Page 1
Fighting Disease, Fighting Poverty, Giving Hope
umBasa • 2014
mahhala
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
UHLELO LUKAZWELONKE LEZEMPILO:Ukwenza ezempilo zibe yilungelo, zingabi ezabathile
Ukusoka iHhovisi lombhekelelizikhalo wezempilo Ukusetshenziswa kwemithi
Kanye nomfanekiso okhishwayo
Page 2
Umyalezo ovela kuMEC WezeMpilo e-KZN,
uDkt Sibongiseni Dhlomo
UNkulunkulu anibusise!
Ngale nyanga izwe lethu liqeda
iminyaka engama-20 yentando
yeningi. Kuyigxathu elikhulu uma
sibheka lapho sisuka khona, lapho
esikhona kanye nalapho okumele siye khona
ngaphambi kokuba sizincome ngesikwenzile.
Siyobe aSenzanga kahle uma
singabhekani ngqo nobhubhane
lwengculazi okwakungamazwi kamengameli
osewashona, uNelson Mandela (sengathi
angaphumula ngokuthula). Kungiphatha
kabuhlungu njengo-MEC wezeMpilo kulesi
sifundazwe ukuthi isifundazwe sethu yisona
esinezibalo eziphezulu zalesi sifo. Kepha
lokhu sekuyashintsha – sibonga wonke
umuntu ohlala nosebenza kulesi sifundazwe.
nakuba izwe lonke – uma kungemhlaba,
libheke izinselelo esinazo kepha siyaqhubeka
nokusebenza ngokuzikhandla naphezu
kokwentuleka kwezinsizakusebenza
ukuphucula indlela esihlinzeka ngayo
izidingo. Sikwazile ukuphumelela
ekuhlinzekeni ngezempilo KwaZulu-Natali
okuyinto okumele siziqhenye ngayo.
njengoba Sibheka intando yeningi,
ngifisa ukubonga bonke abasebenzi
bezempilo, onompilo kanye namavolontiya
asebenza emiphakathini ebe ehamba
ngezinyawo, engakhathali. Kungenxa
yemizamo yenu okwenza sikwazi ukuthi
i-KZN isiba ngcono. Nakhu okunye esikuzuzile
kwezempilo:
Ukwenyuka kweminyaka yokuphila –
abantu abaningi sebephila kade.
Ukuhlolwa nokwelashwa okusheshayo
kwe-TB
Inqwaba yodokotela, abahlengikazi,
onompilo kanye nababelethisi
Umgomo wamahhala wamantombazane
amancane wokuwavikela emidlavuzeni
ethile
Impumelelo ohlelweni lokusoka olube
nempumelelo engama-100% ngaphandle
kokufa ngisho koyedwa esifundazweni.
lezi ezinye zezizathu zokuba sigubhe
iminyaka engama-20 yentando yeningi
kepha iseyinde indlela. Ngiyanimema
ukuna nihlanganyele kanye nami kulolu
hambo lokwenza lesi sifundazwe kube
ngesingaziqhenya ngaso. Eminyakeni
engama-20 eyedlule bambalwa abantu lapha
eNingizimu Afrika nasemhlabeni jikelele
ababengakholwa ukuthi lingehla inani
labantu ababulawa yigciwane lesandulela
ngculazi kanye nengculazi. Sikwenzile lokho
ngakho kumele siqhubeke kuze kube lesi
sifundazwe asibi ngesokuqala esinabantu
abaningi abanalesi sifo. Singakwenza lokhu.
njengoba uTaTa uMadiba ake athi:
“kuye kubonakale kungeke kwenzeke kuze
kwenzeke.”
UKUVIKELA OMAMA UKUVIKELA IZINGANEAMAQINISO EMPILOngabe ukhulelwe? usukhulumile nodokotela noma umsebenzi wezempilo nge-hiV? Njengowesifazane okhulelwe kubalulekile ukwazi isimo sakho sezempilo ukuze wazi ukuthi ungahlala kanjani uphilile ukuze ungedluliseli igciwane lesandulela ngculazi enganeni yakho. Kubalulekile ukuba uyobona udokotela noma umsebenzi wezempilo uma ucabanga ukuthi usukhulelwe.
Uma unegciwane lesandulela ngculazi ungaqinisekisa ukuthi ingane yakho ayilitholi. Ngokwelulekwa, unakekelo kanye nemishanguzo yakho neyengane, angama-98% amathuba okuba ingane yakho ingalitholi igciwane lesandulela ngculazi.
nika ingane yakho isipho sempilo ngokuyohlola namuhla emtholampilo wangakini.
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
Page 3
UMbA
sA 2
014
UKUsOKA Kwehlisa ukusabalala kwe-HIV ngama-70%
IMItHI Kungenzekani uma ingasetshenziswanga ngendlela
I-NHI Ikusiza kanjani wena kanye nezwe
UMfANEKIsO Yisikhathi sokugoma, ungakhohlwa ukuyisa ingane yakho!
IHHOvIsI LOMbHEKELELIZIKHALO Ungasifaka nini, kuphi isikhalo uma ungenelisekile ngezidingo ohlinzekwa zona
IZINdAbA ZEZEMPILO E-KZN okwakamuva koMnyango Wezempilo esiFundazweni
IMIyALELO yEZEMPILO Kwazi okumele ukubheke ekukhuleni kwakho
IZINsUKU ZOKUqWAsHIsA NgEZEMPILO ZIKAMbAsA Bheka kokugxilwe kukho kule nyanga
UKUSOKA – Kuseyindlela ephuma phambili ekwehliseni ukusabalala kwe-HIv
VAKASHELA UMTHOLAMPILO OSEDUZANE BESE UKHULUMA NABO NGOKUSOKA KWAMAHHALA NOKUPHEPHILE – YEHLISA UKUSABALALA KWE-HIV BESE UHLAKANIPHA NGOKUSOKA!
Imifanekiso esetshenziswe kwEzEmpilo eyokucacisa kuphela, ayiqondile ukuveza abantu bangempela futhi ayimele lokho okuqukethwe ushicilelo.
PHO ULINDENI?Kubantu abaningi besilisa abasebasha ukucabanga ngokusoka kuyesabisa ngenxa yezindaba abazizwayo uma kungahambanga kahle. Kepha iqiniso elokuthi isiFundazwe saKwaZulu-Natali siyaziqhenya ngokuthi akukho namunye oseke wafa emva kokusoka ngoba kwenziwa ochwepheshe abaqeqeshiwe – izinkulungwane zabantu abasha zisokwa mahhala minyaka yonke ukuze kwehle izinga lokuba bahlaselwe yigciwane lesandulela ngculazi. Nqoba ukwesaba ngolwazi bese wenza okuzothuthukisa impilo yakho. INkosi uGoodwill Zwelithini yayingeke ilivuselele isiko lokusoka kubafana bamaZulu ukube yayingakholelwa ekuthini liphephisa impilo!
Buka uMusa, ongowesilisa oneminyaka
engama-25 wakwaNongoma.
Usandakusoka emtholampilo wangakubo
kanti uthi wakwenza lokhu emva
kokufunda ngemihlomulo yakho
empilweni. “Angikwenzanga lokhu ngoba
ngibona wonke umuntu engimaziyo
ekwenza noma ngoba kuyisiko lami
kepha ngikwenzele impilo yami.
Ngafunda ngakho ngakuqonda
ngabe sengikwenza.
Sengizoshadelwa
kanti ngifisa ukuba
nobudlelwano
obuphephile kwezocansi
nomkami. Ngifuna
akhululeke azi ukuthi
ngenza okulungile
ukunakekela thina
sobabili,” esho
ngokumoyizela.
IQUINSO: Ukusoka kwehlisa
ukusabalala kwe-HIV
ngama-70%!
Usenamathandabuzo? Bheka eminye imihlomulo yokusoka:
Kwehlisa ukwedluliseleka kwezifo zocansi Kwehlisa ubungozi bezinkinga zesinye nezindlala zowesilisa uma usukhulile Kwehlisa amathuba omdlavuza wesitho sowesilisa Kwehlisa ubungozi bomdlavuza wesibeletho ngama-20% ngoba igciwane lihlala ejwabini lowesilisa Izifo zokuchama kanye nezinye izindlala ziyehla Kulula ukuhlanza isitho sangasese esisokiwe, asinuki kanti nabalingani bayaluthokozela ucansi
KHUMbULA! Ukusoka kwehlisa kuphela ukwedluliseleka kwegciwane lesandulela ngculazi nengculazi uqobo kepha akubavikeli abantu abalala nabantu abaningi. Okuyiyona ndlela yokugwema igciwane lesandulela ngculazi nengculazi uqobo ukuba nomlingani oyedwa othembekile kanye nokuzivikela uma wenza ucansi.
Siyababonga laba abalandelayo ababe neqhaza:UMNYANGO WEZEMPILO E-KZN: UPHIKO
LWEZOKUXHUMANA
U-ZOHRA MOHAMED TEKE (UMHLELI)
COLIWE ZULU
THANDI ZULU
DERICK MATSENGARWODZI
THEMBA MNGOMEZULU
SARA AULD
DR GUGU MAZIBUKO
Sinike uvo lwakho, noma usitshele ukuthi ucabangani ngalo magazini! P O Box 25439, Gateway, 4321, UCINGO-031 825 6790. I-EMAIL: [email protected] ILUNGELO LOBUNIKAZI
Konke okushicilelwe kulo magazini kuyilungelo le-Ezempilo… Health Matters futhi kungase kuphinde kukhiqizwe futhi kusakazwe mahhala ngezinjongo zokufundisa kuphela.
Zonke izikhangiso ezikulo magazini akukona ukuthi zisekelwa ngokusemthethweni uMnyango Wezempilo Wase-KZN, uMasipala WasEthekwini noma Ezempilo Health Matters
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
okuqukethwe
umgomoi-nhiimithiimiyalelo yezempilo
Page 4
Omunye...Makafundise nomunye
SEBENZISA IMITHI NGENDLELA UKUPHE-
PHISA ABANINGIImithi ingasetshenziswa ngendlela ukwelapha izifo eziningi, kungaba eyesintu noma eyesimanje. Kubalulekile ukuyisebenzisa ngendlela. Uma ingasetshenziswanga ngendlela ingakulimaza noma ikubulale.
Eminye imithi ingalimaza owesifazane okhulelwe noma oncelisayo bese kulimala nengane. Ukugwema ukungasetshenziswa ngendlela kwemithi sika bese ugcina le miyalelo elandelayo bese ufundisa nabanye emphakathini wangakini kanye nasesikoleni ukuthi bangayisebenzisa kanjani imithi ukuze ibasize.
ISEXWAYISO: UMA KADE UTHATHA IMITHI WASE UbA NAMAQHUbU ESIKHUNJENI, UKUVUVUKALA KOMLOMO NOMA UbUNZIMA
bOKUPHEFUMULA, YEKA LEYO MITHI bESE UTHOLA USIZO NGOKUSHESHA.
Thola iSeluleko kuMSebenzi wezeMpilo ngaphambi kokuthatha imithi, uqinisekise ukuthi uyakuqonda ukuthi:
Kumele uthathe kangakanani. Uthatha kangaki ngosuku futhi izinsuku ezingaki.
Thatha sonke isilinganiso esidingekayo. Uma uyeka masinyane imithi, ukugula kusazobuya. Kubalulekile ukuqeda yonke imithi ikakhulukazi uma une-TB.
Yazi izimpawu eziqwashisa ngezinkinga ezingadalwa yimithi (funda ngokungaba umphumela ongemuhle).
Yazi uma ungezwani nokudla okuthile bese ubuza ukuthi kumele uyithathe ngaphambi noma ngemuva kokudla.
Gwema ukuphuza imithi eminingi ngesikhathi esisodwa. Eminye imithi ivimba ukusebenza kweminye.
Qiniseka ukuthi iphakethe linelebula ecacile nebhalwe ngendlela.
khuMbula! Laba bantu abalandelayo badinga ukuqaphela nokwelulekwa ngaphambi kokuba bathathe imithi:
Abesifazane abakhulelwe noma abancelisayo (noma yini abayithathayo yedlulela enganeni, bese idala inkinga).
Abantu abanesifo sesibindi noma sezinso. Uma isibindi noma izinso kungasebenzi ngendlela kungenza imithi ibe wushevu.
Labo abanezilonda emathunjini. Imithi enjenge-aspirin ibanga ukopha emathunjini kanye/noma isilungulela esibuhlungu.
gweMa iMiThi eMidala: Kumele usebenzise umuthi ngaphambi kokuba uphelelwe yisikhathi. Usuku lubhalwe ngamagama amancane ephaketheni noma ebhodleleni. Kwesinye isikhathi kungcono ukuthatha imithi esiphelelwe yisikhathi kunokuba ungathathi lutho, kepha kumele welulekwe umsebenzi wezempilo. Ungayisebenzisi uma:
Amaphilisi eseqhephuka noma eshintsha umbala
Amaphilisi esenamathelene noma eseme ngendlela ehlukile
Imijovo
Amaconsi amehlo
Imithi exutshwayo
Uketshezi oselunezibhidi
Qiniseka ukuthi imithi idingekile – ungayithathi
ngoba uzitshela ukuthi izosiza!
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
Page 5
LUGUQUKA KANJANI
UHLELO LWETHU LWEZEMPILO
Ungavumeli izindaba
zikudide. Thola amaqiniso
Kungenzeka ukuthi kukhona okuzwile ngayo. Uhulumeni wethu uguqula indlela anakekela impilo yethu ngayo. Ibizwa ngokuthi uhlelo lwe National Health Insurance (NHI) futhi luzosatshalaliswa
ngokuphelele kule minyaka eyi-13 ezayo. Kumanje “luyahlolwa” ezindaweni ezimbalwa, okubandakanya iziFunda zaKwaZulu-Natali; uMgungundlovu, uMzinyathi kanye naseMajuba.
Okuhlosiwe ukuthi kuhlolwe ukuthi yikuphi okudinga kwenziwe nokuthi zinganqotshwa kanjani izinkinga ngaphambi kokuthi uhlelo lusatshalaliswe ezweni lonke.
kunemibuzo eminingi edidayo ngalolu hlelo lwezempilo olusha. Ngabe luzoholela ekunakekelweni kwempilo okungcono? kudingeka ukhokhe intela eningi? Ukuze sikusize ukuthi uqonde,
senze kwaba lula ukuyiqonda i-NHi ukuze nawe ukwazi ukufundisa abanye ngalezi zinguquko…
Kungani sidinga uhlelo olusha lwezempilo?Ukunakekelwa kwezempilo yilungelo labantu futhi akufanele kuye ngokuthi uhola malini. Noma uhulumeni esezame konke ukuqeda umonakalo owenziwa ubandlululo olwaluhlinzeka ngezidingo zezempilo edlanzaneni labantu bebe bengalinaki iningi labantu, iqiniso ukuthi inani elikhulu labantu liyaqhubeka nokufa kanye nokuhlupheka okungenasidingo ngenxa yempilo ebuthaka. Ngalesi sizathu, uhulumeni wanquma ukuguqula indlela ukunakekelwa kwezempilo okulethwa ngayo ebantwini, ukuze wonke umuntu abe nelungelo lokunakekelwa kwezempilo – kunganakwa ibala, ubuhlanga, ubudala noma inkolo. Ufuna futhi ukuqinisekisa ukuthi ukunakekelwa kwezempilo kumahhala.
Uhlelo lwezempilo esinalo olokwelapha – kusho ukuthini lokho?Lokhu kusho ukuthi sichitha isikhathi nemali eningi selapha abantu kunokuvikela izifo. Ngaphansi kwe-NHI, kuzokuba ukuvikela kakhulu, ukuze abantu bazi ukuthi yini eholela ezifweni nokuthi zivikelwa kanjani ukuze isidingo sokuya esibhedlela njalo sibe sincane futhi babe yingcosana abantu abagulayo. Ngaleyo ndlela, izikhungo zethu zezempilo angeke zigcwale kuze kweqe futhi zizokwazi ukuhlinzeka ngokunakekelwa okungcono kulabo abakudinga ngempela. Lokhu kuzonciphisa izindleko esezingasetshenziswa ngendlela efanele ekuqeqesheni abanye abahlengikazi,
Odokotela bona?IsiKhungo ngasinye sezoKunakekelwa kwezeMpilo eyisiSekelo sizokuba nodokotela abazokwazi ukukwelaphela khona lapho noma bakudlulisele esibhedlela esiseduze uma kunesidingo. UMnyango wezeMpilo usuvele uqeqesha futhi uqasha abanye odokotela ukuze uma lolu hlelo lwezempilo olusha selusatshalaliswa kule minyaka eyi-13 ezayo, izikhungo zethu zikulungele ukumelana nalokhu.
Ngabe lolu hlelo olusha luyohlinzeka ngazo zonke izidingo mahhala?I-NHI izonika bonke abaseNingizimu Afrika kanye nabahlali abasemthethweni ithuba lokuthola uhla olubanzi lwezidingo zezempilo ezimqoka. Noma i-NHI ingeke ibe yikho konke, izohlinzeka ngokunakekelwa emazingeni onke, kusukela ekunakekelweni kwezempilo okuyisisekelo kuye ekunakekelweni okukhethekile. Kodwa okokuzilungisa njengokokunciphisa umzimba noma ukususa imibimbi ngeke kufakwe.
Luyoqashwa kanjani lolu hlelo?Ngaphansi kwe-NHI, uhulumeni uzoba nemihlahlandlela eqinile okuzomele wonke umhlinzeki wezidingo obhalisiwe ayilandele. Uhlaka oluqaphayo olubizwa ngokuthi yi Office of Health Standards Compliance selumisiwe ukuze luqinisekise ukuthi kuyafinyelelwa emazingeni.
onompilo bezempilo yomphakathi, ababelethisi kanye nodokotela ezindaweni lapho bedingeka kakhulu. Uyoyikhokhela i-NHI?I-NHI izothola imali ngezindlela ezintathu: imali kahulumeni (kusetshenziswa intela), imali efakwa ngabaqashi, kanye nemali ebanjwa emaholweni abantu abahola ngaphezu kwama-R60 000 ngonyaka. Ngabe abangasebenzi bayokwazi ukuthola unakekelo lwezempilo ngaphansi kwe-NHI?Yebo. I-NHI ihlose ukuhlinzeka ngokunakekelwa kwezempilo kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika nezakhamizi ezibhalisiwe. Uma ungasebenzi, ungumfundi, noma uhola ngaphansi kwama-R60 000 ngonyaka usengakwazi ukuthola ukunakekelwa kwezempilo kwamahhala. Labo abangabhalisiwe njengabaseNingizimu Afrika kanye nezivakashi angeke bakwazi ukuthola ukunakekelwa kwezempilo kwamahhala ngaphansi kwe-NHI, kodwa basengakwazi ukuthola ukunakekelwa uma kuyisimo esiphuthumayo.
Ngizwile ukuthi ku-NHI sikhokha intela eningi, ngabe yiqiniso?Cha. Amaphesenti angama- 95 emali ye-NHI asevele akhona. Uhulumeni udinga ukuthola indlela yokuthola la maphesenti ama-5 asele futhi-ke lokhu ngeke kwenziwe ngokukhokhisa abantu intela enkulu. Kusabhekwa ezinye izindlela zokuthola enye imali engaphezulu njengokuthi kukhushulwe intela ezintweni ezinjengotshwala, njalonjalo. I-NHI ngeke ibe ngumthwalo emaholweni abantu. bayohlomula kanjani abesifazane abakhulelwe kanye nezingane?Ngaphansi kohlelo olusha, abesifazane, izingane, abadala kanye nabasha bayothola ukunakekelwa kuqala. Kuzoncipha isikhathi sokulinda, kwande izinsizakusebenza, kube nabasebenzi abaqeqeshwe kangcono kanti futhi okubaluleke nakakhulu, uhulumeni uzokuqapha ukusebenza kwabasebenzi bezempilo ukuqinisekisa ukuthi uthola ukuphathwa okusezingeni elilindelekile.
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
KUGXILWE KU-NHI
Page 6
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
Page 7
Ukunakekela impilo yaso Ukunakekela nokuvikela imvelo Ukuhlonipha amalungelo ezinye iziguli kanye nabahlinzeka ngezempilo Ukusebenzisa uhlelo lwezokunakekelwa kwezempilo ngendlela eyiyo lungasetshenziswa budlabha
Ukwazi indawo yezempilo esendaweni yangakubo nokuthi ihlinzekani Ukuhlinzeka abahlinzeki bokunakekelwa kwezempilo ngolwazi olufanele noluyilo ngenhloso yokuhlola, ukwelapha, ukuhlumelelisa noma ukweluleka
Ukwazisa abahlinzeki bokunakekelwa kwezempilo ngezifiso zakhe uma kwenzeka eshona Ukulandela ukwelashwa okubekiwe Ukubuza ngezindleko ezihambisana nokwelashwa noma ukuhlela ukukhokha Ukunakekela amarekhodi ezempilo akuye
Okulindeleke esigulini
MASENZE UKUNAKEKELWA KWEZEMPILO KUBENGcONO KUBAMBE IqHAZA EKWENZENI
NGcONO UKULETHWA KWEZIDINGO!
Unesikhalo ngezidingo zezempilo yomphakathi KwaZulu-Natali?
UMnyango wezeMpilo waKwaZulu-Natali ungomunye weminyango kahulumeni onzima nonezinkinga kodwa noma kunjalo kunokuzimisela okukhulu ekuxazululeni izinkinga eziqondene nokulethwa kwezidingo. Ukukulekelela ukuthi uqonde iqhaza kanye nokulindeleke ezigulini uma zivakashela isikhungo sezempilo, abakwa-Ezempilo bakhulume noMbhekelelizikhalo wezeMpilo KwaZulu-Natali uMboniseni Bhekiswayo ngohlelo olukhona uma ungathokozile
nganoma yini ngesidingo osihlinzekwa esikhungweni sezempilo yomphakathi esifundazweni.
Yiliphi iqhaza lakho emnyangweni?Njengombhekelelizikhalo wezempilo wesifundazwe ngiphenya izikhalo kanye nokukhathazeka ngokuhlinzekwa kwezidingo ezikhungweni zezempilo KwaZulu-Natali. Ngibe sengifaka umbiko wami uhambisana nezincomo eNhlokweni yoMnyango ukuze iwucubungule.
Luyini uhlelo lwezikhalo uma umuntu enganelisekile ngezidingo zezempilo?Zonke izikhungo zezempilo zinaBasebenzi bezoBudlelwano noMphakathi (PROs). Laba ngabantu bokuqala abazi ngesikhalo ngoba basesikhungweni futhi bayakwazi ukunyakaza ngokushesha ukuxazulula inkinga. Iziguli kanye nezivakashi kufanele zithathe amagama kanye nezikhundla zabantu abakhulume nabo, igama lesikhungo, usuku lwesigameko kanye nemininingwane yokuthi kwenzekeni, kucace kahle. Uma ngemuva kokufaka isikhalo ku-PRO uthole ukuthi awenelisekile ngendlela isikhalo sakho esisingathwe ngayo esikhungweni, ungakwazi ukuxhumana nehhovisi lami ngqo- imininingwane ilapha ngenzansi.
KHULUMA NATHI!
Sonke isiguli sinelungelo lalokhu:
Indawo enempilo nephephile Ukubamba iqhaza ekuthathweni kwezinqumo
Ukuthola izidingo zokunakekelwa kwezempilo
okufaka:⁓ Ukuthola ngokushesha ukunakekelwa
okuphuthumayo⁓ Ukwelashwa kanye nokuhlunyeleliswa
⁓ Ukuhlinzeka ngezidingo okukhethekile
⁓ Ukwelulekwa⁓ Unakekelo oluphilisayo
⁓ Ukwenza okuhle⁓ Ulwazi lwezempilo⁓ Ukwazi ngomshwalense wakho wezempilo/
uhlelo lokusizwa ngezokwelashwa
⁓ Ukuzikhethela ukuhlinzekwa kwezempilo
⁓ Ukwelashwa ngumhlinzeki wezokunakekelwa
kwezempilo onegama
⁓ Ubumfihlo ⁓ Imvume⁓ Ukwenqaba ukwelashwa
⁓ Umbono wesibili⁓ Ukuqhubeka kokunakekelwa
⁓ Ukukhala ngokuhlinzekwa kwezempiloImininingwane yezokuxhumana nehhovisi lombhekelelizikhalo wezempilo waKwaZulu-Natali:
Private Bag X9051, Pietermaritzburg, 3200
Bika ukuphathwa kabi usebenzise inombolo yethu yamahhala: .................................0800 005 133
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
Page 8
U-MEC EXOXA NABAHOLI BOMDABU NGE-NHI
Ithimba lezempilo laseMelika livakashele isibhedlela sasOsindisweni
Lakhe likasukuma sakhe
inhloko yoMnyango wezeMpilo e-kzn, udkT Sibongile zungu ekanye no-MEC uDhlomo bamukele izithunywa ezivela eMelika esiBhedlela sasOsindisweni esiseNyakatho neKwaZulu-Natali ngas-ekuqaleni kwale nyanga njengengxenye yokuvakashela kwazo amazwe ahlukene aku-SADC.
Ukuvakashela kwabo isibhedlela kuland-ela ubudlelwane obukhona phakathi koM-nyango WezeMpilo KwaZulu-Natali, i-Amer-ican International Health Alliance (AIHA) kanye nesiKhungo Sokulawulwa Kwezifo (CDC) oHlelweni lwe-Clinical Associates. Lezi zithunywa zikhonjiswe isibhedlela lapho zi-bone khona imihlomulo yokusebenzisana kanye nomsebenzi osuwenziwe ngama-Clin-ical Associates ekuthuthukiseni ukunakekel-wa kweziguli kanye nezempilo ezikhungwe-ni zikahulumeni esiBhedlela Osindisweni.
Iqhaza lama-Clinical Associates lisemqo-ka ngoba abhekelela amakhono ashodayo ezikhungweni zezempilo zikahulumeni kanye nokuqinisa uhlelo lwezempilo. Leli qembu lochwepheshe linolwazi oluding-ekayo, indlela yokubuka izinto nokwenza
bakwazi ukusebenza esibhedlela belekelela odokotela kanye nabanye abasebenzi be-zempilo ekuhlinzeni nasekuhloleni iziguli,
ikakhulukazi endaweni okwamukelwa kuyo iziguli, emawodini ezimo eziphuthumayo kanye nasethiyetha.
u-MeC wezeMpilo e-kzn, udkT Sibon-giSeni dhloMo uhlanganyele ndawonye Nabaholi Bomdabu boMkhandlu waseM-gungundlovu ukudingida uhlelo olusha lezwe loMshuwalense Kazwelonke Wezem-pilo ozoqaliswa eminyakeni eyi-13 ezayo. Kubonakala uhlelo lokuhlola ukusebenza kwalolu hlelo kunempumelelo, okubanda-kanya nesifunda saseMgungundlovu lapho u-MEC uDhlomo evule imitholampilo em-iningi eMpendle.
Ekhuluma nabaholi bomdabu ngamaz-inga okukhulelwa ezindaweni, uDhlomo uthe: “Ngidunyazwa ukwenyuka kwezinga lamantombazane aneminyaka engaphansi kweyi-18 eza emitholampilo ezoxukuza. Uma lokhu kungapheli, ngeke siyinqobe impi yokuqeda ingculazi ngoba lokhu kusho uku-thi izingane zethu zenza ucansi ngaphandle kwamakhondomu,” kusho u-MEC.
Esigabeni sokuhlola ukusebenza, iMpen-dle isihlomule kanje:
iSiFunda SaSeMajuba sasijabule kakhulu njengoba bekusandakuvakashela u-MEC uDhlomo ehamba nethimba lakhe likaSu-kuma Sakhe kuyogujwa iminyaka engama-20 yentando yeningi. Ngesikhathi ilambu ledlula esifundeni abantu babekikiza bedansa bejab-
ulela konke osekuzuziwe ukwenza ngcono impilo yabantu baseNingizimu Afrika. Ithimba lakhonjiswa osekwenziwe okubandakanya namajimu aseCharlestown naseNyukhasela enzelwe ukugqugquzela izingane ukuba zibe nempilo.
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
Ukwakhiwa kwemitholampilo emithathu endaweni Umtholampilo omusha ongumahambanendlwana ofinyelela ezindaweni ezingama-23 ezikude
Ithimba Lezempilo Lasezikoleni elihambela izikole eziyisishiyagalolunye ezingu-quantile 1 kanye nez-ingama-31 ezingu-quantile 2
Ithimba Lezempilo Lemindeni elibandakanya abase-benzi bezempilo abangama-28 kanye noSuphavayza aba-3 abazovakashela amakhaya ayizi-2274 bese kuba yithimba lesibili eliyovakashela amakhaya angama-260.
Page 9
USUKU LOMHLABA LEZEMPILO
7UMbAsA
AKUKAKAPHELELWA YISIKHATHI. ZIbAMbELE MATHUPHA IMPILO YAKHO NGOKUPHILA IMPILO ENHLE. UKUbHEMA, UTSHWALA NEZIDAKAMIZWA KUYAbULALA – UNGADLALI NGEMPILO YAKHO.
IZELULEKO ZEMPILO ENHLE KUWO WONKE AMAZINGA EMPILO YAKHO
Ukungazivo-
cavoci kubanga isifo
senhliziyo, kepha
abantu abadala
abayisikhombisa
kwabayishumi
abazivocavoci!
u-MeC wezeMpilo e-kzn, udkT Si-bongiSeni dhloMo akakhulumi nje into angayazi ngempilo enhle kepha naye uyak-wenza lokho akushumayelayo. Njengendoda ephila ngendlela enempilo uDkt Dhlomo uyagijima, azivocavoce nsuku zonke ukuze ahlale ephilile, usenze impilo enhle yaba ukhiye wokuthuthukisa nokuphephisa impilo yabantu baKwaZulu-Natali.
Ukuze usizakale ngokuqala okuthile, sikuhlanganisele le miyalelo elandelayo ukuze wazi ukuthi yini okumele uyohlolelwa yona ngesikhathi esithile:
“Ukudla okungenayo impilo kanye
nokungazivocavoci kuhamba phambili ekubangeni izifo
ezinjengezenhliziyo, umdlavuza kanye nesikashukela.”
izinkinga zokuzwa nezamehlo zingenza kube nzima ukufunda esikoleni. Hamba uyohlola.
AbADALA 30-49
INTSHA 14-19
UMA USUKUMA-50
Ukuthola nokwelapha izifo kusenesikha-thi kungaphephisa impilo. Uma unegci-wane lesandulela ngculazi, ungahlala ungabonakali iminyaka eminingi ngok-uphila impilo enhle kanti nemishan-guzo ingenza impilo yakho ibe ngcono. Ungaba ngoziholela imali yakhe kepha nakekela nempilo yakho:
uMa wenza ucansi olungaphephile, hlolelwa igciwane lesandulela ngculazi njalo emva kwezinyanga eziyisithupha.
aMakhondoMu avikela ezifweni zocansi. Izifo eziningi zocansi azinazimpawu, kepha ungacabangi ukuthi kuphephile ukwenza ucansi olungavikelekile. Hlola.
ukukhuluphala ngokweqile kungaholela esifweni sikashukela, umfutho wegazi ophezulu kanye nesifo senhliziyo. Yidla kakhulu izithelo nemifino, wehlise enyameni ebomvu, udle inkukhu. Gwema ukudla okugayisisiwe okunjengopholoni kanye nesinkwa esimhlophe, ukudla okuthosiwe kanye nokudla okunoshukela namafutha amaningi.
ukhulelwe? Vakashela emtholampilo ngokushesha. Ukuya kusenesikhathi kungavikela ingane yakho kanye nempilo yakho. I-TB, i-HIV nokunye ukuhlolwa, ukwelulekwa nokwelashwa kuyingxenye yoHlelo Oluyisisekelo Lezempilo Lokunakekelwa kwabesifazane abakhulelwe.
yazi uMlando wempilo yomndeni wakho bese uhlolwa uma kungenzeka ngoba ezinye izifo ziwufuzo!
Buyenyuka ubungozi besifo somdlavuza uma usuneminyaka engaphezu kwengama-40. Hlola amabele ukubheka izigaxa nokushintsha kokuma kwezingono; abesilisa kumele bahlole izigaxa ezinhlamvini zesitho sabo sangasese.
ziVoCaVoCe – gijima noma uhambe ngokushesha – ungadli ngokweqile ngoba umzimba omkhulu ungakubulala!
uyenyuka umfutho wegazi uma usunama-40. Ungabanga isifo senhliziyo noma sohlangothi uma ungelashwa. Hlola minyaka yonke bese uthatha amaphilisi onikwa wona nsuku zonke.
aMehlo aqala angaboni kahle uma usunama-40, kodwa kungehla lokhu. Hlolwa emva kweminyaka emibili. Ukubona ngakubili kungaba yizinkomba zesifo sikashukela kanye nomfutho wegazi ophezulu.
iSikhaThi sakho siyashintsha phakathi kwama-40 nama-55 eminyaka, kanti kungathatha iminyaka eyisishiyagalombili ngaphambi kokuba ungabe usaya nhlobo esikhathini. Khuluma nomsebenzi wezempilo ngalokhu.
impilo enhle ingengeza iminyaka eyi-11 kuya kweyi-12 empilweni yakho, noma ngabe uqala usunama-50 – Akuphelelwa yisikhathi ukuphila impilo enhle! kubalulekile ukuhlola.
hlolelwa umdlavuza wamathumbu uma usuneminyaka engama-50.
abeSiliSa mabahlolelwe umdlavuza wezindlala zowesilisa ngalesi sikhathi. Ukutholakala kusenesikhathi kuholela ekwelashweni okungcono.
abeSiFazane abaneminyaka engaphezu kwama-60 kumele kuhlolwe amathambo abo. Ubungozi bokuvaveka kwamathambo kuyadlanga emva kokuphela kokuya esikhathini.
Minyaka yonke kumele amehlo akho ahlolelwe i-glaucoma nongwengwezi emehlweni.
hlolelwa ukuzwa emtholampilo oseduzane bese ubuza ukuthi uyofika nini ngakini umtholampilo wamehlo ongumahambanendlwana.
izidakaMizwa, ucansi, ukulova esikoleni kanye nokubalekela ikhaya kungaba yizinkomba zesifo sengcindezi. Bangasiza abasemtholampilo – abazali mabangazizibi lezo zimpawu, khuluma nomsebenzi wezempilo noma umholi wasenkonzweni ongangenelela.
ungaluVuMi ucansi ngaphambi komshado, thola ulwazi ngobungozi bokukhulelwa okungahlelelwe, izifo zocansi (STIs) kanye nokuhlela umndeni – imfundo ingukhiwe wekusasa lakho!
ukuSoka kungukhiye wokwehlisa ukusabalala kwegciwane lesandulela ngculazi kanye nezinye izifo zocansi. Yazi lapho okumele uye khona bese uqinisekisa ukuthi usokwa umuntu okuqeqeshelwe. Cela umtholampilo wakho ukwedlulisele kofanele.
kuMele zihlonishwe izimpawu ezithi kungabhukudwa bese zexwayisa ngesichenene nezikelemu. Bheka izikelemu endleni yakho uma isisu sibuhlungu noma kunegazi emchamweni okungapheli.
Ngesikhathi umzimba wakho ukhula kuba noshintsho kumahomoni ngakho impilo yakho kwezocansi kusuke kumele ibhekelelwe. kukhona nezinye izingxenye zempilo yakho ezidinga ukubhekelelwa kungaze kube nezinkinga ezinkulu empilweni. lokhu kubandakanya:
INTSHA ESIKHULILE 20+
meC Wezempilo e-Kzn, uDkt Sibongiseni Dhlomo
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
Page 10
umbasa
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
Usuku Lomhlaba Lezempilo Wonke umuntu umelwe ukubhekelela impilo yakhe. Nakuba zikhona izibhedlela, imitholampilo, odokotela kanye nabahlengikazi kepha kumele sinakekele impilo yethu. Uma singadli imithi ngendlela futhi singenandaba nesikudlayo, ngeke imizimba yethu isinakekele. Yisikhathi sokwazi ukuthi impilo iqala kithi. Ukuzivocavoca, ukudla okusha nokunempilo kanye nokugwema ukudla okubulalayo yikona kubekela impilo. USENGAQALA NAMANJE!
UMbasa uyinyanga yokuqwashisa
ngezempilo kepha lezi zinsuku ezilandelayo
zibalulekile ukuze zikhunjulwe:
24-30UMbAsA
Usuku Lomhlaba
Le- le-Haemophilia I-Haemophilia ingukopha kwesikhathi
eside okuhlasela abesilisa. Kwenza ukopha okuyingozi
ngaphakathi emzimbeni, emalungeni nasemisipheni. Nakuba
kungelapheki kepha kungalawulwa ngokwelashwa okufanele.
Isonto Lase- Afrika Lokugoma
Uthi bewazi ukuthi umgomo uyindlela ephuma
phambili ekuvikeleni ingane yakho ezifweni
zezingane? Leli sonto elokugqugquzela bonke
omama ukuba bagome izingane zabo ukuze
zivikeleke ezifweni ezibulalayo. Imigomo iphephile
kanti imahhala, ngakho-ke buza emtholampilo
wangakini ngokuvikela ingane yakho.
UMKHANKAsO KAZWELONKE WOKUgOMELA
UvENdLE NEsIMUNgUMUNgWANE
Minyaka yonke ngoMbasa uMnyango Wezempilo
wethula umkhankaso wokuqeda nya uvendle
nesimungumungwane ngokuqinisekisa ukuthi izingane
ezineminyaka engaphansi kwemi-5 zigonyelwa
uvendle nesimungumungwane. Inhloso eyokusiza izwe
ukuze lizuze uMgomo Wentuthuko Yekhulunyaka u-No.
4 wokwehlisa izinga lokufa kwezingane ngokuthathu
kokukodwa ngowezi-2015. Yenza okuthile ngokuthola
ukuthi endaweni yangakini le migomo yamahhala
yengane yakho izoba kuphi, nini.
GOMA INGANE YAKHO.
KUPHEPHILE. KUMAHHALA.
KUYASEBENZA!
Usuku Lwase-Afrika Lukamalaleveva Umalalevela usulawuliwe eNingizimu Afrika kepha kumele sazi ngokutinyelwa ngomiyane
ababanga umalaleveva. Inhloso eyokuba kushaye unyaka wezi-2015 sekuphele nya ukubulawa
umalaleveva. Yenza okuthile ukuqinisekisa ukuthi omiyane abasondeli emndenini wakho.
17NHLAbA
29UMbAsA
7UMbAsA
17UMbAsA