo luyisithixo segolide esivalelwe
egunjini elingqcwele elinokhiye
ophathwa ngumfundisi kuphela; nokuthi uma laba befu-nda iZwi
ababoni kukhanya kulo kumbe
okuvela kulo;ngisho nokuthi uNkulunkulu munye. Kulaba iZwi
libukeka ligqcwele ukufiphala,
lifiphazwa amabala, kuthi mayelana nobunye bukaNkulunkulu
limbozeke mbo. Yibo laba iNkosi
ebacha-zayo kuMathewu lapho ithi:
Ukuzwa niyawukuzwa kepha ningaze naqonda; nokubona niyakubona
kepha ningaboni lutho. Amehlo abo
bawavalile, funa mhlawumbe babone ngamehlo abo, bezwe ngezi-
ndlebe zabo,baqonde ngezinhliziyo
zabo,baphenduke, ngibasindise (xiii.14,15).
Bonke laba, bafana nabantu ababalekela ukukhanya,bengena
ezindlini ezimnya-ma ngenxa
yokweswela amawindi,bephumputha izindonga,befuna ukudla kumbe
imali, bagcine sebebona
njengezinyoni zasebusuku zonezibona emnyameni. Ba-fana
nowesifazane onabakhwenyana
abaningi, ongeyena umfazi oqotho kodwa engumadod’onke; noma
bafana nentombi-nto! eyemukela
izindandatho zazonke izesheli zayo, ithi ingashada maqede
ingalali nomkhwenyana kuphela, kodwa
ilale futhi nabanye abantu.
8. ( 8. ( 8. ( 8. (2) Kukhona umngenela ovela kuNkulunkulu
ezintweni zonke,ongena emi-phefumulweni
yabantu othi kukhona uNkulunkulu, nokuthi munye. Ukuthi kukho-na
umngenela ovela kuNkulunkulu
ongena kumuntu kusobala ngokuvuma kwa-bobonke abantu ukuthi
konke ukulunga okuwukulunga
uqobo, okukumuntu futhi akwenzayo,kuvela kuNkulunkulu;kanjalo
yonke into eyisisa senhliziyo
nayo yo-nke into eyinkolo; ngoba uma sifunda kuthiwa:
Umuntu angemukele lutho ngaphandle kokuba aluphiwe luvele
ezulwini (Johniii.27) ;
futhi uJesu wathi:
Ngaphandle kwaMi ningenze lutho (John xv.5) ;
-
okungukuthi, noma yini emayelana nesisa senhliziyo kanye
nonkolo. Lomnge-nela ugobhozela
emiphefumulweni yabantu ngoba umphefumulo yiwona mongo womuntu
nengxenye yomuntu
okuyiyona esezingeni eliphakeme kunazozonke;
8
umngenela-ke ungena kulengxenye bese wehlela ezintweni
ezisemazingeni angezansi, ziphiliseke
kuya ngohlobo lwesikhongozelo. Kuyiqiniso ukuthi amaqi-niso
abumba inkolo yomuntu angena
ngokuzwiwa, atshaleke emqondweni, nge-zansi komphefumulo. Kepha
ngalamaqiniso umuntu
umane elungiselelwa ukuba akwazi ukwemukela umngenela ovela
kuNkulunkulu ongaphezu
komphefumulo; kanjengohlobo lokulungiselelwa, kanjalo
nanjengesimo sokwemukela, kanjalo futhi
nokuguqulwa kwenkolo yemvelo ibe yinkolo kamoya. [2][2][2][2]
Kukhona lomnge-nela ovela kuNkulunkulu
ongena emiphefumulweni yabantu, weqiniso lokuthi uNkulunkulu
munye , ngoba yonke into
ewuBunkulunkulu ngobubanzi nangobu-niningwane baBo,
iwuNkulunkulu. Njengoba-ke bonke
uBunkulunkulu buhlange-ne buyinto eyodwa, nogqozi lwaBo kumuntu
alukwazi ukuba yilutho olunye
nga-phandle kokuthi munye uNkulunkulu. Lengqondo yokuthi
uNkulunkulu munye iya
ngokudlondlobala nsukuzonke lapho uNkulunkulu emphakamisa
umuntu, empha -kamisela
ekukhanyeni kwezulu. Ngokuba izingelosi azikwazi ukuphimisa
igama oNkulunkulu ngenxa
yokukhanya ezikukhona. Nokukhuluma kwazo, yonke imi-sho yazo
ziyiphetha ngendlela efanayo
yokwehla nokwenyuka kwamaphimbo. Ayikho enye into ebangela lokhu
ngaphandle komngenela
ongena emiphefumu-lweni yazo weqiniso lokuthi uNkulunkulu munye.
[3] [3] [3] [3] Phezu kokuba lomngenela
ungena emphefumulweni yabantu neqiniso lokuthi uNkulunkulu
munye, baningi abantu abacabanga
ukuthi uBunkulunkulu bukaNkulunkulu bahlukaniswe ka-mbalwa,
kuthi leso naleso sigaba saBo
sibenengqikithi efanayo noma eyodwa; isizathu salokhu ngukuthi
umngenela usuke ungena
esimweni esingahambisani nawo, lokhu phela umngenela uye
uguqulwe yisimo salapho ungena
khona,nje- ngoba kwenzeka kuyoyonke indalo ekuzozontathu izigaba
zemvelo.
KusewuNkulunkulu yena yedwa ophilisa umuntu kanye nesilwane;
kepha yisimo sesilwane
sokukhongozela esibangela ukuthi isilwane siqhubeke nokuba
yisilwane, kanjalo nomuntu aqhubeke
-
nokuba ngumuntu. Yinto efanayo eyenze-ka kumuntu uma evumela
umqondo wakhe ukuba
sesimweni sobulwane. Umngenela welanga uyafana kuzozonke
izinhlobonhlobo zemithi emilile,
kepha ufike wehlukahlukane kuya ngesimo sokwamukela salowo
nalowomuthi; lokho okugobhozela
evineni kuyafana nalokho okugobhozela eveni; kepha uma
kugxu-nyekwa iva phezu kwesivini,
umngenela (welanga) uyoguqulwa ungene ngokula-ndene nesimo seva.
[4] [4] [4] [4] Yinto efanayo eyenzeka
endalweni yamatshe ayizinhlo-bonhlobo ambiwayo; wukukhanya
okufanayo okungena etsheni le-
layimstoni nasetsheni le-dayimane; idayimane liyakudlulisa
ukukhanya kepha ilaymstoni iyakucima.
Lomehluko uyenzeka nasemiqondweni yabantu, kuya ngalolo
nalo-lohlobo lomqondo, eya ngokuya-
ngokuya iba ngekamoya kuya ngenkolo kuNku-lunkulu, ihambisana
nokuphila okuvela
kuNkulunkulu, okuyilona luhlobo olukha-nyayo nolusangelosi
lwenziwa yinkolo kuNkulunkulu
oyedwa.Okuphambene
9
nalenkolo nempilo yayo kuyadunga futhi kunobudlova bobulwane
kwenziwa yi-nkolo koNkulunkulu
abaningi, okungehlukile kakhulu enkolweni yokuthi akekho
uNkulunkulu.
9. (3) 9. (3) 9. (3) 9. (3) Ngalesisizathu, kulolonke izwe
akukho sizwe,esithi sinayo inkolo, futhi sinayo ingqondo
ecabanga iqondise, kepha besiphika ukuthi ukhona uNkulu-nkulu
futhi munye. Ngenxa yomngenela
wobuNkulunkulu emiphefumulweni ya-bantu, njengoba sekushiwo
ngenhla, ngaphakathi kwawo
wonke umuntu kukho-na sanembeza okhumbuza ukuthi uNkulunkulu
ukhona futhi munye. Kodwa
ku-sekhona abantu abaphika uNkulunkulu, abanye bakhonza imvelo
bethi iyona uthixo, abanye
bakhonza onkulunkulu abangaphezulu koyedwa , nabanye aba-khonza
izithombe ezibaziweyo;
okuyizinto ezenzeka ngenxa yokuthi abanjalo basuke sebevimbe
ingaphakathi lemicabango kumbe
lemiqondo yabo ngezinto zomhlaba nangezinto zenyama, okuyizona
ezicima umqondo wokuqala
omsulwa noma wasebuntwaneni mayelana noNkulunkulu.
Ngokwenzenjalo balahla inkolo
esezifubeni zabo, bayiphose ngemuva kwabo. AmaKhrestu akhonza
uNkulunku-lu oyedwa; kodwa
ukuthi amkhonza kanjani kucaciswa yisivumo sawo esipha-mbili,
esithi :
Inkolo yamaKatolika yilena : Ukuthi sikhonza uNkulunkulu oyedwa
ebuthathwini,
-
nobuthathu ebunyeni. Bathathu oNkulunkulu, uYise,
iNdodana,noMoya oNgcwele, kodwa
nokho belu oNkulunkulu ababa-thathu, Munye. Kukhona isiqu
sikaYise, kubekhona isiqu
seNdodana, nesinye isiqu sika Moya oNgcwele, nobunkulunkulu babo
bunye, udumo lwabo
luyalingana, nobukhosi babo obaphakade kanyekanye. Kanjalo uYise
nguNkulunkulu,
iNdodana nguNkulunkulu, noMoya oNgcwele unguNkulunkulu. Kodwa
njengoba siphoqwa
yiqiniso lobuKhrestu ukuthi bonke banguNkulunkulu neNkosi
ngamunye,kanjalo inkolo
yobuKatolika ayisivumeli ukuba sithi oNkulunkulu bathathu kumbe
sithi amaKhosi mathathu.
Injalo-ke inkolo yobuKhrestu mayelana nobunye bukaNkulunkulu.
Kodwa uku-thi ubuthathu
bukaNkulunkulu nobunye bukaNkulunkulu kulesisivumo akuhambi-sani
kuzotshengiswa esahlukweni
esigxile ebuthathwini bobuNkulunkulu. [2] [2] [2] [2] Ezi-nye
izizwe emhlabeni ezinenkolo nengqondo
ehluzekileyo ziyavumelana ngoku-thi uNkulunkulu munye; onke
amaMoslem emibusweni yawo;
ama-Africa emibu-sweni yaleliya zwekazi; abase-Asia emibusweni
yabo eminingi; ekugcineni na-
maJuda kuze kube nanamhlanje. Abantu basemandulondulo ababephila
ngesi-khathi esaziwa
namhlanje ngokuthi yisikhathi segolide, enkolweni yabo
babekho-nza uNkulunkulu oyedwa,
ababembiza ngokuthi nguJehova. Nababelandela oku-thiwa
abasemandulo babenzenjalo, kwaze
kwafika isikhathi sokubekwa kwama-khosi nohulumeni bawo, lapho
izintando zomhlaba nezintando
zenyama emuva
10
kwazo zaqala ukuvala lezo zindawo eziphakeme zomqondo ezazikade
zivulekile, futhi zikade zifana
namathempeli namagosi angcwele okukhonza uNkulunkulu oyedwa.
Ukuze kuvuleke lezizindawo
zomqondo kabusha yikhona kuzobuyisele-ka ukukhonza uNkulunkulu
oyedwa, iNkosi uNkulunkulu
yamisa isonto phakathi kwezizukulwane zikaJakobe, wenza ukuba
lomyalo ube ngowokuqala
phambi kwayo yonke enkolweni yazo ;
Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphambi kwaMi ( Exod.xx.3 )
-
[3] [3] [3] [3] Ngaphezu kwalokho, igama Jehovah, elabuyiselwa
nguYena ngalesisikha-thi, liqhamisa
uMvelinqangi yedwa, uMsuka wakho konke okukhona noma
oku-semkhathini. UJove, okungenzeka
ukuthi yigama elisuselwa egameni Jehovah, wayekhonzwa ngamaqaba
asendulo njengesithixo
esiphakeme kunazozonke; nezinye izithixo eziningi ezaziyingxenye
yesigcawu sakhe, ayezihlonipha
ngoku-zigqokisa ngobungcwele; kwathi esizukulwaneni esilandelayo
amadoda aqotho, njengo Plato
no Aristotle, avuma ukuthi lezi kwabe kungezona izithixo kepha
kwabe kuwubunjalo
obehlukahlukene bemikhakha kaNkulunkulu oyedwa, bese-ke zibizwa
ngezithixo ngoba kukhona
okuthile koBunkulunkulu kuzona zonke.
10. 10. 10. 10. Wonke umqondo ohluzekile,noma ngabe ungenandaba
nenkolo, uyabona ukuthi yonke into
ebumbene ingahlakazeka ibe yizicucu uma ingencikile kokuko-dwa
okuthile; njengoba kwenzeka
kumuntu, obunjwe yizinyama, yizicubu nezitho zemizwa
nokunyakaza, ngaphandle kokuba zonke
lezizinto zencike emphefumu-lweni owodwa ; kumbe umzimba
ngaphandle kokwencika enhliziyweni
eyodwa. Kunjalo nasembusweni ngaphandle kokwencika enkosini
eyodwa; umuzi nga-phandle
komnumzane oyedwa; nakuzo zonke izikhundla ezinhlonhlobo
emazwe-ni ngamazwe, ngaphandle
kokwencika kumphathimandla oyedwa. Yini engenzi-wa yimpi
esitheni sayo ngaphandle kokuba
nomholi okunguyena onawo wonke amagunya, nabaphathizikhundla
abencike kuye,kuyilowo nalowo
enamandla okukhuzïmpi ? Kungabanjalo nasesontweni uma lingavumi
uNkulunkulu oyedwa, noma
izulu lezingelosi, lona elifana nekhanda lesonto lasemhlabeni,
lapho pha-kathi kukho kokubili iNkosi
ingumphefumulo uqobo. Yingakho izulu nesonto kubi-zwa ngomzimba
waKhe ; uma lokhu
kungavumi uNkulunkulu oyedwa kokubili kufana nesidumbu,
okufanele sithathwe siyolahlwa ngoba
singenamsebenzi wa-lutho.
11. 11. 11. 11. (4) Mayelana nohlobo lwakhe lo Nkulunkulu oyedwa
izizwe nabantu baye-hlukana,
nanamuhla basehlukana ngenxa yezizathu ezithile eziningi.
Isizathu so-kuqala esokuthi ulwazi
nokuyilona oluholela ekuvumeni uNkulunkulu lungebe-khona
ngaphandle kokwembulelwa; nolwazi
ngeNkosi,oluholela ekuvumeni uku-thi “kuYena kuhleli bonke
uBunkulunkulu ngokuphelele
emzimbeni” lungebebi-kho ngaphandle kokususelwa eZwini okuyilona
mqhele wezambulo; ngoba
ku-
-
11
ngenxa yokwembulelwa njengoba umuntu ekwazi ukusondela
kuNkulunkulu, emukele
umngenela,khona ezosunduka esimweni semvelo angene kwesika-moya.
Isambulo sakudaladala
sasikhona kuwo wonke umhlaba; kodwa saphe-ndukezelwa wumuntu
wemvelo ngezindlela
eziningi,okuyikhona okwadala uku-phikisana, ukuphambana,
izimfundiso-mbumbulu kanye
nokuqhekeka ngokwe-nkolo. Isizathu sesibili wukuthi umuntu
wemvelo akanakumqonda
uNkulunkulu, kuphela unokuqonda umhlaba nokuwusebenzisa.
Kungenxa yalesisizathu ukuthi
kungeminye yemibhalo ohlwini lemibhalo yeSonto lobuKhrestu
ukuthi umuntu wemvelo uphambene
nomuntu kamoya, nokuthi bayaphikisana. Lokhu kuyacha-za ukuthi
kungani labo abakufunde eZwini
kumbe kwesinye isambulo ukuthi uNkulunkulu ukhona
bayehlukahlukana, nanamuhla
basahlukahlukana mayelana nobunjalo kanye nobunye
bukaNkulunkulu. [2] [2] [2] [2] Ngalesisizathu labo
abamehlo abo engqondo ancike emizweni yabo yemizimba
babezibazela izithombe zegolide,
zesiliva, zelitshe nokhuni ababekhonza uNkululunkulu ngaphansi
kwazo njenge-zinto ezibonakala
ngeso lenyama ; kuthi abanye ababengenandawo yezithixo enkolweni
yabo bazitholela izifanekiso
zikaNkulunkulu elangeni nasenyangeni, ezinkanyezini nakwezinye
izinto ezahlukene emhlabeni.
Kepha labo ababecaba-nga ukuthi bona bahlakaniphile
kunabantukazana kodwa bebenebe
emvelweni yabo, bethi ubukhulu nobundawozonke bukaNkulunkulu
ekudaleni umhlaba bu-sho
ukuthi yimvelo uqobo lwayo ewuNkulunkulu, abanye bethi
yingaphakathi la-yo,abanye bethi
yingaphandle layo eliwuNkulunkulu ; abanye,ukuze bahlukanise
uNkulunkulu emvelweni, baqhamuka
nomqondo wobundawozonke obukhuluka-zi, abaqhubeka babubiza
ngokuthi wubuKhona bomkhathi
(Ens universi); njengo-ba laba bengenalo olunye ulwazi
ngoNkulunkulu lobubuKhona bugcina
bungu-mlumbaniso womqondo (ens rationis) obungasho lutho.
[3][3][3][3] Wonke umuntu anga-bona
ukuthi ulwazi lomuntu ngoNkulunkulu luyisibuko sakhe
sikaNkulunkulu,no-kuthi labo abangazi lutho
ngaYe abamboni esibukweni esibheke kubo kodwa esi-bukweni
esibafulathele; kepha njengoba
ingemuva lesibuko licakwe ngesigidi kumbe ngenhlama emnyama
asibonisi isithombe kodwa
siyasicima. Ukukholwa kuNkulunkulu kungena kumuntu ngendlela
eyandulelayo, ephuma
-
kumphefumu-lo yehlele eziqongweni zomqondo; kuthi ulwazi
ngoNkulunkulu lungene ngendle-la
elandela kamuva, ngoba umqondo uluthatha eZwini elambuliwe
ulwazi,usebe-nzisa izinzwa
zomzimba ; lemingenela yomibili ihlangabezanake phakathi
nenda-wo emqondweni ; lapho inkolo
yemvelo eseyintambiso iguquleka ibe ngekamoya ,okwenza ukukholwa
kwempela. Kanjalo umqondo
womuntu ufana nesitsha so-kucwenga lapho uku guqulwa kwesimo
kwenzeka khona.
12. 12. 12. 12. (5) Ingqondo yobuntu ingase ikuzwe, ikuthole
ngokusukela ezintweni ezini-ngi emhlabeni
ukuthi ukhona uNkulunkulu nokuthi Munye. Leliqiniso
lingaqinise-ka uma sibona izinto eziningi
ezibonakala ngeso lenyama kulomhlaba; ngoba um
12
-khathi ufana nesigcawu lapho ubufakazi bokuthi uNkulunkulu
ukhona nokuthi Mu-nye benekwe
khona. Ukuze ngikhombise lokhu ngizolandisa ngoMlando
oBalulekileyo wasezweni likamoya :
Kwake kwathi ngisakhuluma nezingelosi, kwaba khona imimoya
ethile eyabe isanda kufika
ivela emhlabeni wemvelo. Uma ngibabona ngabazisa ukuthi bamu
kelekile, ngase ngibaxoxela
ngezinto eziningi ngezwe likamoya abebengazange bazazi
ngaphambili.
Ngemuva kwalokho ngababuza ukuthi lwazi luni abanalo
ngoNkulunkulu na-ngemvelo abafike
nalo bephuma emhlabeni.
“Lokhu,“ baphendula, “ukuthi imvelo iyona indlu yamandla
okusebenza zo-nke izinto
ezenzekayo emkhathini odaliwe; nokuthi uNkulunkulu, emuva
kokuda-la, waphakela imvelo futhi
wayishiyela lawo mandla ; nokuthi uNkulunkulu umane uyawasekela
awagcine lawomandla ukuze
angapheli; ngalesisizathu, zonke izi-nto eziphuma noma
ezikhiqizwa wumhlaba, zande, sekuthiwa
manje zenziwa yimvelo.”
Kodwa ngaphendula ngathi akukho lutho emvelweni phaqa
olungamandla okwenza kepha
uNkulunkulu esebenzisa imvelo. Base bebuza ubufakazi
balo-kho,ngase ngithi, “ Labo abakholwa
wukuthi ukusebenza kobuNkulunkulu kukuyo yonke into yemvelo noma
ingabancane kangakanani,
bathola ubufakazi obuningi ezintweni eziningi abazibonayo
emhlabeni obuvuna uNkulunkulu
kunemvelo. [2] [2] [2] [2] Ngokuba labo abathola ubufakazi
obuvuna ukusebenza koBunkulunkulu kuyo yonke
-
imvelo bakhangela izinto ezimangalisayo ezibonakala
ekukhiqizweni kwe-zinto ezimilayo nezilwane.
Ekukhiqizweni kweziLimo bayakubukisisa ukuthi embewini encane
etshalwe emhlabathini kuhluma
impande,empandeni kuhlume isiqu, kulandele amagatsha, amaklumu,
amahlamvu, izimbali,
nezithelo, ngisho nembewu entsha imbala sengathi imbewu ibivele
ilwazi uhlelo lohlu noma indlela
yokuzithuthukisa ukuze izikhiqize. Wumuntu ohluzeke kanjani
emqondweni ongacabanga ukuthi
ilanga,eliwumlilo ongaxutshwe nalutho,liyakwazi ukwenze-nje,noma
ukuthi lingakwazi ukuphakela
ukushisa nokukhanya kwalo amandla okukhiqiza
lezizenzeko,nokudlinza ngosizo lwalezizenzeko
ngaphambi kokwe-nzeka? Noma wubani omqondo wakhe ubheke
phezulu,uma ebona lezizinto
agxile ngomcabango ngazo, akakwazi ukuthatha esinye isinqumo
ngaphandle kokuthi lezizinto zivela
kulowo onokuhlakanipha okungenasiphelo, kafuphi, ku-Nkulunkulu.
Kulesisinqumo,labo ababona
ukusebenza koBunkulunkulu kuyo yonke imininingwane yemvelo,
bayaqiniseka uma bebuka
lezizinto. Engxenye, labo abangakuboni lokhu kusebenza emvelweni
babuka lezizinto ngamehlo
omqondo osesiphundu esikhundleni sangaphambili.Laba babumba
imicabango yabo yomqondo
ngezinzwa zomzimba, baziqinise ngenkohliseko yezinzwa,bethi, ’
Awuliboni ilanga likwazi ukwenza
zonke lezizinto ngokushisa nangokukhanya
13
kwalo? Kukhona yini okuwutho okungabonakali ngeso lenyama? [3]
[3] [3] [3] Labo aba-qiniseka
ngokusebenza koBunkulunkulu babukisisa izinto ezimangalisayo
aba-zibona ekuKhiqizweni
kweZilwane; mayelana namaqanda (ake siqale ngawo), imbewu
yechwane iqukethe konke
okudingekayo ekukhandweni kwechwane, nokudingekayo ukuze likhule
ngemuva kokuchanyiselwa
lize libe yinyoni ephe-lele. Futhi, kunoma yimuphi umqondo
ojulayo, kuvuka ukumangala lapho
ubuka kabanzi izilwane ezinamaphiko; njengokuthi zombili
ezincane kunazozonke nezi-nkulu
kunazozonke, ezibonakalayo nezingabonakali, okuwukuthi
izinambuzane ezincane kakhulu nezinyoni
ezinkulu kanye nezilwane kunezitho zezinzwa,ezibi-zwa ngokuthi
inzwa yokubona ,inzwa yokunuka,
inzwa yokuzwa (ngolimi) nenz-wa yokuthinta; kubuye kubekhona
izitho zokuhamba,eziyimisipha
ngoba ziya-ndiza zihambe;nezibilini ezixhumene nenhliziyo
namaphaphu okuhanjiswa wu-buchopho.
-
Zonke lezizinto ziyabonwa yilabo abanika imvelo wonke amandla,
bese bethi yebo lezizinto
ziyenzeka kodwa zikhiqizwa yimvelo. Lokhu bakusho ngoba
izingqondo zabo sebezifulathelise kukho
konke ukucabanga ngoNkulu-nkulu; futhi laba uma bebuka izinto
ezimangalisayo emvelweni,
abakwazi uku-dlinza ngazo ngokuhluzekile , asisakhulumi
ngokudlinza ngokukamoya;kepha
bacabanga ngokusukela ezinzweni zenyama nasezintweni ezibonakala
ngeso lenyama; kanjalo
badlinza emvelweni ngokusukela emvelweni,esikhundleni
so-kudlinza ngokusukela kokungaphezu
kwemvelo;umehluko phakathi kwalaba nezilwane wukuthi bona
baphiwa umqondo, ngamanye
amazwi,bayakwazi uku-qonda uma bethanda. [4] [4] [4] [4] Labo
asebefulathele uNkulunkulu ngayo yonke
imica-bango yabo baze bagxila enyameni nezinto zayo,
abakucabangi nakancane ukuthi ukubona
kweso lenyama kubuthuntu futhi kunqundeke kangangoba ku-bona
izinambuzane eziningi ziyinto
eyodwa engacacile; kanti yileso naleso si-hlelelwe ukuzwa
nokuhamba, kanjalo saphiwa imisipha
nemithambo,nenhlizi-ywana enemthanjanyana,nezibilanyana
nobuchoshanyana; lezizithwanyana
zona zibunjwe ngezingqikithi zemvelo ezicwebe
kunazozonke,nendlela ezithu-ngeke ngayo
ihambisene nezinga lempilo eliphansi kunawowonke okuyiyona
ephaka amandla kuzozonke
izicutshanyana.Uma sibheka ukunqundeka kwame-hlo ethu enyama
lapho izinambuzane eziningi
ezinjengalezi,kuyileso naleso sine-zitho ezingabalwa, zibukeka
sengathi ziyizinto ezincanyanyana
ezifanayo ezi-ngacacile, kepha kube kusukela kulo leliso lapho
abagxile enyameni becabanga
benquma, kusobala ukuthi imiqondo yabo ibuthuntu kangakanani,
nokuthi base-bumnyameni
obunjani ngezinto zikamoya.
[5] [5] [5] [5] “Noma ubani uyakwazi, uma ethanda, ukuthola
ubufakazi obuvuna uBu-nkulunkulu
ezintweni zemvelo ezibonakala ngeso; lokhu kwenzeka noma nini
uma ecabanga ngoNkulunkulu
nobuninimandla baKhe ekudaleni umkhathi,no-bundawozonke
baKhe
ekuwugcineni;njengokuthi,kesenze isibonelo,uma ebona
14
ukuthi ezinyonini zezulu yilolo nalolo luhlobo luyakwazi ukudla
kwalo nokuthi lutholakala phi,luyazazi
izihlobo ngokuzibona nangomsindo wazo,naphakathi kwezinye
izinhlobo luyaziukuthi yiziphi
-
izitha,yiziphi abangane; ukuthi (izinyoni) ziyakwazi
ukukhwelana,ukubumba imishado,ukwakha
izidleke ngobuciko,ukufa-ka amaqanda phakathi ziwachamusele,
nokuthi isikhathi sokuwafukamela
side kanganani;nalapho amatshwele esechanyuselwe unina uwathanda
kakhulu, awembese
ngamaphiko akhe, awondle awakhulise, aze akwazi ukuziphandela
adlondlobale. Uma noma ubani
ethanda ukucabanga ngomngenela woBunku-lunkulu ogobhozela ezweni
likamoya udlulele ezweni
lemvelo,angawubona kule-zizilwanyana; angakwazi futhi ukusho
enhliziyweni yakhe, uma ethanda,
ukuthi ilanga alikwazi ukuba ngumsuka walolulwazi ngokushisa
nangokukhanya kwalo, ngoba ilanga
okuyikhona lapho imvelo nengqikithi yayo ivela khona,lingumlilo
ongaxutshwe nalutho,ngalesisizathu
ukushisa nokukhanya kwalo kufanele ukuthi akunayo nencane
impilo; kanjalo angaze afike
esinqumweni sokuthi lolulwazi lu-vela kumngenela woBunkulunkulu
ludlule ezweni likamoya luze
luyofika emaphe-thelweni emvelo.
[6] [6] [6] [6] “Noma wubani angabuthola ubufakazi obuvuna
uBunkulunkulu ezintweni ezibonwayo
zemvelo uma ebuka leyo miswenya enyakaziswa yinjabulo yotha-ndo
olungajwayelekile lokufuna
ukuguqula isimo sayo semvelo sibe yisimo esithi asifane
nesezulu. Ukuze isimo sayo (imiswenya)
siguquke iyanabuzela ingene ezindawaneni eziphephile, izimboze
ngesembatho, kanjalo izivalele
esizalweni-simbe lapho izozalwa khona kabusha; lapho-ke ikhula
ibe yiziphungumangathi,
yiziyingelezi*, amanimfu* igcine isiyizimvevane;emuva
kwaloluguquko,nangemu-va kokuhlinzekwa
ngamaphiko kanokusho kuya ngenhlobo yalowo nalowo
mswenya,(izimvevane) ziyasuka zindizele
emoyeni sengathi zindizela ezulwini lazo lapho zifike zidlale
khona ngenjabulo,zishadane,zizalele
amaqanda, ziziza-lele isizukulwane,zibe zizitika ngokudla
okumnandi nokunomsoco ezimbalini.
Ubani obona ubufakazi obuvuna uBunkulunkulu ezintweni zemvelo
ezibonwa ngamehlo kodwa
angakuboni ukufana phakathi kwesimo somswenya nesimo somuntu
esesemhlabeni,kanjalo isimo
sovemvane nesimo somuntu esesezu-lwini? Labo asebeziqinise
ngokuvuna imvelo babuka into
efanaya,kepha ngoba sebesiphikile isimo sezulu somuntu
emicabangweni yabo bathi lokhu kumane
ku-yinto eyenziwa yimvelo.
[7] [7] [7] [7] “Noma ubani angathola ubufakazi obuvuna
uBunkulunkulu ezintweni zem-velo ezibonakala
ngeso uma ecabanga ngokwaziwayo ngezinyosi,ukwazi kwazo
-
ukuqoqa umovu ezimbalini zamarosa nakumiqhakazo, ukumunca uju,
ukwakha amagunjana afana
nezindlwana, ukuwahlela (lamagunjana)
njengenxuluma,eli-nemigwaqo yokungena neyokuphuma;
ukuhogela zikude izimbali nemithi lapho ziqoqa khona umovu
wezindlu zazo noju lokudla
kwazo,ezikuthwala maqede
15
zindize ziqonde-ngqo emzini wazo. Ngalendlela zizihlinzekela
ubusika ngokudla sengathi bezivele
zazi ukuthi ubusika buyeza. Izinyosi zibuye zijube ezoba yinko-
sikazi eyindlovukazi phezu kwazo,
okuyiyona ezozizalela isizukulwane; (indlovu-kazi) ziyakhela
igumbi lobukhosi phezu kwazo,
ziyizungeze ngabalindi. Uma se-kufika isikhathi sokuzala,
iphelekezelwa abalindi bayo ababizwa
ngokuthi onodo-ngoyi,indlovukazi ihamba ingena emagunjaneni
izalela amaqanda maqede aba-
phelekezeli bawavalele hlwàse, funa alinyazwe umoya. Kanjalo
isizukulwane esi-sha siyazalwa;
uma lesisizukulwane sesikhule safika ebangeni
lokuzizalela,siya-xoshwa enxulumeni, bese iqulo
elisha, ngemuva kokuhlangana libumbane funa ledukelane,liyandiza
liyozifunela elayo
ikhaya.Ngesikhathi sasekwindla onodo-ngoyi,njengoba bona
bengazange basize ekuqoqeni umovu
noma uju,baholelwa ngaphandle bephucwe amaphiko abo yikhona
bengeke babuye bazokudla uku-dla abangakusebenzelanga. Kusukela
kulokhu
nakokunye,kuyabonakala ukuthi ngenxa yosizo ezinalo kubantu
emhlabeni, lezizinambuzane
zemukela ngomnge-nela ophuma ezweni likamoya uhlobo lokuhulumeni
olufana nalolu olutholakala
kubantu emhlabeni, nembala olufana nalolo olukhona ezingelosini
zamazulu. [8] [8] [8] [8] Muntu muni
onengqondo ehluzekileyo ongaboni ukuthi umhlaba wemvelo
awu-kwazi ukuba ngumsuka wakho
konke lokhu? Yini eselangeni,lapho kuvela khona phela imvelo,
ekunye nohulumeni oncintisana futhi
ofuze uhulumeni wasezulwini kangaka? Kusukela kulezizinto
nakwezinye ezikhonjiswa yizilwane,
lowo ovuma akhonze imvelo uyaziqinisa ekuvuneni imvelo; kepha
lowo ovuma akhonze
uNkulunkulu uziqinisa ngazo lezizenzeko ekuvuneni
uNkulunkulu;ngoba umuntu kamoya ubona
izinto zikamoya kulezizinto,kanti umuntu wemvelo ubona
ezem-velo,kanjalo kuya ngaleso naleso
similo.Kweyami ingxenye,lezizinto beziwubu-fakazi kimina bokuthi
ezweni likamoya kukhona
-
umngenela osuka kuNkulunkulu wehlele ezweni lemvelo. Nawe ake
umane uzindle,ukuthi
ungakwazi yini ukuhla-ziya noma yiluphi uhlobo lukahulumeni,
lomthetho wezakhamizi, kumbe
ngokuzi-phatha ngobuqotho, noma ngaliphi iqiniso
likamoya,ngaphandle kokuqala ngoku-vuma
ukuthi kukhona umgobhozo wobuhlakani woBunkulunkulu owedlulela
ez-weni likamoya. Ngakolwami
uhlangothi,angikwazi (ukuhlaziya),futhi angibonaze. Sekuphele
iminyaka engamashumi amabili
nesithupha ngiwunakile lomngenela ngokuwuqonda nangokuwuzwa;
ngakhoke ngikhuluma ngento
engiyaziyo.
[9] [9] [9] [9] “Imvelo ingakwazi yini ukuhlosa usizo, ilungise
izinsizo ngokuzihlela na-ngobuhlobo?
Ohlakaniphile kuphela ongakwenza lokhu;uNkulunkulu kuphela,
onhlakanipho yaKhe kayinamkhawulo, ongahlela abumbe umkhathi.
Ubani omu-nye ongabona
kungakenzeki ukuthi umuntu uyodinga ukudla nezingubo bese
emhlinzeka—ngokudla kwezitshalo
zamasimu, ngezithelo zokuzimilela, nange-zilwane;nangezembatho
ezenziwa ngalezizinto?
Kuyingxenye yalezizimangaliso ukuthi icimbi elinganakekile
elibizwa ngokuthi yicimbi likasilika
ligqokisa lihlobise
16
abesifazane nabesilisa ngendlela encomeka kakhulu,ligqokisa
izindlovukazi na-makhosi nezisebenzi
zesifazane nezesilisa imbala; nokuthi isinambuzane
esi-nganakekile njengenyosi ikhiqiza umovu
owenza ukuba izimbhaqana ezenza amathempeli nezigodlo zobukhosi
kucwebezele. Konke
lokhu,nokunye,kuwubu-fakazi obunqumayo ngokuthi kusukela
kuNkulunkulu,kwedlulele ezweni
likamoya kusebenze zonke izinto ezenzeka emvelweni.
[10] [10] [10] [10] “Kukho konke lokhu ake ngengeze ngokuthi
sengike ngabona ezweni li-kamoya labo
ababeziqinisa ngemvelo ngenxa yokubuka ngeso lemvelo (lenya-ma)
besesemhlabeni sebevune
imvelo baze baphika nokuthi uNkulunkulu imbala ukhona ; nokuthi
ekukhanyeni kwasezweni
likamoya imiqondo yalaba ibonakala ivuleke ngaphansi,kodwa
ivaleke ngaphezulu, ngesizathu
sokuthi babebheke phansi emhlabeni ngemicabango yabo,
okuphambene nokubheka ezulwini. Nge-
nhla kwezinzwa zabo zenyama, okuyizona ezakhe amaphethelo
asezansi omqo-ndo,kwabonakala
-
sasembeso esithile esinyazima ngomlilo wesihogo, abanye sengathi
banentshede, nabanye
abagqunqise okwezidumbu. Ngakhoke wonke umuntu kufanele akuxwaye
lokhu ukuziqinisa
ngokuvuna imvelo;makaziqinise ngokuvuna uNkulunkulu;ubufakazi
abuswelekile.’’
13 13 13 13 (6) Ukuba uNkulunkulu akamunye indalo yayingeke
idalwe futhi ilondo-lozwe.Ubunye
bukaNkulunkulu bungakhonjiswa ngokudalwa komkhathi,ngoba
umkhathi uwumsebenzi obumbene
ngokusebenza kwawo kusukela ezintweni zokuqala kuze kube yizinto
zokugcina,futhi zincike
kuNkulunkulu oyedwa njengo-mzimba oncike kumphefumulo
wawo.Umkhathi wadalwa ngalendlela
yikhona uNkulunkulu engakwazi ukuba ndawozonke kuwo,akwazi
ukuhlanganisa futhi aqondise
zonke izingxenye zawo ngaphansi komthetho waKhe ngendlela
enga-nqamuki,okuwukuwulondoloza.
Futhi, ngenxa yalokhu uJehovah uNkulunkulu usho nokusho:
Ukuthi Yena ungama-Qaliso nama-Gcino, isiQalo nesiPhetho,
u-Alpha no-Omega
(Isa.xliv.6; Isamb.i. 8, 17).
Nakwenye indawo:
Ukuthi Yena wenza konke, weneka amazulu ngaphezulu,endlale
umhlaba Yedwa
(Isa.xliv.24).
Loluhlelo olubanzi kangaka olubizwa ngokuthi umkhathi
luwumsebenzi obumbe-ne ngokusebenza
kusukela ezintweni zokuqala kuya ezintweni zokugcina, ngoba
ekuwudaleni uNkulunkulu
wayenenhloso eyodwa, kwakuyizulu lezingelosi elisu-selwa
kubantu; futhi-ke zonke izinto umhlaba
owakhiwe ngazo zingamasu okufe-za lokho;njengoba lowo onenhloso
ufuna namasu okufeza leyo
nhloso. [2] [2] [2] [2] Nga-
17
khoke, noma ubani obona umhlaba ungumsebenzi oqukethe amasu
okufeza uyakwazi ukubona
-
indalo ewumkhathi iwumsebenzi ohlangene njengento
eyo-dwa,nokubona ukuthi umhlaba uwuphico
(lwamasu) oluhlelwe ngokwelamana kosizo lwalo,inhloso kuwusizo
kubantu (okuyibona izulu
lezingelosi lakhiwa ngabo). Uthando lobuNkulunkulu lungehlose
lutho olunye ngaphandle kokubusi-
seka kwabantu,umthombo wakho (ukubusiseka) kuwuYe;nenhlakanipho
yaKhe yobuNkulunkulu
ingesungule lutho ngaphandle kwemisebenzi engamasu okufe-za
leyonhloso.Ekukhangeleni
umhlaba ngalendlela yokuqonda kabanzi (ngoku-jwayelekile) bonke
abantu abaqotho bangakuqonda
ukuthi uMdali womkhathi Munye,nokuthi ingqikithi yaKhe wuthando
nenhlakanipho; ngalesisizathu
kunge-bebikho kuyo (ingqikithi), ngisho imininingwane ingaba
mincinci kangakanani, lapho
kungekho khona okuwumsebenzi owusizo kumuntu,noma ngabe
luyabo-nakala noma lufihlekile—
ukudla okuyizithelo zomhlaba,nokuphuma ezilwaneni, nezembatho
ezikhiqizwa yilezizinto. [3] [3] [3] [3] Kwaze
kwamangalisa ukuthi icimbi lika-silika elinganakekile likwazi
ukugqokisa lihlobise ngendlela
encomekayo abesi-fazane nabesilisa ngosilika, kusukela
kuzindlovukazi nakumakhosi kuya ezise-
benzini zesifazane nezesilisa; nokuthi isinambuzane esingasho
lutho njengenyo-si sikwazi
ukuhlinzeka ngesibumbatha (umovu) sokucwazimulisa imibhoshongo
yama thempeli nezigodlo
(izindlu zamakhosi). Labo abacubungula imininingwane yezinto
ezimbalwa emhlabeni,esikhundleni
sokubuka ukuhlobana kabanzi kwezi-nto,njengezinhloso,amaqhinga
okufeza izinhloso nezifezo
uqobo,benjalo-nje ba-buye bangakufumani ukuthi indalo ivela
othandweni loBunkulunkulu
ngenhlaka-nipho yoBunkulunkulu, abakwazi ukubona ukuthi umkhathi
ungumsebenzi ka-Nkulunkulu
oyedwa,nokuthi Yena uhlala phakathi kwayo yonke into ewusizo
ngoba uhlala ezifezweni. Ngokuba
ngasosonke isikhathi lowo osenhlosweni umele
abesemaswini,njengoba inhloso iyingaphakathi lawo
wonke amasu okufe-za leyonhloso,iwaqhuba futhi iwaqondisa. [4]
[4] [4] [4] Labo abangawuthathi umkhathi
njengomsebenzi kaNkulunkulu nokuthi uyilapho kuhlala khona
uthando nenhla-kanipho
yoBunkulunkulu,kodwa bawuthathe njengomsebenzi wemvelo lapho
kuhlala khona ukushisa
nokukhanya kwelanga, bavala izindawo eziphakeme zemiqondo yabo
bevimbela uNkulunkulu,
bavule ezingezansi bevulela udevela, ngenxa yalokhu bakhumula
ubuntu bagqoke ubulwane,
bangagcini ngokucaba-
nga ukuthi bafana nezilwane, kepha babe yizo (izilwane) uqobo
lwazo. Ngokuba baba
-
yizimpungushe ngobuqili, babe yizimpisi ngobudlovadlova,
yizinhlosi ngo-
zungu,yizingwe ngonya, nezingwenya,nezinyoka,nezikhova nezinye
izinyoni zasebusuku
ngokwehlukahlukana kobunjalo kwazo.Futhi,ezweni likamoya labo
abanjalo bafana nazo lezizilwane
zasendle uma bebuqamama. Uthando lwabo lobubi luzitshengisa
kanjalo.
(7) Lowo ongavumi ukuthi uNkulunkulu ukhona uyaxoshwa ebandleni
alahlwe.
18
Noma ubani ongakholwa ukuthi uNkulunkulu ukhona uyakhishwa
ebandleni le-sonto ngokuba
uNkulunkulu uYena umnyombo wesonto; nezinto zaKhe ezipha-thelene
nolwazi lobunjalo baKhe
yizona ezenza isonto;ngalesisizathu ukuphika uNkulunkulu
kuwukuphika zonke izinto ezimayelana
nesonto; yilokhu ukumphika okuyikhona okukhipha umuntu
esontweni; kanjalo umuntu kakhishwa
nguNkulu-nkulu,kepha uzikhipha yena. Ungolahliweyo-ke ngoba
okhishwe esontweni
Ungokhishiwe nasezulwini;njengoba isonto emhlabeni nezulu
lezingelosi kwenza into eyodwa,
njengengaphakathi nengaphandle noma isimo sikamoya nesimo
semvelo kumuntu; futhi umuntu
wadalwa nguNkulunkulu ukuba abe sezweni lika-moya ngengaphakathi
lakhe kodwa abe sezweni
lemvelo ngengaphandle lakhe; ngalendlela umuntu wadalwa ukuba
abe ngowomdabu kuwo
womabili amazwe, ukuze okukamoya nokungokwasezulwini
kungatshalwa kokungokwemvelo,no-
kungokomhlaba,njengembewu itshalwa emhlabathini; ukuze futhi
umuntu agxi-liseke kuze kube
phakade. Umuntu osezikhiphe yena esontweni kanjalo nase-zulwini
ngokuphika uNkulunkulu usuke
esehluthulele ubuntu bakhe bangapha-kathi ngokwentando
nangokobunene bayo; ngokuba intando
yomuntu iyisitsha sothando lwakhe nalapho ihlala khona. Kepha
akakwazi ukuvalela umuntu wa-
ngaphakathi ngokuqonda ngoba ukuba ubengakwazi ukwenza njalo,
lokho bekuzoqeda ukuba
wumuntu. Nokho uthando lwentando yakhe luyayihunga ingqondo
ngamanga ngisho namazinga ayo
aphakeme imbala; ngalesisizathu amaqiniso enkolo nokulunga
kwesisa senhliziyo avaleleka
ngaphandle kwe-ngqondo; kuye ngokuya kuvaleleke uNkulunkulu nazo
zonke izinto zikamoya
zesonto. Ngalendlela umuntu uyavaleleka ebudlelwaneni
nezingelosi zezulu, uma-ke esevaleleke
ezulwini kanjalo, ungena ebudlelwaneni nosathane base-sihogweni,
acabange njengabo; bonke-ke
-
osathane bayamphika uNkulunkulu, nemicabango yabo ngoNkulunkulu
nezinto zikamoya zesonto
iwubulima (ubu-wula) ; nomuntu-ke osexhumene nalabosathane
ucabanga kanjalo. [3] [3] [3] [3] Uma
lomuntu esesimweni sakhe sikamoya, njengalapho ezizindlela
yedwana,uyazi-khandla ukuba
imicabango yakhe iholwe wubumnandi bobubi namanga aseza-khele
khona waze wakumilisa
ngaphakathi kuyena; bese ecabanga ukuthi uNkulunkulu kakho,
kepha (uNkulunkulu) yigama nje
elisakazwa e-pulpiti ukulu-tha abantu abangazi lutho ukuba
bagcine imithetho
yobulungisa,okuyimithetho
yomphakathi. Futhi lomuntu ucabanga ukuthi iZwi okuyilona
abefundisi beshu-mayela ngokusukela
kulona, alilutho ngaphandle kwembumbuthela yamaphupho aseguqulwe
abangcwele ngabaphathi
bambe, nemiyalo eyishumi kumbe ukuzi-buzisisa (catechism)
akulutho ngaphandle kwencwajana
edinga ukulahlwa emu-va kokugugiswa wukuphathwa yizandla
zabafanyana, njengoba ifundisa
ukuthi abazali kufanele bahlonishwe, yenqabele ukubulala,
ukuphinga, ukweba nokufa-kaza
amanga; ubani-ke ongekufunde lokho emithethweni kahulumeni ?
Ucaba-
19
nga ukuthi isonto lingumbuthano wabantu abangahlakaniphile,
abasheshe ba-kholwe
nabanezingqondo ezibuthakathaka ,ababona izinto abangaziboni.
Uca-
banga ukuthi umuntu, naye njengoba engumuntu, uyafana nesilwane,
nokuphila kwakhe emuva
kokufa kufuze ukuphila kwesilwane emuva kokufa kwaso. [4] [4]
[4] [4] Lo-muntu ucabanga kanje
ngengaphakathi lakhe , noma angakhuluma okwehluke kanganani
ngomlomo,okuyingaphandle
lakhe. Ngokuba, njengoba sekushiwo, umuntu unengaphakathi
nengaphandle; yingaphakathi lakhe
okuyilona umuntu, okuwukuthi umoya wakhe okunguwona ophila
ngemuva kokufa; kuthi ingapha-
ndle lakhe, akwazi ngalo ukuzenzisa ukulunga kwenhiziyo,
lingcwatshwe ethu-neni; bese kuthi
ngenxa yokuphika uNkulunkulu lomuntu kube olahliwe. Maqo-ndana
nomoya womuntu, wonke
umuntu uhlanganiswe nemimoya efana naye ezweni likamoya, abe
munye nayo. Kuvamile ukuba
ngivunyelwe ukubona emi-phakathini yasezweni likamoya imimoya
yabantu besaphila
emhlabeni,abanye emiphakathini yezingelosi nabanye
besemphakathini yasesihogweni futhi ngi-xoxe
-
nayo kuze kuphele izinsuku; futhi kungimangalisile ukuthi umuntu
yena kazi lutho ngalokhu esaphila
emzimbeni wakhe wemvelo. Ngalendlela ngacaciselwa ukuthi lowo
ophika uNkulunkulu usuke
esevele ekwabalahliwe ezweni likamoya, nokuthi emuva kokufa
uhlangana nabanjengaye.
15. 15. 15. 15. (8) Umuntu ongavumiyo ukuthi kukhona uNkulunkulu
oyedwa, kepha evuma ukuthi baningi,
akukho lutho lweSonto olusala kuye lubekhona oluyisi-gxila. Lowo
ovumayo ngenkolo yakhe futhi
ekhonza uNkulunkulu oyedwa nge-nhliziyo yakhe, kanye-kanye
usenhlanganisweni yabalungileyo
emhlabeni nase-nhlanganisweni yezingelosi ezulwini. Lezi zibizwa
ngokuthi “yizinhlanganiso” ,
nembala yizinhlanganiso ngoba zikuNkulunkulu oyedwa noNkulunkulu
oyedwa ukuzona.
Nangaphezu kwalokho, zixhumene nalo lonke izulu lezingelosi,
futhi ngingasho nokusho ukuthi
zixhumene nazo zonke izakhamizi zase zulwini ngoba zonke
(izakhamizi) zifana nezingane
nesizukulwane esifuze ubaba oyedwa nge-zimilo, ngemikhuba
nangokubukeka, okwenza ukuba
zazane lapho zihlangana. Izulu lezingelosi lihlelwe
ngemiphakathi evumelanayo ngazo zonke
izinhlobo zothando lokulunga, futhi lezizinhlobo zothando zimile
othandweni-nqangi,oku-wuthando
lokuthanda uNkulunkulu; okuyilona thando okuzalelwa kulo bonke
abanenkolo evuma futhi
ngezinhliziyo bekhonza uNkulunkulu oyedwa, onguMdali
womkhathi, nonguMsindisi noMguquli. Kepha isimo sehluke kakhulu
kulabo aba-vuma futhi
bakhonze onkulunkulu esikhundleni soyedwa, nakulabo abakhuluma
ngoyedwa bebecabanga
ngabathathu, njengoba kwenza labo abasesontweni namhlanje
ngokucaza uNkulunkulu bamenze
abantu abathathu bese begomela ukuthi yilowo nalowo
unguNkulunkulu ngokwakhe, bese bepha
lowo nalowo Nku-lunkulu isimo noma ubunjani obungafani
nobabanye. Kulokhu kuqubuka ukuhla-
kazeka kobunye buka Nkulunkulu nolwazi olumayelana naYe,
nokuhlakazeka
20
kokucabanga okuyikhona okuthwele ulwazi ngezinto
zikaNkulunkulu.Yini-ke
enye engalandela lokhu ngaphandle kokudideka nokungezwakali
kwezinto zeso-nto? Ukuthi lokhu
kuyisimo sesonto namhlanje kuzokhonjiswa kwi-Sengezo
salo-msebenzi. Iqiniso wukuthi ukucazwa
kukaNkulunkulu,noma ingqikithi yobuNkulu-nkulu kube ngabantu
abathathu,yilowo nalowo abe
-
nguNkulunkulu ngokwakhe, kugolomba ukumphika uNkulunkulu. Kufana
nokuba umuntu ezongena
ethempe-lini ezokhonza, abese ebona izithombe ezidwetshiwe
zeyeme etafuleni elibekwe ngaleya
kwe-althare,esinye sikhombisa uNkulunkulu wama-Ndulo,esinye
sikho-mbise uMphristi oPhakeme,
nesesithathu sikhombise u-Eolus ondizayo,kwase kulotshwa
ngezansi ukuthi: ” Laba abathathu
bawuNkulunkulu oyedwa ” ; noma kufana nokubona lapho ubunye
nobuthathu bukhonjiswe
njengomuntu onama-khanda amathathu phezu komzimba owodwa, noma
ikhanda elilodwa phezu
kwemizimba emithathu,okwakungaba yisimanga esesabekayo. Uma
umuntu onalomqondo
engangena ezulwini, nomakanjani angakhishelwa ngaphandle
ngokuphulukundlela noma angasho
agomele ukuthi ikhanda kumbe amakhanda asho ingqikithi,nomzimba
kumbe imizimba isho ubunjalo
bayo obahlukahlukene.
16. 16. 16. 16. Kulokhu ngizokwengeza ngalokhu okuBalulekileyo
:-
Ngabona abanye ababesandukufika ezweni likamoya bephuma ezweni
lemvelo bexoxa
ngoNkulunkulu baphakade kusukela phakade. Babekade
beyiziphaka-nyiswa zesonto, omunye
wabo wayekade engumbhishobhi.
Basondela kimi;ngemuva kokukhulukhuluma ngezwe likamoya,
okuyinto ababengazi lutho
ngayo ngaphambili,ngathi, “nginizwile nikhuluma ngoNkulu-nkulu
abathathu bangunaphakade;ngicela
ukuba keningichazele lemfihlakalo ngokusukela ekuyiqondeni kwenu
nisaphila ezweni lemvelo lapho
nisanduku-phuma khona ”.
Lapho umbhishobhi wangibheka wathi, “ngiyabona ukuthi
ungumuntu-nje ongajulile, ngakhoke
ngizokwenekela imiqondo yami ngalemfihlakalo,futhi
ngi-zokufundisa. Ukuyiqonda kwami lendaba
bekuwukuthi, namanje kusewukuthi, uNkulunkulu uYise,
noNkulunkulu iNdodana, noNkulunkulu
uMoya oyiNgcwele bahleli emongweni wezulu ezihlalweni
ezikhazimulayo eziphakeme noma zobu-
khosi—uNkulunkulu uYise esihlalweni segolide elingaxutshwe
nalutho, nentonga
yobuKhosi esandleni saKhe; uNkulunkulu iNdodana, esandleni
sokudla saKhe, esihlalweni sesiliva
elicwebe kanawowonke amasiliva, nomqhele ekhanda; uNkulunkulu
uMoya oyiNgcwele,eduze
kwabo,esihlalweni setshe elibenyezela-yo,ephethe ijuba ngesandla
sakhe;bese bekakelezelwa
ngezibani ezilengayo ezihlelwe ngemigqa emithathu
ngokulandelana,nokukhanya kwazo
-
kucwazinyu-liswa ngamatshe amahle kakhulu; bese kuthi
bude-buduze nalesisiyingi kukhona
izingelosi eziningi,zonke zikhonzafuthi zibonga ngokuhlabelela;
futhi okunye, wu-kuthi uNkulunkulu
uYise ngasosonke isikhathi uhlala ekhuluma neNdodana ya-
21
Khe ngalabo okufanele bavunyelwe (basindiswe), bobabili bese
behlulela futhi banqume ukuthi
obani emhlabeni abafanele ukungeniswa ezingelosini baphiwe
ukuphila kwaphakade;uNkulunkulu
uMoya oyiNgcwele-ke Yena , esezwile ukuthi bangobani-ke labo
asebekhethiwe, uyaphangisa
ukwehlela kubona lapho bekho-na emhlabeni ebaphathele izipho
zokulunga eziyizimpawu eziningi
zokusindiswa kwabo; ngomzuzu lapho esondela kubona,
ebaphefumulela, uhlakaza izono za-
bo,njengeventiletha (i