Top Banner
LANGUAGE PROGRAM, 232 BAY STATE ROAD, BOSTON, MA 02215 www.bu.edu/Africa/alp [email protected] 617.353.3673 Isaga 9: Umuthi Ugotshwa Usemanzi Characters Umama: T.Q. Zondi Indodakazi 1: Sinethemba Shezi Ubaba: Mdu Zondi Transcript Umama: Wozani-ke sizodla, sondelani nonke, sondelani, ngicela ungidonsele amapuleti sisi. Hawu, sengizophakani ngoba senidlile. Indodakazi 1: Sewuzophaka lokhu kokugcina… Umama: Ngicela ungifakele nje emapulethini. Hawu,nazi i’impukane we bantu. Yeyi sukani hambani. Ngicela ungibeke la, loku okwaba…Thoyotha! weThoyotha! Uyazi lezi zingane, umakhalekhuwini nje, bazi iFesibhuki neMiksithi kuphela. Thoyo…weThoyotha! Woza, woza, wozodla manje. Habe, nansi ingane ingihlolela. Wozodla Thoyotha! Ngicela nimthelele noThoyotha ijusi bandla. Letha la le nto. Uyabo le nto, ngaziyala ngayo. Ngilokhu ngithi uzoduka, uzoduka la. Angazi ukuthi kwenzenjani. Indodakazi 1: Uyena kuphela ongadlile. Thoyotha: Angifuni. Umama: Hhayi shhh… ungafuni, hlala phansi udle khona uzokhula ube strongi, ube inqgugquthela… Ubaba: Kodwa nawe nkosikazi unesandla esiqinile ezinganeni, amawala. Umama: Cha phela, kufanele ukuze baba, bakhule kahle, angithi uyazi ukuthi bathi umuthi ugotshwa usemanzi, manje kufanele nje balunge manje. Ubaba: Hho, umuthi ugotshwa usemanzi. Umama: Usemanzi ehhe. Ubaba: Ngiyezwa kodwa phela isandla kuwe asingaqini kakhulu. Umama: Ngicela umlethele ukudla sisi. Hho usenakho. Kulungile. Ngiyabonga. Ubaba: Yidla ntombazane, yidla ngane kababa. Awuboni ubaba ujabule uma intombazane yakhe idla. Umama: Nasi nesiphuzo. Ubaba: Ntombazane! Umama: Yidla-ke uyezwa.. .
2

Isaga 9: Umuthi Ugotshwa Usemanzi - Boston … › africa › files › 2012 › 04 › Isaga-9-Transcript.pdfIsaga 9: Umuthi Ugotshwa Usemanzi Characters Umama: T.Q. Zondi Indodakazi

Jun 28, 2020

Download

Documents

dariahiddleston
Welcome message from author
This document is posted to help you gain knowledge. Please leave a comment to let me know what you think about it! Share it to your friends and learn new things together.
Transcript
Page 1: Isaga 9: Umuthi Ugotshwa Usemanzi - Boston … › africa › files › 2012 › 04 › Isaga-9-Transcript.pdfIsaga 9: Umuthi Ugotshwa Usemanzi Characters Umama: T.Q. Zondi Indodakazi

 

 

LANGUAGE  PROGRAM,  232  BAY  STATE  ROAD,  BOSTON,  MA  02215  www.bu.edu/Africa/alp  

[email protected]  617.353.3673

1

Isaga 9: Umuthi Ugotshwa Usemanzi

Characters Umama: T.Q. Zondi Indodakazi 1: Sinethemba Shezi Ubaba: Mdu Zondi Transcript Umama: Wozani-ke sizodla, sondelani nonke, sondelani, ngicela ungidonsele amapuleti sisi.

Hawu, sengizophakani ngoba senidlile. Indodakazi 1: Sewuzophaka lokhu kokugcina… Umama: Ngicela ungifakele nje emapulethini. Hawu,nazi i’impukane we bantu. Yeyi sukani

hambani. Ngicela ungibeke la, loku okwaba…Thoyotha! weThoyotha! Uyazi lezi zingane, umakhalekhuwini nje, bazi iFesibhuki neMiksithi kuphela. Thoyo…weThoyotha! Woza, woza, wozodla manje. Habe, nansi ingane ingihlolela. Wozodla Thoyotha! Ngicela nimthelele noThoyotha ijusi bandla. Letha la le nto. Uyabo le nto, ngaziyala ngayo. Ngilokhu ngithi uzoduka, uzoduka la. Angazi ukuthi kwenzenjani.

Indodakazi 1: Uyena kuphela ongadlile. Thoyotha: Angifuni. Umama: Hhayi shhh… ungafuni, hlala phansi udle khona uzokhula ube strongi, ube

inqgugquthela… Ubaba: Kodwa nawe nkosikazi unesandla esiqinile ezinganeni, amawala. Umama: Cha phela, kufanele ukuze baba, bakhule kahle, angithi uyazi ukuthi bathi umuthi

ugotshwa usemanzi, manje kufanele nje balunge manje. Ubaba: Hho, umuthi ugotshwa usemanzi. Umama: Usemanzi ehhe. Ubaba: Ngiyezwa kodwa phela isandla kuwe asingaqini kakhulu. Umama: Ngicela umlethele ukudla sisi. Hho usenakho. Kulungile. Ngiyabonga. Ubaba: Yidla ntombazane, yidla ngane kababa. Awuboni ubaba ujabule uma intombazane

yakhe idla. Umama: Nasi nesiphuzo. Ubaba: Ntombazane! Umama: Yidla-ke uyezwa.. .

Page 2: Isaga 9: Umuthi Ugotshwa Usemanzi - Boston … › africa › files › 2012 › 04 › Isaga-9-Transcript.pdfIsaga 9: Umuthi Ugotshwa Usemanzi Characters Umama: T.Q. Zondi Indodakazi

 

  2  

2

Ubaba: Awuboni-ke. Good gal. Umama: Khona uzoba strong njengomama ne? Ubaba: Yebo sisi. Umama: Nazo-ke. Ubaba: Intombazane yami enhle. Umama: Yadla ingane, hawu ngaze ngathokoza uma usudla, Beautiful. Ubaba: Ya, ya. Umama: Nanso-ke ingane yami. Senikuthole ukudla nonke? Abantwana: Yebo. Umama: Nanso-ke. Dlanani-ke dlanani. Ubaba: Kwaze kwamnandi ukuphumula.