EDUMBE CHC & CLINICS CELEBRATING HERITAGE DAY “Hebe usuthu hebe usuthu” zazisho njalo izinsizwa zaseDumbe CHC ngesikhathi igubha usuku lamasiko namagugu ngomhlaka 23/09/2015 zikhumbula usuku lweqhawe laka Z ulu Inkosi uShaka kaSenzangakhona, lolusuku usuku olugujwa ngomhlaka 24/09/2015 eNingizimu Africa. Umncimbi waqala ngo 14h30, kwakusha ingoma kuhaywa namahubo. Umphathi sibhedlela uMrs P.D. Buthelezi ubike ukuthi inhloso yokugubha lolusuku ukuthi “abantu kumele bazi imvelaphi Kanye namasiko abo, akufanele silahle amasiko ethu”. Zonke izinhlanga zazivunulile kukhona lonke uhlobo lokudla kwesintu okwakwehla ngesiphundu, kulungiswe yibo njalo abasebenzi baseCHC. Kwakwehliswa ngamahewu Kanye nomhluzi. Izinsizwa nabanumzane base CHC babezitika ngenyama yenhloko Kanye namanqina enkomo. Abasebenzi base CHC nase maclinic onke angamelwe I CHC badlulisa ukubonga kwabo okukhulu koyoyonke imanagement yase CHC...