THAMI SHANGASE UTHEMBISA ukuthola umbiko ongena- gcobho uMkhandlu waseMsinga mapha- kathi neKwaZulu-Natal uma sekuhlolwa amabhuku ezimali komasipala. Lokhu kushiwo yeMeya, uMnu Fele- nkosini Skhakhane, yethula isabelo-mali salo nyaka wezimali wezi-2012/2013. Kulo mcimbi bekukhona neMeya yasoNdini, uNkk Joana Manana. UMkhandlu waseMsinga nowasoNdini yiyona yomibili eholwa yiNkatha Freedom Party(IFP) kulesi sifundazwe emikhandlwini engama-61. UMnu Skhakhane uthi umkhandlu wabo usuqoke ikomiti langaphakathi elicubungula ukusebenza kwansuku zo- nke kwamabhuku omkhandlu. Lo mkha- ndlu uthi ubuthembele ekomitini olini- kwa wumkhandlu omkhulu ukuba lizocu- bungula amabhuku kanye ngonyaka. UMnu Skhakhane umemezele ukuthi lo mkhandlu uzosebenzela kwisabelo sika-R69 million kulo nyaka. Utshele umphakathi ukuthi kuno-R1,5 million owuxhaso abawutholile nawo abazowusebenzisa ukulethela umphakathi intuthuko. Uthi umkhandlu usazoqhubeka nez- inhlelo zawo zokusabalalisa ugesi, ukwakha imigwaqo emincane nokungcwabela abahlwempu njengoba uMsinga uhamba phambili ngobubha kulesi sifundazwe. Utshele ILANGA ukuthi izi- nhlelo zomkhandlu zokulekelela kwezoli- mo zibekelwe u-R370 000. Uthi abantu bakulo mkhandlu kumele baqinise ekuli- meni njengoba le ndawo kuthiwa ino- mhlabathi ovundile. Unxuse abantu uku- ba baqhubeke nokulima ukuze baxoshe ikati eziko ngemikhiqizo yabo. Uveze nokuthi njengoba inkampani esabalalisa ugesi, i-Eskom, iwufaka kule ndawo, nomkhandlu usubeke imali ezole- kelela umphakathi ukuba ungakhokhi kakhulu uma sewukhokhela ugesi. Uthi umkhandlu uzimisele ngokusebenza nazo zonke izinhlaka ekuletheni intuthuko kule ndawo. Phakathi kokunye okuvezwe yiMeya wukuthi kunabathile asebebhalele ibho- di eklama imingcele bethi kunamawadi okumele awele eMkhandlwini waseNdu- meni, eDundee amanye kuthiwa kumele awele eMvoti. Ithi umphakathi waseMsinga ushaya phansi ngonyawo uthi ngeke uvume uku- yiswa kulabo masipala. [email protected] 14 Izindaba ILANGA >> JUNE 18-20, 2012 ZANELE MSOMI UVUKWE wumoya, wakhuluma ngezilimi unina kadokotela ophu- me phambili emncintiswaneni wowesifazane ovelele kwiBusiness Association of South Africa (Bwasa) eMhlanga enyakatho ye- Theku ngoLwesithathu. UDkt Thandeka Mazibuko wa- KwaNyuswa entshonalanga yeThe- ku uyi-Senior Medical Officer emkhakheni weRadiation Onco- logy eGrey's Hospital, eMgungu- ndlovu, maphakathi neKwaZulu- Natal. Ungowesifazane wokuqala omnyama ukuvula inhlangano ezi- mele iSinomusanothando Commu- nity Development eqwashisa ibuye ihlole nomdlavuza. UDkt Mazibuko nguye yedwa omnyama owine kulo mncinti- swano obubophele abesifazane abali-16. Iyisihlanu imikhakha obekukhethwa kuyo kanti uDkt Mazibuko udle umhlanganiso kowe-Social Entrepreneur. Kulo mkhakha kubhekwe owesi- fazane onebhizinisi elisiza inhlalo nentuthuko yomphakathi. Ubeqha- thwe noCarey Moran weRootz Creation noDenise Towell we- Reach For a Dream Foundation. Inhlangano yakhe, iSinomusano- thando, uDkt Mazibuko uyisungule esafundela ubudokotela ngowezi- 2004. Ngowezi-2007 uyibhalise ngokusemthethweni. Igxile ekufu- ndiseni nasekuhloleni umdlavuza kwabesifazane basemakhaya. Kule nhlangano usanda kujoyi- nwa nguMakhaya Ntini obewum- dlali wekhilikithi, oyingxenye yomkhankaso wokuqwashisa ngomdlavuza kule nhlangano. UDkt Mazibuko ubeqala ukuqo- kwa kulolu hlobo lomncintiswano kanti uthe lokhu kusho ukuthi umsebenzi wakhe uyabonakala emphakathini. Uke waqokwa nakoweShoprite Checkers Women of the Year ngowezi-2010. Ubuye wafakwa nasohlwini lwabesifazane abavelele ephepha- bhukwini lika-Oprah Winfrey owu- somabhizinisi nosaziwayo e- United States of America (USA). Inhlangano yakhe isikhule kan- gangoba usehambela nezindawo ezingaphandle kweTheku eyohlola umdlavuza. Usungule namaqembu abantu abaphila nomdlavuza ezi- ndaweni ezisemakhaya. Kuphophoze izinyembezi zenja- bulo ehlabana kulo mncintiswano, ethi ucabanga ubunzima adlule kubo esungula le nhlangano. Utshele leli phephandaba uku- thi osekusele wukuthi athole uxha- so lwemali ukuze aqhubeke no- msebenzi wokuqwashisa nokuhlo- la umdlavuza. Isifiso sakhe wuku- hlola iziguli okungenani ezingama- 20 ngosuku. Usanda kunikwa isakhiwo esi- dala athi uzosilungisa asebenzele kuso khona KwaNyuswa. Yize ehlola zonke izinhlobo zomdlavu- za, uthe usefuna ukugxila kowesi- beletho ngoba abantu basesaba ukuphumela obala noma benawo. Lo mcimbi ubuhanjelwe nawuNdunankulu wesifundazwe, uDkt Zweli Mkhize, nomkakhe uDkt May Mashego-Mkhize. UNdunankulu uthe isifundazwe sizibophezele ukufukula nokusiza abesifazane abafuna ukuba ngo- somabhizinisi. UNkz Farzanah Mall onguSi- hlalo weBwasa KwaZulu-Natal, uthe bayaziqhenya ngokusungula le miklomelo ngowezi-2001 ngoba kuyabonakala ukukhula kwabesi- fazane ebhizinisini. Abawinile kulindele bamele iKwaZulu-Natal sekuhlangene nezinye izifundazwe eGoli maduze. Abanye abawinile kubalwa uSha- mla Pather wePather and Pather Attorneys ohlabene emkhakheni weProfessional noShamina Krish- naswamy weDurban RoRo Termi- nal emkhakheni weCorporate. [email protected] UTHEMBISA UMBIKO ONGENAGCOBHO ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UDKT Thandeka Mazibuko owine emkhakheni weSocial Entrepre- neur kumaBwasa Award. Uhalaliselwa nguNdunankulu waKwaZulu- Natal uDkt Zweli Mkhize nomkakhe uDkt May Mashego-Mkhize. Uhamba yedwa uDkt Mazibuko EZOMPHAKATHI: Kuphophoze izinyembezi ekhumbula ubunzima asedlule kubo.