UMFUMFU • 2016 Nokunye ngapha- kathi! Yiba ngumsebenzi wezezimo eziphuthumayo I-KZN yamukela abahlengikazi abasha UKUQWASHISA: UMDLAVUZA WEBELE SILWA NEZIFO, SILWA NOBUBHA, SINIKA ITHEMBA MAHALA
UmfUmfU • 2016
Nokunye ngapha-
kathi!
Yiba ngumsebenzi wezezimo eziphuthumayoI-KZN yamukela abahlengikazi abasha
UKUQWASHISA:
UMDLAVUZA
WEBELESilwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
mahala
Ngesikhathi esincane ngemuva kokubekwa
njengeNhloko yoMnyango wezeMpilo, sen-
githole ukuthi uMnyango unezinhlelo eziningi
ezinhle ezinomthelela kwezempilo yezakhamuzi
zethu. Sinamasu amasha nazoletha izinguquko uma kuza
kwezokunakekelwa kwezempilo. Sesibe nempumelelo
enkulu ezinhlelweni ezinjengoKugwema Ukwedluliseleka
Kwegciwane Lengculazi Lisuka Kumama liya Enganeni;
Ukusokwa Kwabesilisa Ngodokotela; Ukwengamela Kwa-
bahlengikazi Ekwelapheni Ngemishanguzo Yengculazi
(NIMART); ukwelashwa kwesifo sofuba kanye nezinga zo-
kulashwa, kanye nokunciphisa Ukungondleki Okusezingeni
Eliphezulu (SAM).
sinobuholi obuphezulu obuqinile kuMhlonishwa
uNgqongqoshe Wezempilo, uDkt Sibongiseni Dhlomo, on-
ombono nentshisekelo esigqugquzela ukwenza kangcono
futhi sakhele phezu kwalokho esimandla kukho. Abase-
benzi boMnyango bayilapho esimandla kakhulu, ngoba
ngaphandle kwabo imisebenzi yethu ngeke yaphumelela.
Abezempilo KwaZulu-Natal ngesinye isikhathi bazibekela
imigomo engeke yenzeke noma ephezulu kakhulu bese
kuba nzima ukufinyelela kuyo; lokhu akusho ukuthi asenzi
kahle kodwa kusho ukuthi sizama ukwenza nangaphezulu
ngamandla afingqiwe esinawo.
noma singaba senkabeni yeGciwane Lengculazi
kanye neNgculazi, ngokuqinisekile sesibe nenqubekela
phambili ebonakalakalyo ekulweni nalesi sifo. Silinciphi-
sile izinga lokuthelelana kukamama nomntwana kwaba
yi-1.2%; manje sesinokwelashwa kweGciwane Lengculazi
kanye neNgculazi okwenziwa ngabahlengikazi bese-
benzisa uhlelo lwethu i-NIMART. Safinyelela esigulini
sesigidi esisodwa ngemishanguzo ngowezi 2015; sihole
futhi sisaqhubeka nemikhankaso yokukhuthaza ukush-
intsha kokuziphatha – imikhankaso ephikisana nokukh-
ishwa kwezisu okungekho emthethweni; ukuphikisana
nokuthandana nobaba abadala, ukukhulelwa kwentsha;
ukusetshenziswa kwezidakamizwa kanye nemikhankaso
yokuphila okunempilo, phakathi kokunye.
ukusokwa kwabesilisa Ngodokotela kuqhubeka
kahle futhi sebengaphezu kwezi-700 000 esesibenze Uku-
sokwa Kwabesilisa Ngodokotela kusukela kowezi-2010;
saphinda sanciphisa ngokubonakalayo izigameko ezint-
sha zokungondleki kahle kwabaneminyaka engaphansi
kwemi-5 kanti futhi nokuvakashela imindeni sekukhule
kakhulu, okukhombisa ukufinyelela kwethu okubanzi
kanye nokutholakala kokunakekelwa.
selokhu siqale uMkhankaso kaPhakisa (Imiphu-
mela Emikhulu Ngokushesha), sibona ubungcono
ohlelweni lwe-Ideal Clinic Realisation and Maintenance
(ICRM), lapho imitholampilo yethu eyi-141 ithole nga-
phezu kwama-80% uma kuqhathaniswa namaZinga
Asemqoka Kazwelonke. Siphinde senza ngcono ukukh-
ishwa kwemithi yokugula kwesikhathi eside lapho iziguli
ezingaphezu kwe-155 000 zithola imithi yazo ezindaweni
ezahlukene zokusabalalisa ezisemphakathini. Ngicabanga
ukuthi sihamba kahle. Noma kunjalo, kusekuningi okunye
okungenziwa.
asikho isikhathi sokudembesela emkhakheni
wethu njengoba sibhekene nabantu kanye nempilo yabo.
Wonke umuntu uyacelwa ukuba asilekelele sinciphise
umthwalo wezifo esifundazweni. Lokhu bangakwenza
ngokuthi banakekele ezempilo yabo futhi baqaphele
izimpawu ezixwayisayo ezikhomba ingozi kwezempilo.
Ngenkathi uMnyango ungahlinzeka ngezokuvikela ezem-
pilo, ekugcineni kuba ngabantu okufanele bamukele imi-
zamo eyethulwayo. Siyakukhuthaza ukuthi uyohlolelwa
izifo, ukuze uma zitholakala, kusheshe kuqalwe kusene-
sikhathi ukwelashwa. Izifo kuba lula futhi akubizi ukuzela-
pha uma zisheshe zatholakala. Sidinga futhi ukuthi sisuke
kule nkoleloze yokuthi uma singahlolelwa izifo – bese
singazi noma sinazo noma cha – kusho ukuthi asinazo.
izifo ezibangelwa uhlobo lwempilo esiyiphilayo
zingalawuleka ngokuphila okunempilo – okuhlanganisa
ukudla okunempilo, imikhuba emihle kanye nokuz-
ivocavoca. UMnyango uyazi ngokubaluleka kokunika
izakhamuzi ulwazi ezweni elisathuthuka. Siyabanxusa
abantu besifundazwe ukuthi balusebenzise ulwazi,
ukufunda kanye nezinto zokuxhumana umnyango obah-
linzeke ngazo.
siyazi ukuthi akulula la ngaphandle. Kunamaqiniso
okuthi asinayo imali ngendlela esithanda ngayo. Kodwa
kufanele silethe usizo. Ngakho-ke sidinga abantu abazi-
misele. Ukuba semkhakheni wezempilo ubizo. Kufanele
siqale ukucabanga ngaleyo ndlela. Ngiyaphinda futhi,
ngithanda ukubonga bonke labo abazinikela ngokuca-
bangela abanye. Siyanibonga.
INkosi Inibusise!
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
Ukweseka abalwa Nawo.UkUboNgela abawUNqobile.
UkUhloNipha abahambile.bese UNgalilahli ithemba.
NgomdlavuZa Webele
Umyalezo ovela ku
hoD wezempilo e-kZN,
uDkt sifiso mtshali
Ukuqwashisa
UmDlavUZa webele Ungazihlola kanjani
UfUNa UkUba NgUmsebeNZi weZeZimo eZiphUthUmayo Iseluleko sikangoti
iZiNDaba ZeZempilo Zase-kZN Ezakamuva ezivela kwa-DOH
impilo yeNgqoNDo Ukusiza onokugula kwengqondo
UNe-ioDiNe eNcaNe? Thola ukuthi kuchazani lokho
UmfaNekiso Kugxilwe ekukhuluphaleni ngokweqile
iZiNsUkU ZokUqwashisa Izinsuku zezempilo ngale nyanga
abaNye abahleNgikaZi abaNiNgi e-kZN Umnyango wamukela abanye abahlengikazi
UkUchatha NgeZimbiZa UMnyango uyexwayisa
UkUsoka kwabesilisa Akugunyazi ucansi olungaphephile, kweluleka uNgqongqoshe
Um
fUm
fU 2
016
okuqukethwe
UkUchatha NgembiZa
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
abeZeZimo eZiphUthUmayo
Um
Dla
vUZ
a w
eb
ele
Ubani osengozini yomdla-vuza webele?
Noma abesifazane asebekhulile besen-gozini ethe xaxa, abesifazane abaseban-cane nabo bayathinteka.
Abesifazane abanomama, odadewabo noma ogogo abake baba naso lesi sifo basengozini ethe xaxa.
Owesifazane ongakaze azale noma obe nengane esedlulile eminyakeni enga-ma-35 usengozini enkulu.
Abesifazane abaphuza iziphuzo ezimbili zotshwala noma ngaphezulu ngosuku basengozini yokuthi baqalwe umdlavuza webele.
Yiziphi Izimpawu? Iguludla elisebeleni noma eduze kwalo noma
ekhwapheni – noma iningi lamaguludla kungajwayelekile, uma lizwakala ngendlela engajwayelekile, hamba uyohlolwa!
Ibele lishintsha ubukhulu balo noma ukuma kwalo.
Isikhumba sebele siba nezifaca. Izingono zishona phakathi. Kukhona uketshezi olungajwayelekile olu-
phuma ezingonweni. Isikhumba sebele, ezingonweni noma le
ndawo emnyama ezungeze izingono ikhek-hebuka, ibomvu noma ivuvukele.
Isikhumba sebele sibukeka noma sizwakala njengekhasi lewolintshi.
Zihlole wena ibele kanye ngenyanga nge-sikhathi usesikhathini futhi kube ngesikhathi esisodwa sosuku nyanga zonke.
UkwelashwaIzinhlobo ezintathu eziphambili zokulashelwa umdlavuza ukuhlinzwa, ukushiswa ngekhemo-theraphi kanye nokushiswa nge-radiotherapy.
Ukuhlinzwa kuyadingeka ukususa isimila esingajwayelekile futhi kusetshenziswa ngem-pumelelo ukuvimbela ukusabalala komdlavuza.
Ukushiswa ngekhemotheraphi kwenziwa ngokufaka umjovo wedriphu emthanjeni engalweni yakho, ukuze kuhlaselwe noma kubulawe amaseli anomdlavuza.
Ukushiswa nge-radiotherapy kusetshenziswa i-laser ukubulala amaseli anomdlavuza.
abahleNgikaZi abaNeZiqU
sesihambe ibaNga eliDe ekwelapheNi UmDlavUZa Ngakho-ke bhekeNa Nawo Ngqo, UNgawesabi!
esiNye sezifo ezinzima kakhulu ezibhekene nabantu besifazane umdlavuza webele. kodwa, izindaba ezinhle ezokuthi uma utholakale kusenesikhathi makhulu amathuba okuthi unganqotsh-wa. Ngokwenza ukuzihlola okulula kwamabele akho njalo kubal-uleke ngokukhethekile ukuze uthole uma kunoshintsho emabeleni akho bese uyohlolwa emtholampilo wakho.
UkweNtUla i-ioDiNe
umfumfu
Yinyanga Yokuqwashisa Ngomdlavuza Webele
Imifanekiso esetshenziswe kwEzEmpilo eyokucacisa kuphela, ayiqondile ukuveza abantu bangempela futhi ayimele lokho okuqukethwe ushicilelo.
Siyababonga laba abalandelayo ababe neqhaza:UMNYANGO WEZEMPILO E-KZN: UPHIKO LWEZOKUXHUMANA
U-ZOHRA MOHAMED TEKE (UMHLELI)
THANDI ZULU
THEMBA MNGOMEZULU
sARA AULD
DR GUGU MAZIBUKO
IZITHOMBE: shutterstock.com
Sinike uvo lwakho, noma usitshele ukuthi ucabangani ngalo magazini! P O Box 25439, Gateway, 4321, UCINGO-031 825 6790. I-EMAIL: [email protected] ILUNGELO LOBUNIKAZI
Konke okushicilelwe kulo magazini kuyilungelo le-Ezempilo… Health Matters futhi kungase kuphinde kukhiqizwe futhi kusakazwe mahhala ngezinjongo zokufundisa kuphela.
Zonke izikhangiso ezikulo magazini akukona ukuthi zisekelwa ngokusemthethweni uMnyango Wezempilo Wase-KZN, uMasipala WasEthekwini noma Ezempilo Health Matters
Ukushesha
utholakale
kusindisa impilo!
UMA UTHIMULA NOMA UKHWEHLELA, VALA
UMLOMO UKUZE WEHLISE UKUSABALALA
KWEZIFO
ISEXWAYISO! UKULAWULWA KWEZIFO
ab
eZ
eZ
imo
eZ
iph
Ut
hU
may
o
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
Unakho Okudingekayo?Ukuba ngumsebenzi wasema-Ambulensini akuwona “umsebenzi” kepha ubizo, oludinga ukuthi ube:
Nokuzethemba Umuntu wabantu Emzimbeni ube namandla futhi uphile
kahleIngcindezi ephezu kwabasebenzi basema-
Ambulensini idinga ukuzinikela futhi ing-abangela ukhwantalala. Kepha ingumsebenzi owanelisayo.
Abasebenzi basema-Ambulensini ngoku-jwayelekile basebenza amashifu, okusen-gashintsha kepha ishifu ejwayelekile ivamise ukuba ishifu yasemini kabili, bese kube yishifu yasebusuku kabili ilandelwe izinsuku ezine zokungasebenzi, ngaphambi kokubuyela em-sebenzini basebenze ishifu yasemini futhi.
Isimo abasebenzi basema-Ambulensini abasebenza ngaphansi kwaso siyashint-shashintsha, abantu abaningi bajwayele ukusebenza ehhovisi, ngenkathi ukubizwa komsebenzi wasema-Ambulensini kungaba noma inini, noma ikuphi. Lokhu kungaba ukuya ekhaya, ehhovisi, embonini, eceleni komgwaqo, ezintabeni, emafulethini kanye nasezindaweni lapho indawo yokungena incane noma ingelula.
Izinhlobo Zemisebenzi Yabasebenzi Basema-Ambulensini Ezikhona Lawa okwamanje ngamazinga ehlukene okunakekela:
Basic Life support (ikhozi encane)Laba basebenzi banikeza Ukunakekela Kwezok-welapha Okusemazingeni Aphansi kwaba-gulayo ngaphansi kwezimo Eziphuthumayo. Lokhu kungahlanganisa i-CPR, ukunqamula ukopha, ukulekelela abesifazane abatetayo kanye nokulashwa kwangaphandle.
intermediate Life support (ikhozi encane)Laba basebenzi banikeza Usizo Lokwelapha Oluphakathi okuhlanganisa ne-IV therapy (idriphu), Bronchodilators, Defibrillation (umethuko) & nokucindezeleka esifubeni njll.
Ufuna Ukuba Ngumsebenzi wasema-Ambulensini?Umkhombandlela ophelele wokuthi kudingekani ovela ku Robert mckenzie wezempilo e-kZN
UKUQEQESHELWA UKUBA NGUMSEBENZI WASEMA-AMBULENSENI KANYE NOKUBA NGUMSEBENZI WEZIMO EZI-PHUTHUMAYO (EMS) ENINGIZ-IMU AFRIKAAbasha abaningi baseNingizimu Afrika bafisa ukuba ngabasebenzi basema-Ambulensini, kepha abaningi abazi ukuthi izidingo zalokho ziyini, izindlela zokuqeqeshwa ezihlukene kanye nokuthi kufinyeleleka kanjani kuzo. Abantu abaningi abazi futhi ukuthi kuneziqu eziningi ezahlukene ezitholakalayo kanye namazinga amaningi ehlukene okunakekela abasebenzi bezimo eziphuthumayo abase-benza ngawo.
Omunye wemisebenzi osemqoka wabase-benzi basema-Ambulenseni ukuhlinzeka ngokuNakekela Kwezokwelapha Okuphuthu-mayo kwabagulayo esimweni esingaphambi kokuba sesibhedlela. Lokhu kusho ukuthi ogulayo akekho esikhungweni sezem-pilo empeleni noma ikuphi lapho ogulayo ekhona. Lokhu kungaba semzini wogulayo noma emsebenzini, emgwaqeni, noma phansi ezindongeni. Abasebenzi basema-Ambulensini baya kogulayo futhi bamelaphe basimamise ogulayo khona endaweni ngaphambi kokumthuthela esikhungweni sezempilo nge-Ambulensi.
Abasebenzi basema-Ambulensini bayak-wazi ukunikeza okungaphezulu nje “kosizo lokuqala”. Ukuhlenga kanye nokungenelela okunganikezwa ngabasebenzi basema-Ambu-lenseni kuyahlukana, kuye ngokweziqu zabo.
Abasebenzi basema-Ambulensini babuye baqhubeke nokunakekela kokwelapha ogulayo e-Ambulensini ngenkathi ogulayo ethuthwa esuswa kwesinye isibhedlela esiwa kwesinye.
Abasebenzi basema-Ambulensini ban-gaqeqeshelwa futhi ukuhlenga kwezemithi, okuhlanganisa ukusebenzisa “izindlawu zempilo” ukuhlenga abantu ezimotweni ezifahlazekile kanye nokusebenzisa izindlela zokuhlenga okunzima ngentambo ukuh-lenga abantu ezintabeni.
Umnyango wezempilo uhlinzeka ngemifundaze minyaka yonke kanti imininingwane ethe
xaxa itholakala ku:
www.kznhealth.gov.za/ bursaries.htm
Ngolwazi oluthe xaxa lokuthi i-kzN EmS isebenza kanjani, iya ku:
www.kznhealth.gov.za/ EMS.htm
ochwepheshe BokunakekeLa kweZimo eZiphuthumayo Uqeqeshwa ngokusemthethweni iminyaka emibili.
advanced Life support paramedic Leli qoqo labasebenzi bahlinzeka nge-Advanced Life Support umuntu engakafiki esibhedlela. Lokhu kuhlanganisa; i-Advanced Airway Managemnt, IV Drug Therapy kuze kufinyelele emithini eku-schedule 7, Advanced midwifery, Advanced Resuscitation, Aviation Medicine, Marine Medicine. abasebenzi basema-ambulenseni be-advanced life support baseningizimu afrika badingeka kakhulu emhlabeni wonke ngenxa yohlobo lokuqeqeshwa kanye namakhono abo.
Ukuqeqeshwa Kepha kube nezinguquko ezinqala endleleni okuqeqeshwa ngayo abasebenzi basema-Ambulenseni. Izifundo ezimfushane seziphelile. Sezikhishwe izifundo zonke eziseqophelweni lwe NQF futhi okungaqutshekwa kalula uku-suka kwesinye kuye kwesinye.
eca – emergency care assistant: Isifundo esithatha unyaka owodwa
ect – emergency care technician: Isifundo esithatha iminyaka emibili, noma unyaka owodwa kuphela uma usuqede i-ECO.
iqhuzu le-Bachelor of health sciences: Isifundo esithatha iminyaka emine esenziwa emanyuvesi. siwu level NQF8 kanti sihlomisa umsebenzi wasema-ambulensini ngawo wonke amakhono okusebenza njenge-advanced life support.
Eminyakeni ecishe ibe mibili amakolishi angasese azoqala aqeqeshe ngezifundo ze ECO kanye ne ECT. Amanyuvesi ambalwa njengamanje anazo izifundo zeqhuzu leBach-elor of Health sciences. KwaZulu-Natali iqhuzu le-Bachelor of Sciences lenziwa e-Durban University of technology.
Umkhombandlela Wezidingo Zokungena Abafake izicelo abanesitifiketi sebanga leshumi nambili esinenesiqinisekiso se-higher certificate kufanele babe nalezi zifundo kanye namazinga:
English (3) Mathematics (3) noma i-Mathematical
Literacy (6) Life sciences (3) kanye/noma i-Physical
science (3) Esinye isifundo 1(3) Esinye isifundo 2(3)
unks shanti Ramkilowan ungene kulo Mnyango njengomhlengikazi osafunda esiBhedlela e-RK Khan eChatsworth eThekwini ngowe-1973. Wasebenza wakhuphuka waze waba ngumbelethisi esiBhedlela e-Northdale ngaphambi kokuthola idiploma yakhe ezifundweni zobuhlengikazi ngowe-1981. Lokhu kwamvumela ukuthi abe ngumfundisi wabahlengikazi. Esikhathini esingengaka-nani wakhushulelwa kwesokuba umfundisi ophezulu. Waba yisekela lemenenja ekolishi labahlengikazi esiBhedlela iGrey’s ngowe-1997. Ngonyaka olandelayo waba yiphini lomphathi wekolishi lobuhlengikazi elalaziwa ngaleso sikhathi ngeleNatal College of Nursing, wa-bamba njengomphathi maduze ngemuva kwalokho kwaze kwaba ngowezi-2004. Kule minyaka eli-11 edlule, ube ngomunye kwababili ababengamaphini kathishanhloko wekolishi iKZN Nursing College, ebheke izikole zobuh-lengikazi zoMnyango ezili-10 kwezingama-25 kanye nezimpiko ezine ezifundeni iZululand, Amajuba, Umzinyathi kanye neKing Cetshwayo (ebiyaziwa ngokuthi Uthungulu). umnu Jabulani gumede, ubaba wezingane ezine kanye nabazukulu ababili ohlala elokishini eMbali eMgungundlovu, ungene eMnyan-gweni ngowe-1976, njengomsebenzi. Waba ngumshayeli ngemuva kweminyaka emihlanu. Umuntu okhulumela phansi, ogqoka kahle oneminyaka engama-64 ubudala osiqikelelayo isikhathi, futhi othi akakaze abandakanyeke nakweyodwa ingozi yemoto selokhu ase-benza – ngaphandle kokuthinteka okuncane okwakwenziwa ngabanye abashayeli. “Isikhathi siyikho konke,” esho ngesiZulu. “Kufanele ufike ngesikhathi. Wuphawu lokuhlonipha abanye abantu. Uma ushiywe isikhathi, ugcina usu-wenza amaphutha.”
Iseluleko sakhe kwabanye abafisa ukudonsa isikhathi esifanayo emsebenzini? “Kufanele ufunde ukwaneliswa yilokho onakho. Uku-kholwa ngisemncane kwangisiza kakhulu empilweni yami. Abantu abaningi engaqala nabo ukusebenza sebashiya. Kumele ngivume ukuthi zibe khona izikhathi lapho ngangica-banga ukuthi ngizoshiya, kepha angakwenza lokho. Empilweni kuyoba khona ukwenyuka nokwehla. Bekezela, usebenze kanzima bese uzihloniphe wena, nomsebenzi wakho kanye nabantu abaseduze kwakho.” Ukuzinikela ekwenzeni umsebenzi oseqoph-elweni eliphezulu yimpilo kanks prasheeka padayachee. Akakwamukeli okungekho ezingeni, umsebenzi wakhe uhlanganisa uku-nikeza ukuseka okuseqophelweni eliphezulu iNhloko yoMnyango kanye noNgqongqoshe, okuthinta imisebenzi eminingi eqondene nokuphatha.
Lo oneminyaka engama-59 ubudala, onez-ingane ezintathu kanye nomzukulu oyedwa, uneNational Diploma ku Public Administartion kanti waqala ewumabhalane wezokuphatha esiBhedlela i-Northdale mhla lu- 01 kuNhlaba 1975. Ngemuva kokusebenza iminyaka eyi-17 esibhedlela, wakhushulelwa esikhundleni sokuba yi Principal Personnel Officer kwa
ABASEBENZI BE-ZEMPILO BANCONY-WE NGOKUSEBENZA ISIKHATHI ESIDE
General Provincial Services yangaleso sikhathi. NgoNdasa 1993 waya emnyangweni osubizwa nge-Co-Operative Governance and Traditional Affairs (Cogta) ngaphambi kokukhushulelwa kwesokuba nguMqondisi: Executive Support Services ehhovisi leNhloko Yomnyango, lapho esekhona namanje. “Abantu abasha kufanele
bafunde ukuthi ukufunda nje akumusi umuntu lapho efuna ukuya khona ngokushesha – zinike isikhathi uthole ulwazi lomsebenzi ube ngumpetha emsebenzini wakho ngaphambi kokuthatha igxathu elilandelayo. Qikelela, ube neqiniso futhi uziphathe ngendlela engachemi. Ungadikibali.”
Ehalalisela laba basebenzi abathathu, oyiNhloko Yomnyango kwazulu-Natal uthe:
“Sinenhlanhla ngempela ukuthi phakathi kwethu sibe nabantu abazinikele kangaka emsebenzini wabo. Basinika ugqozi futhi bayisibonelo esihle nakwabanye ukuthi
bafunde kubo.”
UTHANDo, UkUziNikElA UNgAzi-cAbANgEli wena kanye nokuzimisela okungaguquki kokusebenzela um-phakathi ngeqholo. Lezi izimpawu ez-intathu ezifanayo eziyisisekelo sempilo ende yabasebenzi abathathu boMnyan-go Wezempilo KwaZulu-Natal abathole ukubongwa maduze nje, ngemuva kokusebenza iminyaka engama-40.
Laba basebenzi yiPhini likaThis-hanhloko weKolishi labaHlengikazi KwaZulu-Natal uMs Shanti Ramkilowan; umshayeli wemoto esetshenziswa uwonke-wonke uMnu Jabulani Gumede; kanye noMqondisi oyiNhloko: Execu-tive Support Service uMs Prasheeka Padayache.
Umnyango wezempilo wexwayisa ngokukhu-luphala ngokweqile, iziphuzo ezinoshukela
SizibANgElA NgokwETHU ukugula ngok-uphuza iziphuzo ezinoshukela. Abantu baseNingizimu Afrika sebezigqilaze kakhulu ngeziphuzo ezihlohlozayo osekusenza sibe kwayishumi okuqala amazwe aphuza iziphuzo ezinoshukela – kuya kwenyukela.
umnyango usuthatha izinyatheloNgabantu abangama-70% besifazane nabesil-isa abangama-40% abakhuluphele ngokweqile umnyango awusakwazi ukukumela lokho. Kuzokwethulwa umkhankaso kazwelonke i-HEALA wokwehlisa ukuba yisigqila seziphuzo ezihlohlozayo.
“Sinezinga eliphezulu kakhulu e-sub-Saharan Africa labantu abakhuluphele ngokweqile,” kusho uLynn Moeng, uMqondisi Omkhulu
we-Health Promotion, Nutrition and Oral Health eMnyangweni Wezempilo. Lokhu kunomthelela empilweni yezwe lethu. Kepha ngokwenza umehluko onjengokwehlisa eziphuzweni ezi-hlohlozayo, abantu bangaphucula impilo yabo.”
Ngonyaka ozayo uhulumeni uhlela ukufaka intela eziphuzweni ezinoshukela ngokubuka umthamo kashukela ezinawo. Ucwaningo luveza ukuthi intela engama-20% eziphuzweni ezinoshukela ingehlisa izinga lokukhuluphala ngokweqile ngama-3,8% kwabesilisa nama-2,4% kwabesifazane okungaholela ekwehleni kwabantu abangama-200 000 ekukhuluphale-ni ngokweqile. Sicela bonke abantu baseNin-gizimu Afrika ukuba banakekele impilo yabo bayeke ukuphuza okunoshukela baphuze amanzi.
Ama-
70% abesifazane
baseNingizimu Afrika
akhuluphele ngokweqile
imp
ilo
ye
Ng
qo
ND
o
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
Ukuqonda ngesifo sengqondo kuyethusa, kuyinselelo futhi kuyinto abangebaningi kithina abacabanga ukuthi boke babhekane nayo empilweni yabo. kepha wenzenjani uma ihlasela umuntu omthandayo noma omkhathalele? Ukuze sikulekelele ukuthi uqonde, sikuhlanganisele lo mkhombandlela ukuze kube lula ukukulekelela usize umuntu odinga usizo ngesimo sakhe.
umfumfu
Uk
we
Nt
Ula
i-io
DiN
e
U Ngazi kanjani uma umuntu ehlaselwa
ukugula ngengqondo?Nguchwepheshe oqeqeshiwe kuphela ongakwazi ukuthola ukuthi umuntu ugula ngengqondo. Uma ubona ukushintsha kwesimo sokuzizwa komuntu, indlela yokuzi-phatha, umdlandla, imikhutshana noma ubuyena, kufanele umgqugquzele ukuthi abonane nochwepheshe wezempilo ongak-wazi ukumhlola ngendlela eyiyo. Ungazizibi izimpawu ozibonayo noma ucabange ukuthi zizovele zinyamalale. Umuntu ngamunye uh-lukile futhi akusiye wonke umuntu ohlaselwa ukugula ngengqondo ozokhombisa izinkomba noma izimpawu ezijwayelekile.
U Kufanele ngimthathe kanjani umuntu oku-
solakala ukuthi ugula ngengqondo?Mnike umuntu lowo ithuba lokukhuluma. Kungasiza ukuthi umvumele lowo muntu ukuthi azikhethele ukuthi uzovuleleka nini. Uma engakwenzi lokho, kubeke ngokusobala ukukhathazeka kwakho kodwa ube nozwelo. Khetha isikhathi esifanele sokukhuluma kube sendaweni lapho nobabili nikhululeke khona, lapho ningeke niphazamiseke, nobabili nibe nomqondo ophelele futhi onokuthula. Mazise lowo muntu ukuthi ukhathazekile ngaye futhi uzimisele ngokusiza. Uma lowo muntu engakhululekile ukukhuluma nawe, mgqugquzele ukuthi akhulume nomunye umuntu ngokuthi uzizwa kanjani.
U Khombisa ukumeseka
Mkhombise lowo muntu inhlonipho kanye nesithunzi
Ungamsoli lowo muntu ngokugula kwakhe
Mnike ukwesekwa emoyeni kanye nokusiqonda isimo sakhe
Mkhuthaze lowo muntu ukuthi akhulume nawe
Lalela ngesizotha Mnike ithemba lowo muntu ukuthi
uzolulama Uma lowo muntu edinga ulwazi,
qiniseka ukuthi omnika khona kuyiqiniso futhi kuqondene nesimo sakhe
U Ikuphi okungasizi
Ukumtshela ukuthi ‘ayeke lento’ noma ‘adlule lapho’
Ukuba yimpi noma ukubhuqa Ukugamanxa kuze kweqe noma
ukumvikela kuze kweqe Ukubelesela Ukumtshela ukuthi ‘azame
ukumamatheka,’ ukuthi ‘aziphathe kahle’ njll
Ukuzama ukumelapha lowo muntu noma ukuzama ukuba nezimpendulo zezinkinga zakhe
U Kwenziwa njani uma lowo muntu
engafuni ukusizwa?Kufanele uthole ukuthi zikhona yini izizathu ezithile ezibangela ukuthi angafuni ukuthola usizo. Kungenzeka ukuthi izizathu ezihamb-isana nezinkolelelo ezingelona iqiniso. Kun-genzeka ukwazi ukumsiza lowo muntu akwazi ukunqoba uvalo lwakhe maqondana nokufuna usizo.Uma lowo muntu eqhubeka engafuni ukusizwa nangemuva kokubheka izizathu zakhe, mazise ukuthi uma eshintsha umqondo ngokuzayo angakuthinta. Kufanele ulihloniphe ilungelo lakhe lokungalufuni usizo ngaphandle uma ukholwa ukuthi bangaba sengozini yokuz-ilimaza bona noma abanye abantu.
U Kwenziwa njani uma lowo muntu efuna
ukuzibulala?Ukuzibulala kungagwemeka. Abantu abaningi abacabanga ukuzibulala abafuni ukufa. Abangakufuni nje ukuphila nobuh-lungu. Kubalulekile ukuthi imicabango kanye nezinkomba zokuzibulala kuthathelwe phe-zulu. Ukukhuluma ngokusobala ngemicaban-go kanye nemizwa yokuzibulala kungasindisa impilo. Kubalulekile ukuthi uzazi izimpawu eziyisexwayiso kanye nezinto ezinobubngozi zokuzibulala, kanye nezizathu ezingabangela ukuthi umuntu abe nemicabango yokuzibu-lala bese umgqugquzela ukuthi athole usizo. Thola usizo oludingekayo uma ungakwazi – khuluma nomtholampilo wakho, umfundisi noma ngubani omunye ongasiza.
Ukusiza umuntu onesifo sengqondo
YINYaNga YoKuQWaSHISa NgeSIfo SeNgQoNdo
kubaluleke ngani?I-Iodine iyikhemikhali esendlaleni i-thyroid esiza ukulawula ukushaya kwenhliziyo, amafutha egazini bese ibhalansisa nama-homoni. Indlala i-thyroid isezansi nentamo yakho kanti isiza ekugayeni ukudla. Ngok-wejwayelekile abesifazane baye baswele i-Iodine ngoba indlala yabo ye-thyroid inkulu ngokuphindwe kabili kuneyabesilisa.
umthelela enganeniUkwesweleka kwe-Iodine kowesifazane okhulelwe kungaholela kulokhu okulandelayo:
Ukuba sengcupheni yokushonelwa yingane noma izalwe isishonile
Ukuba sengcupheni yokuthola ingane singakafiki isikhathi
Ingane ingazalwa inokukhubazeka okuthile okungaba ukulimala kwengqondo, ukungakhuli ngendlela, inkinga yokuzwa neyokukhuluma.
Ngisho ukwesweleka okuncane kwe-Iodine uma ukhulelwe kungaholela ekungahlakaniphini kwezingane.
23 kumfumfu: usuku lukazwelonke lokwesweleka Kwe-Iodine
omama bachitha isikhathi esiningi benakekela izingane zabo baze bazikhohlwe bona. lolu suku olokukhumbuza bonke abesifazane, ikakhulu labo abakhulelwe ukuba badle okunempilo bese beqinisekisa ukuthi bathola i-iodine eyanele emizimbeni yabo.
ungaqinisekisa kanjani ukuthi uthoLa i-iodine eyaneLeNgokwejwayelekile umuntu udinga ithispuni nje le-Iodine empilweni yakhe yonke, kepha ngenxa yokuthi ngeke sagcina i-Iodine isikhathi eside emizim-beni yethu, kumele siyithathe kancane kancane. Indlela yokwenyusa amazinga e-Iodine ukuba sidle kakhulu ukudla kwasolwandle kanye nenhlanzi. Okunye kokudla okune-Iodine, amaqanda kanye nemikhiqizo yobisi efaka ubisi, ushizi kanye neyogathi, u-anyanisi kanye neredishi.
yikuphi ukudla okumele kugwenywe ngabesifazane abakhulelwe?Gwema ukudla okunjengeklabishi, amakinati, ufulawa wesoya, ama-brussels, ama-sprouts, ukholiflawa kanye no-brocolli ngoba kwehlisa i-Iodine.
izimpawu zokuthi awuyitholi ngokwanele i-iodineUma ukhulelwe bonana nomtholampilo noma unokunye kwalokhu okulandelayo, okungaba yizimpawu zokuthi umzimba wakho awuyitholi i-Iodine eyanele:
Ukukhathala – okungejwayelekile Ukubanda kwezandla nezinyawo Ukungakhumbuli kahle nokungabambi
kahle emqondweni Ukuqumba kwendlala i-Thyroid
Ungawudli usawoti omningi kunokwe-jwayelekile, zama ukuthenga usawoti o-iodised kunowejwayelekile wasolwandle.
ISeXWaYISo!Ukwesweleka
kwe-Iodine ikakhulu
komama abakhule-
lwe nabancelisayo
kungabulala ingqon-
do enganeni
esakhulayo!
Ubungozi bokwentula i-Iodine
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
inyanga kazwelonke yokukhuluphala ngokweqile
inyanga kazwelonke yokukhuluphala ngokweqile
KULULA FUthI KUShIbhILE UKUgWEmA IZIFO ngOKUdLA ngEndLELA nOKUZIvOcAvOcA.
UngAthAthI AmAShAnSI ngEmpILO YAKhO.ISIZWE ESIphILILE SIqALA EKhAYA.
qALA nAmUhLA.
UmfUmfU
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
usuku lomhlaba labantu abadala Likhulu iqhaza elibanjwa abantu abadala emphakathini
ngokuvolontiya, ukunika ulwazi, ukunakekela abazukulu kanye
nalabo abayizintandane. Ngalolu suku kuhlonishwa imizamo
yabo, zinike isikhathi ukubakhombisa uthando bese ugxeka zonke
izenzo zokuhlukunyezwa kwabo.
ukubambisana ekulweni negciwane lengculazi Abantu baseNingizimu Afrika abanegci-
wane lengculazi nengculazi sebephila impilo
ejwayelekile ende kunangaphambilini, sibonga
ukubambisana. Leli sonto liyisikhumbuziso
salapho sivela khona ekubambisaneni
ekulweni nengculazi.
Uma sibambene siba namandla!
umfumfu 9 - 15Isonto likazwe_lonke lokondlekaUkungondleki kungenye yezinkinga
ezihaqa izingane ezisezinkulisa lapha
eNingizimu Afrika. Qalisa ingadi
yemifino bese ufundisa izingane
umvuzo wokudla ngendlela
efanele!
umfumfu 20 - 26Isonto lomhlaba lokugwema ushevu Womsizi Ungaba yingozi umsizi uma
ungena emzimbeni. Amathoyizi anemibala
ekhangayo angaba nomsizi, ngakho
qaphela uma uwathenga ngoba
angakhubaza ingqondo
namathambo.
umfumfu lWeZI28 - 3 Isonto lomhlaba lwesifo Sohlangothi bathi ababe ngama-60
abantu baseningizimu afrika abafa nsuku
zonke bebulawa yisifo sohlangothi. Khuluma
nomsebenzi wezempilo ukuthola izeluleko
ngezindlela zokugwema isifo sohlangothi.
usuku lomhlaba lempilo Yengqondo Minyaka yonke izigidi zabantu
zitholakala zinokukhubazeka kwengqondo, kepha
bambalwa abayiqondayo inkinga. Lukhona usizo,
khuthaza labo abanale nkinga ukuba bathole ukwelashwa
ukuze baphile kahle. akusona isiqalekiso!
usuku lomhlaba lesifo Samathambo Lesi sifo sidala ubuhlungu
kanye nokwehluleka ukunyakazisa amalunga.
Aselapheki kepha siyalawuleka.
usuku lomhlaba lokudla Ukudla sekubiza kakhulu ngakho-
ke kumele sibhekane nenselelo
yokwesweleka kokudla. Singayiqeda
indlala ngokufundisa, siqeqeshe ngamakhono
bese senza izingadi zomphakathi.
1
9
10
12
16
usuku lomhlaba lomgogodla
Ubuhlungu bomgogodla buhamba phambili
ekuphutheni kwabantu emsebenzini. Buyingozi
kakhulu. Sebenzisa leli thuba ukuze ufunde izindle-
la ezifanele zokuma nokuhlala kanye nezokugwema ukulimala
komgogodla.
usuku lomhlaba lokwethuka Baningi abantu emhlabeni ababulawa okanye
bakhubazwe ukwethuka. Lolu suku lugxile ekuthini
ungabhekana kanjani nezimo ezithusayo.
usuku lomhlaba lokuvaveka Kwamathambo Lesi sifo sihlasela iningi
labesifazane abaneminyaka engaphezu kwenga-
ma-50 kanti siyelapheka. Buza umsebenzi wezem-
pilo ngezinhlobo zokwelashwa.
usuku lukazwelonke lokuphelelwa Yi-IodineI-Iodine iyasiza ekukhuliseni, ikakhulukazi kwa-
besifazane abakhulelwe ngoba ikhulisa ingane
esibelethweni. Khuluma nomtholampilo ukuqinisekisa ukuthi
umzimba wakho uthola i-Iodine eyanele.
usuku lomhlaba lwesifo Sikavendle Uvendle usunqotshiwe emazweni amaningi,
ngakho qinisekisa ukuthi ingane yakho igonyiwe,
ngesikhathi, zikhathi zonke.
16
17
20
23
24
umfumfu 15 - 19Isonto likazwelonke
lokukhuluphala NgokweqileNjengoba ukungondleki kukhubaza
izingane eziningi, ubungozi buyalingana nobokukhuluphala ngokweqile okudalwa
ukungadli ngendlela. Ukudla ngendlela efanele kuqala ekhaya, ngakho kumele sikhuthaze
izingane zethu zisencane ngokuthi zingakudli ukudla okungenamsoco.
UN
ak
ek
elo
lw
eZ
em
pil
o e
-kZ
N
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
UNgqongqoshe uDhlomo wexwayise ngokuchatha ngezimbiza
I-KZN iphucula unakekelo lwezempilo esifundazweni
Uk
Uc
hat
ha
Ng
em
biZ
a
UNgqongqoshe uDkt Dhlomo uxwayise ngobungozi bokuchatha izingane ngezimbiza.
Izeluleko zikaNgqongqoshe uDhlomo zokwelapha
ukukhishwa yisisu ekhaya
ingxuBe kashukeLa/sawoti
Amathispuni ayisishiyagalom- bili angaqongile kashukela
Uhhafu wethi- spuni likasawoti
Yilitha lamanzi abilisiwe abe esepholiswa.
Kuxube konke bese ukuphuza kancane kancane.
Uma isisu singakhiphi kakhulu, uma in-gane ingabi ngcono emva kokunikwa le ngxube kasawoti noshukela naman-zi, umama noma umbheki wengane kumele ayiphuthumise emtholampilo ngokushesha. Lokhu kumele kwen-ziwe uma ingane :
Usana lunezinyanga ezingaphansi kwezi-2, lungadli futhi lunemfiva
Luphalaza konke Luphefumula ngamandla noma
lungaphefumuli kahle Kubhakuza isifuba Luntekenteke noma seluqulekile Lunamafithi Lukhipha amanzi uma lukaka kanye
namehlo ashone phakathi noma ukhakhayi selushone phakathi noma amakaka amanzi enegazi
Lunganceliseki noma luphuziseke Uma lulimele lophe kakhulu.
Lokhu kususwe isibalo esiphezulu sezingane ezilethwa ezikhungweni zezempilo zikahulumeni sezigula kakhulu emva kokuchathwa kulezi zinyanga ezedlule. Kwamanye amakhaya kuchathelwa ukuqunjelwa, ukukhishwa yisisu nokuphalaza, ubuhlungu besinye, isolo, amakaka angajwayelekile noma ukukhipha inyongo.
UNgqongqoshe uDhlomo uthi ezinye izimbiza okuchathwa ngazo zikhipha ubuthi obuyingozi ngaphakathi ngoba zisuke zin-gahlolwanga uMkhandlu Olawula Ezokwe-lapha ngaphansi koMthetho Wokulawula Ezokwelapha ukuthi ziphephile yini. Lokhu kuhambisana namandla, izithako, isikhathi sokugcina ukuwusebenzisa kanye nendlela yokuwuhambisa.
“Kusikhathaza kakhulu obekade kwenzeka, futhi sikhuthaza abazali kanye nababheki
bezingane ukuba balethe izingane ezigulayo ezikhungweni zezempilo ukuze zithole
ukwelashwa. Lokhu kubandakanya nabantu abadala.” – uDkt sibongiseni Dhlomo
Abaneziqu abangaphezu
kwe-1, 000 bangene
kwezempilo!
Phakathi kwabo bekunabahlengi-kazi abangama-280 abangongoti emikhakheni ethile yezempilo
enjengeyokuBelethisa ezingeni lokuqala neliseqophelweni eliphezulu, Ezamath-ambo, Ithiyetha, Ezasegumbini labagula kakhulu, Ezezingane, Ezamehlo kanye nezeNgqondo. Lokhu Kubandakanya:
19 wabaneziqu Kwezamehlo, kwenge-zwa kwabayi-14 abathole iziqu ngowezi-2014 kanye nabayisithupha ngowezi-2015. Bazolekelela ekuphucu-leni unakekelo lwamehlo esifunda-zweni;
Abangama-59 Kwezokubelethisa Nonakekelo lwezingane; kwengeza kwabangama-61 abaphothule iziqu ngowezi-2014;
Abangama-41 Kwezamathambo, kwengeza kwabangama-48 abath-weswe iziqu ngonyaka owedlule; kanye nabangama-41 abakhiqizwa ngowe-zi-2014. sebezohanjiswa kuzo zonke iziFunda Zezempilo ukuze kwehliswe ukuthuthwa kweziguli zisiwa ezibhedle-la ezinkulu. “Unakekelo oluphelele lweziguli zami
yilona oluyoba seqhulwini.”– kususelwa esiFungweni sabaHlengikazi
Kubona laba abebethweswa iziqu bekun-abahlengikazi abavela emikhakheni eyi-11; ebandakanya i-Professional nursing course; Diploma programme; Professional nurses from the 2 year Bridging course; Enrolled nurses; Nursing Auxiliary; Basic Midwives; Psychiatric nurses kanye ne-Primary Health Care nurses.
Ekhuluma emcimbini wokwethweswa kweziqu eMgungundlovu ngasekuqaleni kwale nyanga, uNgqongqoshe uDhlomo unxuse bonke abebethweswa iziqu ukuba baphathe njengezikhali zamantungwa umsebenzi wabo.
“Qhubekani nokwelapha iziguli ngo-nakekelo njengoba kusho isiFungo Sa-bahlengikazi lapho sithi khona “unakekelo oluphelele lweziguli zami yilona oluyoba se-qhulwini,” kusho uNgqongqoshe uDhlomo.
Wengeze ngokuthi isiFundazwe iKwaZu-lu-Natal kumele senze okwedlulele ngoba sidume ngokuthi siyikhaya legciwane lengculazi nengculazi kanye nesifo sofuba;
amazinga aphezulu okufa komama kanye nezinsana, ukwenyuka okubabazekayo kwezinga lezifo ezingathathelwana kanye nobhubhane lodlame nokwethuka.
“Yilokhu uNgqongqoshe Wezempilo uDkt Aaron Motsoaledi akubiza ngokuthi ‘imigwaqo emikhulu emine abantu bas-eNingizimu Afrika abahamba kuyo beya emathuneni abo.’ Kusemahlombe enu njengabahlengikazi ukuqinisekisa ukuthi leli lizwe liyafinyelela emigomweni ebekelwe umkhakha wezempilo ukuba uyizuze,” uNgqongqoshe uDhlomo etshela abebeth-weswa iziqu.
Encoma imizamo yabahlengikazi esifundazweni, uthe ngaphandle kwabo uMnyango ubungeke ukwazi:
Ukwehlisa ukudluliseleka kwegciwane lisuka kumama liya enganeni nga-ma-22% ngowezi-2008 laya ezingeni elikulo njengamanje elingu-1.2%;
Ukwenyusa isibalo sezikhungo okutholakala kuzo imishanguzo yengculazi zaba ngama-700;
Ukuba neziguli ezithi azibe yisigidi esi-1,3 ezidla imishanguzo yengculazi;
Ukuba neziguli ezingaphezu kwa-ma-72% ezidla imishanguzo ziyithola eziKhungweni Zezempilo eziseduze.
ezempilo kwaZulu-Natal zithole ukukhula okukhulu ngokwethweswa kweziqu abahlengikazi abayi-1 501 ngale nyanga.
Uk
Us
ok
a k
wa
be
sil
isa
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
– UNgqongqoshe Wezempilo e-KZN uDkt Dhlomo ukhulume kwashuba
UNgalimaZi impilo yakho. ZiNakekele.
UNgqongqoshe Wezempilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibon-giseni Dhlomo unxuse bonke abesilisa ukuba bakhumbule
ukuthi ukusoka kwabesilisa akulona igunya lokwenza ucansi olungavikelekile, ngoba kwehlisa kuphela amathuba okutheleleka ngegciwane lengculazi ngama-60%.
Ekhuluma emva kokusoka abesilisa abane eMbumbulu, uNgqongqoshe uDhlomo uthe: “Sicela bonke abazali nababheki bezingane zabafana KwaZulu-Natal ukuba basebenzise ithuba lokuyo-soka abafana babo ezinkanjini esiba nazo ngezikhathi zamaholidi. Akuzona kuphela ezokusika ijwabu kepha abafana bayelule-kwa, baboniswe ngempilo. Ngokuya kulezi zinkambu abafana bafundiswa ukuthi bangaba kanjani ngabesilisa abaqotho, abazihloniphayo nabahlonipha abesifazane nezingane.”
kusukela ngowezi-2010. ikwaZulu-natal isisoke abesilisa abangaphezu kwama-700 000 kusukela isilo savusele-la isiko lokusoka.
UNgqongqoshe uDhlomo uthi isifundaz-we siyaziqhenya ngokubika ukuthi selokhu lwaqaliswa lolu hlelo akukho noyedwa oseke wadlula emhlabeni.
Kepha uNgqongqoshe uDhlomo wexwayise ngokuthi ukusoka kwabesilisa akumele kube yigunya lokuziphatha bud-edengu, ebalula ukuthi ukusoka kwehlisa kuphela amazinga okutheleleka ngegci-wane lengculazi ngama-60%.
“Ukusoka Kwabesilisa akuyona imvume yokuziphatha noma kanjani. Ungalenzi lelo phutha lokwenza ucansi olungaphephile
ngenxa yokuthi usokile. Uma utholakala unegciwane lengculazi uyokwelulekwa bese uqaliswa imishanguzo. Uma utholaka-la ungenagciwane lengculazi kuyomele ulwele ukuhlala ungenalo impilo yakho yonke. Lokhu ungakuzuza ngokuVikeleka Okumbaxambili, okudinga usebenzise amakhondomu uma wenza ucansi bese kuhlanganiswa nokuhlela kwabesifazane ukugwema ukukhulelwa okungadingekile.”
UNgqongqoshe ucele abantu abasha ukuba banakekele impilo yabo kwezo-cansi bese bethatha izinqumo eziphusile
zikhathi zonke. “Ngisho usuya emdansweni kamatikuletsheni, qiniseka ukuthi ubuya ungatholanga sifo. Hlala ungenalo igciwane lengculazi ukuze ukwazi ukuya ezikhun-gweni zemfundo ephakeme, uthole iziqu ukuze kugcwaliseke amaphupho akho. Usesikhathini esibucayi empilweni yakho. Noma ngabe yikuphi okwenzayo kunga-holela ekusaseni elihle noma elibi. Konke kukuwe ukuba uthathe isinqumo okuy-isona. Ungalimazi impilo yakho. Zinakekele. Yilokho nje esikucelayo.” kwengeza uN-gqongqoshe uDhlomo.
Ukusoka kwabe-
silisa kwehlisa
amathuba okuthe-
leleka ngegciwane
lengculazi ngama-
60%
“Ukusoka akugunyazi ukwenza ucansi olungaphephile”