Incwadi 3A Incwadi 3A - Home | VulaBula

Post on 04-Nov-2021

50 Views

Category:

Documents

0 Downloads

Preview:

Click to see full reader

Transcript

     Incwadi 3A     Incwadi 3A

IBANGA lesi-3 ISIZULUISBN: 978-1-77580-223-5

IBANGA lesi-3

1.  U-Ayoyo uyothenga  2.  Lalela umculo

4.  Ubusuku basepulazini3.  Ngubani ophule ifasitela? 

 INCWADI 1A   INCWADI 1B

1. Ngifuna isokisi lami!2. Isithombe sezimo3. Ujikajika4. Uphi uZinzi?

1. Ubaba usele nengane2. Yini-ke asazoyenza futhi?3. Umacashelana4. Ukulungela uhambo

    INCWADI 2A    INCWADI 2B

1. Ucezu lokugcina lwekhekhe2. Imfihlo3. Ngelikabani leli sondo?4. Impikiswano yomoya nelanga

1. Kuhle ukupha2. Kwaze kwangcola3. Sizani!4. Isaqathe esikhulukazi

      INCWADI 3A      INCWADI 3B

1.  U-Ayoyo uyothenga2.  Lalela umculo 3.  Ngubani ophule ifasitela?4.  Ubusuku basepulazini

1. Siyabhaka nogogo2. Isobho lamatshe3. Awu, Mnumzane Nkawu!4. Ngubani ohlala lapha?

        INCWADI 4A         INCWADI 4B

1. Intuthwane nentethe2. Ngelikabani leli zinyo?3. Unogwaja nofudu4. INingizimu Afrika yethu

1. Izifiso ezintathu2. Idolobha lakithi3. Ibhubesi negundane4. Izilwane ezizingelayo

(kanye Nebhukwana Lezimpendulo Ezilindelekile)

Izincwadi zaleli banga zinamakhasi amaningana, amazwi amaningana ekhasini ngalinye, imisho ethe ukweluleka, ukwahlukahlukana kwendlela imisho emi ngayo, ulimi oluthe ukuqoshama noluchazayo kanye nohla lwamagama amasha athe ukujula. Kuthe ukwanda ukuzifundela ngokwabo abafundi, banamathela kakhudlwana ekufundeni ngokuqondisisa esikhundleni sokubhekana namagama nje/nokuwalandela, njengoba sebefunda ngokuzimela. Lezi zincwadi ziveza amathuba okufunda ngamaqenjana, belekelelwa, befunda ngababili futhi befunda nangokuzimela.

ISIZULU

Izincwadi ezihlelwe ngamazinga kuleli banga lesi-3 likaVula Bula zicija abafundi ekufundeni ngekhono eliphakeme. Incwadi ngayinye iqukethe izindaba ezine ezahlukahlukene, kuzo kukhona nemibhalo engamaqiniso. Indaba ngayinye yandulelwa wuhla lwamagama amasha kanye nolwamagama ‘afundeka kalukhuni’, okudingekayo nokho ukuthi abafundi bawazi. Indaba ngayinye ilandelwa wuhla lwemibuzo yokuqondisisa, ukusetshenziswa kolimi kanye nemisebenzi yokubhalwa ehambisana neCAPS kanye nezincwadi zakwa-DBE zokusebenzela zebanga lesi-3.

Zulu-3A.indd 2-3 2015/10/19 1:29 PM

Izincwadi zokufunda zamaBanga aPhansi ezihlelwe zaba wuchungechunge

Ishicilelwe ngowe-2014 ngabakwa-Molteno Institute for Language and Literacy

Ikhokhelwe yi-Zenex Foundation

Ibanga lesi-3 Incwadi 3A n Umcubunguli wezindaba: Jenny Katzn Abasunguli bezindaba: Mirna Lawrence noJenny Katzn Ukufundwa kokugcina kwemibuzo nemisebenzi yokwenziwa: Jenny Katzn Yahlelwa ngesiZulu ngu: Lawrence Molefen Ilungiswe: Duduzile Shezin Umdwebi: Sandy Lightley - 1. U-Ayoyo uyothenga

Shayle Bester - 3. Ngubani ophule ifasitela? Marleen Visser - 2. Lalela umculo, 4. Ubusuku basepulazini

n Ukulungiselela nokuhlela: Resolution noihwhiteDesign

© 2014 Molteno Institute for Language and Literacy

ISBN 978-77580-223-5

IBANGA lesi-3

     Incwadi 3A

Okuqukethwe 

1. U-Ayoyo uyothenga ......................................... 1

2. Lalela umculo ................................................... 11

3. Ngubani ophule ifasitela? ................................. 21

4. Ubusuku basepulazini ...................................... 31

Creative Commons Attribution-NonCommercial-NoDerivatives (CC BY-NC-ND) 4.0 International Licence

Disclaimer: You are free to download and share this work as long as you attribute the Molteno Institute for Language and Literacy, but you may not change this work in any way or use it commercially.

Zulu-3A.indd 4-5 2015/10/19 1:29 PM

1

1. U-Ayoyo uyothenga

NGAPHAMBI KOKUFUNDA LE NDABA

Qiniseka ukuthi uyayazi incazelo yala magama alandelayo

ahlukahlukene, incwasimende, esisawolintshi, olusasibhakabhaka,

njengendlovukazi, nensundu, wengqephu, ezisemfashinini, bandla

Qiniseka ukuthi uyakwazi ukufunda la magama alandelayo

kamamncane, esihloniphekile, esontweni, esisawolintshi,

njengendlovukazi, ekhwayeni

2

Umndeni wakwaMkhize uyathenga esitolo sezimpahla zokugqoka. U-Ayoyo uhamba nomama wakhe baya ezicathulweni. Umama udinga izicathulo zikanikusho azozigqoka emshadweni kamamncane uDuduzile. U-Ayoyo ubuka umama wakhe elinganisa izicathulo ezahlukahlukene. Umama uthanda kakhulu lezi ezinombala wegolide. Uyalinganisa bese edansa kancane phambi kwesibuko, ezibuka.

‘Lezi zicathulo ziyangifanela. Ngiyazithenga,’ kusho umama.

U-Ayoyo naye uyazithanda izicathulo. Yena kodwa uthatha eziphinki ngombala.

3

U-Ayoyo uyobheka ubaba ukuthi uzilinganisa kanjani izibuko zelanga. Udinga ezintsha ngoba uye wahlala phezu kwazo ngephutha ezindala zephuka! Ubaba uthanda kakhulu lezi ezinengilazi esasibuko. Uzigqoka azibuke esibukweni bese ezincoma yena.

‘Lezi zibuko zingenza incwasimende. Ngiyazithatha,’ kusho ubaba.

U-Ayoyo uyazithanda naye izibuko zelanga. Yena uthatha eziphinki ngombala.

4

U-Ayoyo uthola ugogo elinganisa izigqoko. Ugogo udinga isigqoko esihloniphekile azosigqoka esontweni. U-Ayoyo ubuka ugogo elinganisa izigqoko ezihlukene ngemibala. Ugogo uthanda kakhulu lesi esisawolintshi. Uthanda kakhulu esinosiba olusasibhakabhaka! Uyama aqonde ugogo bese ezibuka esibukweni.

‘Lesi sigqoko singenza ngibukeke njengendlovukazi. Ngiyasithatha,’ kusho yena.

U-Ayoyo uyasithanda naye isigqoko. Yena uthatha esiphinki ngombala.

5

Wayesebona umkhulu elinganisa izikhafu u-Ayoyo. Umkhulu ufuna isikhafu sasebusika. Kunezikhafu eziningi ezinemibalabala azokhetha kuzo. Uthanda kakhulu esinemigqa emhlophe nensundu umkhulu. Usigaxa qede uzibuka esibukweni bese ezincoma yena.

‘Lesikhafu sintofontofo sifudumele. Ngiyasithatha,’ kusho umkhulu.

U-Ayoyo uyasithanda naye isikhafu. Yena kodwa uthatha esiphinki ngombala.

6

U-Ayoyo ufica udadewabo omdala. Udadewabo omdala uthanda izimpahla zombukiso. Abangani bakhe bonke bagqoka amasokisi amade neziketi ezimfushane, naye ufuna amasokisi amade. Udadewabo omdala ulinganisa amapheya ahlukahlukene. Wayeselinganisa amasokisi anemibala eminingi eyimigqa. Uzibuka esibukweni aze ame njengomkhangisi wengqephu.

‘La masokisi asemfashinini. Ngiyawathatha,’ kusho udadewabo omdala.

U-Ayoyo naye uyawathanda amasokisi. Uthatha aphinki ngombala.

7

U-Ayoyo usebona Umfowabo omdala elinganisa amahembe. Udinga ihembe elisha lokucula ekhwayeni. Umfowabo omdala uthanda eliluhlaza okotshani nezinkinobho zakhona. Uzithanda kakhulu uma evela esibukweni, uzizwa ehloniphekile, ulithanda ngempela!

‘Leli hembe lingihlala kahle. Ngiyalithatha,’ kusho Umfowabo omdala.

U-Ayoyo uyalithanda naye ihembe. Yena uthatha eliphinki ngombala.

8

Ekugcineni wonke umuntu emndenini wakwaMkhize uzitholile izimpahla azidingayo.

Umama unezicathulo ezintsha, ubaba unezibuko zamehlo. Ugogo unesigqoko nomkhulu unesikhafu. Udadewabo omdala unamasokisi, umfowabo omdala unehembe elisha.

‘U-Ayoyo bandla,’ kusho umama. ‘Nguye kuphela ongatholanga lutho namuhla.’

‘Yebo ngitholile nami,’ kusho u-Ayoyo. ‘Ngibukeni!’

Nanguya u-Ayoyo emncanyana laphaya ugqoke zonke izinhlobo zezingubo ezithengwe wumndeni wakhe. Kodwa ezakhe zonke ziphinki lokhu okukhanyayo!

‘Ayoyo, ufana no-ayisikhilimu ophinki,’ kuhleka udadewabo omdala. ‘Ungathi unoshukela ufuna ukudliwa!’

‘Wumbono omuhle-ke lowo!’ kusho ubaba. ‘Masiyothengani u-ayisikhilimu sonke!’

Basuka bayowuthenga.

9

U-Ayoyo uyothenga

A. Ukuqondisisa

Phendula imibuzo ngemisho ephelele.

1. Mangaki amalungu akwaMkhize athengayo esitolo? Ngobani?

2. Qondanisa umusho ngamunye nesiphetho esifanele.

a) Umama udinga izicathulo c esontweni

ezintsha azozigqoka

b) Ugogo udinga isigqoko c ekhonsathini

esisha azosigqoka

c) Umfowabo udinga iyembe c emshadweni

elisha azoligqoka

3. Kungani ubaba edinga izibuko ezintsha?

4. Ugogo ukhetha _______________.

a) isigqoko esisawolintshi esinosiba olusasibhakabhakab) isigqoko esinemibala eminingic) isigqoko esisasibhakabhaka esinosiba olusawolintshid) isigqoko esingenalo usiba

5. Umkhulu uthengani? Ukhetha siphi?

6. Beka isiphambano (X) eduze kwemisho eyiphutha, uthikhe () eduze kwemisho eliqiniso.

a) Udadewabo omdala ufuna ukugqoka amasokisi amafushane nesiketi eside.

b) Umfowabo omdala ufuna ijezi elisha.

c) Bonke bayazibuka esibukweni.

d) Emva kokuthenga, umndeni uyofuna u-ayisikhilimu.

10

7. Yimuphi umbala awuthanda kakhulu u-Ayoyo? Usho ngani?

B. Ukusetshenziswa kolimi

DBE Ibanga lesi-3 Incwadi yesi-2 ikh. 79

Guqula umusho ngamunye ube wumbuzo. Qala ngegama elikubakaki.

isb. Umama uthenga izicathulo ezinombala wegolide. (ini) Umama uthengani?

1. Umndeni usesitolo sezimpahla zokugqoka. (Ukuphi …)

2. U-Ayoyo ubukeka njengo-ayisikhilimu ophinki. (Ngubani …)

3. Wonke umuntu uzibuka esibukweni ukuthola ukuthi izingubo zinjani. (Kungani …)

C. Masibhale

DBE Ibanga lesi-3 Incwadi yoku-1 amakh. 86, 89DBE Ibanga lesi-3 Incwadi yesi-2 amakh. 4, 8, 28, 108, 111

Bhala okuzongena kudayari mayelana nosuku owaya ngalo esitolo sezimpahla zokugqoka. Wawuhambe nobani? Naya kuphi? Nathengani? Khumbula ukubhala usuku.

11

2. Lalela umculo

NGAPHAMBI KOKUFUNDA LE NDABA

Qiniseka ukuthi uyayazi incazelo yala magama alandelayo

umntshingo, izigubhu zejembe, wezinyathi, imarimba, ungicika,

bazokwethamela, iwompetha

Qiniseka ukuthi uyakwazi ukufunda la magama alandelayo

umntshingo, ungumakhelwane, ezejwayeza, komhlambi, wayesesigingcini

12

Sekusele isonto nje, kufike ilanga lekhonsathi yesikole. Abantwana esikoleni bazilolonga njalo ebhendini ukuze badlale kahle ekhonsathini.

URavi udlala umntshingo ebhendini. Njalo ntambama uzejwayeza ukudlala umntshingo wakhe ekhishini ngenkathi umama epheka. Umama kaRavi uyawuthanda lo mculo, kodwa akawuthandi uma uRavi esewudlala njalo!

‘Awu cha! Umsindo ongaka!’ kucabanga umama. ‘Ungathi yinyoni izama ukucula kodwa ithola ukuthi iphethwe wumphimbo. Ngifisa sengathi angayeka ukuwudlala!’

URavi waqhubeka nokuwudlala.

Ngifuna ayeke

13

UFikile udlala ivawulina ebhendini. Njalo ntambama uya engadini ayidlalele khona ezilolonga. UMnumzane Dube ungumakhelwane kaFikile. UMnumzane Dube uyathanda ukuzihlalela engadini yakwakhe. Ngakho, nsuku zonke ulalela uFikile ezejwayeza ivawulina. UMnumzane Dube uyamthanda uFikile, kodwa akathandi uma uFikile aseyidlala njalo!

‘Awu cha! Umsindo ongaka!’ kucabanga uMnumzane Dube. ‘Ungathi ngamakati amabili alwayo. Ngifisa sengathi angayeka ukuyidlala!’

UFikile waqhubeka nokuyidlala.

Ngifuna ayeke

14

OMara noKarabo bashaya izigubhu zejembe zomculo ebhendini. Njalo ntambama bazidlalela ekamelweni lokuphumula bezilolonga. Umfowabo Mara omdala ubukela umabonakude ekamelweni lokuphumula. Kodwa lezi zigubhu ezidumayo zenza angezwa lutho. Uyamthanda uMara noKarabo. Akathandi uma uMara noKarabo sebezidlala njalo!

‘Awu cha! Umsindo ongaka!’ kucabanga umfowabo kaMara. ‘Ungathi ukugidiza komhlambi wezinyathi. Ngifisa sengathi bangayeka ukuzishaya!’

OMara noKarabo baqhubeka nokuzishaya.

Ngifuna bayeke

15

U-Aaron udlala imarimba ebhendini. Njalo ntambama uyidlalela kuvulande azilolonge. Uyise ka-Aaron uyathanda ukuhlala kuvulande azifundele iphephandaba. Akakwazi kodwa ukulifunda kahle ngoba u-Aaron udlala imarimba. Uyise ka-Aaron uyamthanda u-Aaron, kodwa akathandi uma uAaron eseyidlala njalo!

‘Awu cha! Umsindo ongaka!’ kucabanga uyise ka-Aaron. ‘Ungicika njengamanzi aconsa empompini. Ngifisa sengathi angayeka ukudlala!’

U-Aaron waqhubeka nokuyidlala.

Ngifunaayeke

16

UPamela udlala icilongo ebhendini. Njalo ntambama ulidlalela ekamelweni lokulala ezilolonga. Nsuku zonke udadewabo omncane uyacambalala ngalesi sikhathi. Icilongo likaPamela liyamvusa uma elidlala. Udadewabo Pamela omncane uyamthanda uPamela, kodwa akathandi uma uPamela eselidlala njalo!

‘Awu cha! Umsindo ongaka!’ ecabanga. ‘Ungathi uPamela ufutha ivuvuzela ephukile. Ngifisa sengathi angayeka ukulidlala!’

UPamela waqhubeka nokulidlala.

Ngifunaayeke

17

UMuzi udlala isigingci sikagesi ebhendini. Njalo ntambama usidlalela egaraji ezilolonga. Ngesikhathi azejwayeza ngaso inja yakhe iyaye ize egalaji izodla bese ilalela uMuzi edlala. Iyamthanda uMuzi inja yakhe, kodwa akathandi uma uMuzi esesidlala njalo!

‘Awu cha! Umsindo ongaka!’ kucabanga inja kaMuzi. ‘Ungathi wumiyane uthi bu endlebeni yami. Ngifisa sengathi angayeka ukusidlala!’

UMuzi waqhubeka nokusidlala.

Ngifunaayeke

18

Lwafika usuku lwekhonsathi ekugcineni, bonke abakade bezilolonga, sebelungele ukudlala manje!

Sebesesiteji abantwana manje, balungele ukuqala. Imindeni nabangani bafikile bazokwethamela. Bayazibuza ukuthi msindo muni ozokwenziwa yilaba bantwana …

Yaqala ibhendi ukudlala. URavi wadlala impempe yakhe. UFikile wadlala ivawulina. UMara noKarabo badlala izigubhu zejembe. U-Aaron wadlala imarimba. UPamela wadlala icilongo kanti uMuzi wayesesigingcini.

Yisimanga! Le bhendi elompetha! Akuwona umsindo nje. Wumculo!

Wonke umuntu uyamamatheka, kuyamenyezwa kushaywa izandla.

‘Ningayeki!’ kusho bona. ‘Qhubekani! Siyawuthanda umculo wenu! Singanilalela nidlale ubusuku nemini! Sifisa niqhubeke nokudlala!’

Abantwana baqhubeka ngempela nokudlala.

19

Lalela umculo

A. Ukuqondisisa

Phendula imibuzo ngemisho ephelele.

1. Kungani abantwana basebhendini bedinga ukuzilungiselela?

2. Ibhamuza lomcabango esithombeni ngasinye lisitshela ukuthi __________.

a) umuntu uthini

b) umuntu ucabangani

c) umuntu ubhalani

3. Uziqhathanise nani izigubhu zejembe zikaMara noKarabo umfowabo Mara?

4. Ubenzani uyise ka-Aaron ngenkathi u-Aaron ezilungiselela ngokudlala imarimba?

5. Ngubani obedinga ugesi ukuze azilungiselele kahle? Ngani?

6. Iyiphi insimbi ocabanga ukuthi yenze umsindo omkhulu kakhulu? Usho ngani?

7. Yini ebingalindelekile eyenzeke ekugcineni?

a) Ibhendi idlale kahle kakhulu.

b) Abantwana badlale kahle kakhulu.

c) Kube nomculo omnandi, hhayi umsindo.

d) Konke lokhu okungenhla.

20

B. Ukusetshenziswa kolimi

DBE Ibanga lesi-3 Incwadi yesi-2: amakh. 41, 46, 75, 112

Sebenzisa isihlanganiso ‘kanye’ ukuhlanganisa imisho emibili wenze owodwa oqondile.

1. Unina kaPamela akawuthandi umsindo womntshingo. Udadewabo Pamela omncane akawuthandi umsindo womntshingo.

2. UMara udlala izigubhu zejembe. UKarabo udlala izigubhu zejembe.

C. Masibhale

DBE Ibanga lesi-3 Incwadi yoku-1: amakh. 11, 28DBE Ibanga lesi-3 Incwadi yesi-2: amakh. 71, 79

Qedela leli thebhula elingezansi ngokugcwalisa imininingwane engekho.

Umdlali wezinsimbi

Insimbi ayidlalayo

Indawo Uqhathaniswa nani

uRavi umntshingo ekhishininenyoni ezama ukucula inomphimbo obuhlungu

uFikile uvawulina

ikamelo lokuphumula

nomhlambi wezinyathi ezigijimayo

u-Aaronnamanzi aconsa empompini

uPamelaikamelo lokulala

isigingci sikagesi

igaraji

21

3. Ngubani ophule ifasitela?

NGAPHAMBI KOKUFUNDA LE NDABA

Qiniseka ukuthi uyayazi incazelo yala magama alandelayo

uNkosikazi, uMnumzane, waganwa wunwabu, enengiwe, ekhungekile,

ibhola lomphebezo, ibhola lombhoxo, eliyimbulunga, ecijile, ibhola

legalofu

Qiniseka ukuthi uyakwazi ukufunda la magama alandelayo

ngizomthola, lomnqakiswano, wayesathukuthele, wayeseliqhathanisa

22

Kuthe uma uNkosikazi Kubheka efika ekhaya evela ezitolo wethuka kakhulu ebona ifasitela lasekhishini lifile. Kwakunezicuku zengilazi yonke indawo, wabona ibhola elincane elilukhuni elimhlophe phansi ekhishini.

‘Ifasitela lifile!’ kumemeza uNkosikazi Kubheka. ‘Ngizomthola lo owenze le nto!’

UNkosikazi Kubheka waganwa wunwabu. Waba neqiniso lokuthi kunezingane ezigangile ezibulele ifasitela lasekhishini lakhe ngebhola. Wasuka wavakashela bonke abantu basendaweni …

23

UNkosikazi Kubheka wabona abafana bedlala ikhilikithi.

‘Yibhola lenu leli? Yinina enibulele ifasitela lami?’ kubuza yena enengiwe impela.

Abafana balibuka ibhola elincane elimhlophe esandleni sikaNkosikazi Kubheka. Bamkhombisa ibhola labo elibomvu lekhilikithi.

‘Cha, mama! Akulona elethu lelo bhola. Elethu ibhola yileli. Akuthina esibulele ifasitela lakho,’ kusho abafana.

24

UNkosikazi Kubheka wahamba ngendlela emfushane. Wabona amantombazane edlala ibhola lomnqakiswano.

‘Leli bhola libulale ifasitela lami. Ngelenu?’ kubuza uNkosikazi Kubheka.

Amantombazane alibuka ibhola elincane elimhlophe esandleni sikaNkosikazi Kubheka. Amkhombisa ibhola lawo elikhulu elisawolintshi lomnqakiswano.

‘Cha, mama! Akulona elethu lelo bhola. Elethu ibhola yileli. Akuthina esibulele ifasitela lakho,’ kusho amantombazane.

25

UNkosikazi Kubheka waqhubeka, emangele ukuthi yiziphi lezi zingane ezigangile ezibulele ifasitela lakhe. Wabona izingane zidlala ibhola lezinyawo.

‘Yibhola lenu leli? Yinina enibulele ifasitela lami?’ kubuza uNkosikazi Kubheka.

Izingane zalibuka ibhola elincane elimhlophe esandleni sikaNkosikazi Kubheka. Zamkhombisa ibhola lazo lezinyawo elikhulu elimnyama namhlophe.

‘Cha, mama! Akulona elethu lelo bhola. Elethu ibhola yileli. Akuthina esibulele ifasitela lakho,’ kusho izingane.

26

UNkosikazi Kubheka waqhubekela phambili. Yelokhu ekhungekile ukuthi ngubani obulele ifasitela lakhe. Wabona amantombazane amabili edlala ibhola lomphebezo.

‘Leli bhola libulale ifasitela lami. Ngelenu?’ kubuza uNkosikazi Kubheka.

Amantombazane libuka ibhola elincane elimhlophe esandleni sikaNkosikazi Kubheka. Amkhombisa ibhola lawo eliphuzi lomphebezo.

‘Cha, mama! Akulona elethu lelo bhola. Elethu ibhola yileli. Akuthina esibulele ifasitela lakho,’ kusho amantombazane.

27

UNkosikazi Kubheka wayezungeze waza wabuyela ngasekhaya lakhe. Wayengakazi ukuthi ngubani obulele ifasitela lakhe. Wabona abafana ababili bedlala ibhola lombhoxo.

‘Yibhola lenu leli? Yinina enibulele ifasitela lami?’ kubuza uNkosikazi Kubheka.

Abafana balibuka ibhola elincane elimhlophe esandleni sikaNkosikazi Kubheka. Bamkhombisa ibhola labo elikhulu elinsundu eliyimbulunga ecijile lombhoxo.

‘Cha, mama! Akulona elethu lelo bhola. Elethu yileli. Akuthina esibulele ifasitela lakho,’ kusho abafana.

28

UNkosikazi Kubheka wabuyela ekhaya. Wayesathukuthele edidekile ngoba engabatholi abantwana abagangile ababulele ifasitela lakhe. Ngenkathi ehamba ngomgwago owehlela endlini, wabona umakhelwane wakhe, uMnumzane Ngema, edlala ibhola legalofu engadini yakhe.

UNkosikazi Kubheka wabuka ibhola elincane elimhlophe esandleni sakhe. Wayeseliqhathanisa nebhola elincane elimhlophe elisengadini kaMnumzane Ngema.

‘Yibhola lakho leli?’ kubuza uNkosikazi Kubheka ephakamisa izwi, embonisa ibhola aliphethe ngesandla.

‘Yebo!’ kusho uMnumzane Ngema. ‘Yibhola lami lelo.’

‘Kusho ukuthi akukhongane egangile ebulele ifasitela lasekhishini lami. Nguwe!’ kusho uNkosikazi Kubheka emangele kakhulu.

‘Awu, ngiyaxolisa, Nkosikazi Kubheka! Bengingazi ukuthi ngiphule ifasitela lakho,’ kusho uMnumzane Ngema. ‘Ngizolikhokhela ifasitela elisha. Ngiyeza manje ngizokusiza ukususa izingilazi.’

UNkosikazi Kubheka waphinda wamamatheka ngoba usenefasitela elisha.

UMnumzane Ngema wethembisa ukuthi uzoqaphela uma ezilolonga ngegalofu engadini yakwakhe!

IGALOFU

29

Ngubani ophule ifasitela?

A. Ukuqondisisa

Phendula imibuzo ngemisho ephelele.

1. Kwakungelaliphi ikamelo ifasitela elifile kwaNkosikazi Kubheka?

2. Waphatheka kanjani uNkosikazi Kubheka ngefasitela?

a) Akazange abe nandaba.

b) Wayethukuthele.

c) Wayethukile.

d) Akukho kulokhu okungenhla.

3. Ngubani uNkosikazi Kubheka acabanga ukuthi uphule ifasitela lakhe?

4. Ngelamuphi umdlalo ibhola elincane, elilukhuni, elimhlophe?

5. Yisho ukuthi le misho elandelayo iliqiniso (Q) noma iliphutha (P).

a) Ibhola lezinyawo nelomnqakiswano ayalingana, ami ngokufana futhi.

b) Ibhola lomphebezo lincane kunelegalofu.

c) Ibhola lombhoxo liyindilinga.

d) Udinga ibhethi, ibhola kanye newikhethi ukudlala ikhilikithi.

6. Nikeza imisho izinombolo 1–3 ukhombise ukulandelana kwayo. (phendula ikhasi)

30

a) Wasola ukuthi yibhola likaMnumzane Ngema legalofu elalibulale ifasitela lakhe.

b) Bonke abantwana basho ukuthi akulona ibhola labo.

c) UNkosikazi Kubheka wasuka wayofuna ukuthi ngubani obulele ifasitela.

7. UMnumzane Ngema wakhombisa kanjani ukuzisola?

B. Ukusetshenziswa kolimi

DBE Ibanga lesi-3 Incwadi yesi-2: ikh. 87

1. Lungisa la magama emibala angenzansi, bese ubhala umusho ngegama ngalinye.

a) phehlom

b) mvubo

c) ntshiwosali

d) manyam

e) ziphu

f) ndunsu

2. Phinda ubhale le misho ibe senkathini yamanje.

UNkosikazi Kubheka wahamba ngendlela emfushane.

Wabona amantombazane edlala ibhola lomnqakiswano.

‘Ngabe yibhola lakho leli?’ wabuza.

C. Masibhale

DBE Ibanga lesi-3 Incwadi yoku-1: ikh. 13

Khetha umdlalo owodwa ovela endabeni ubhale amaqiniso ama-4–6 ngawo.

DBE Ibanga lesi-3 Incwadi yoku-1: amakh. 76, 83, 87DBE Ibanga lesi-3 Incwadi yesi-2: amakh. 43, 85

31

4. Ubusuku basepulazini

NGAPHAMBI KOKUFUNDA LE NDABA

Qiniseka ukuthi uyayazi incazelo yala magama alandelayo

esitebeleni, cwaka, kuyetshiswa, ngempongo, ehhokweni, ngengqama,

umlolozelo, isikhova, ngonoqhwaku

Qiniseka ukuthi uyakwazi ukufunda la magama alandelayo

ihhashi, ligitshelwe, ntofontofo, kokugxumagxuma, amachwane,

eqhwandwa, ngonoqhwaku, hhu-hhu-hhu

32

Kusebusuku lapha epulazini, esitebeleni kuthule cwaka.

Ihhashi elingumama likhathele emva kosuku olude ligitshelwe. Inkonyane ikhathele kade ilokhu igijima eduze kwakhe. Manje sekuyisikhathi sokuthi zilale. Ihhashi elingumama lilala eduze kwenkonyane encane. Lilokhu lidlalisa kancane umsila wayo obushelezi. Inkonyane encane izumekile.

AMAQINISO: amahhashi1. Amahhashi yizilwane zasekhaya noma zasepulazini.2. Ihhashi lesilisa libizwa ngenkunzi noma ngenkabi.

Elensikazi libizwa ngemeli. Umntwana wehhashi ubizwa ngenkonyane.

3. Amahhashi asisiza ukudonsa imithwalo esindayo. Abantu basebenzisa amahhashi ukuwagibela bahambe ngawo.

33

Kusebusuku lapha epulazini, esibayeni kuthule cwaka.

Inkomazi engumama ikhathele emva kosuku olude kudliwa utshani, bese kuyetshiswa futhi. Inkonyane encane ikhathele beyidla. Manje sekuyisikhathi sokuthi kulalwe. Inkomazi engumama ilala eduze kwenkonyane encane. Ilokhu idlalisa kancane ikhala lenkonyane elintofontofo. Inkonyane encane izumekile.

AMAQINISO: izinkomo1. Izinkomo yizilwane zasekhaya noma zasepulazini.2. Eyesilisa ibizwa ngenkunzi. Eyesifazane ibizwa

ngenkomazi. Umntwana ubizwa ngenkonyane.3. Izinkomazi zisiza abantu ngokubapha ubisi. Ngobisi senza

ushizi, ibhotela, ukhilimu kanye no-ayisikhilimu. Sithola inyama nesikhumba futhi ezinkomo.

34

Kusebusuku lapha epulazini, esibayeni sezimbuzi kuthule cwaka.

Izimbuzana ezincane ezintathu zikhathele emva kokugxumagxuma zidlala usuku lonke. Yisikhathi sokuthi zilale. Imbuzi engumama ilala eduze kwazo olokhu izithinta kancane ngekhanda layo. Izimbuzana ezincane zivala amehlo, zizumekile.

AMAQINISO: izimbuzi1. Izimbuzi yizilwane zasekhaya noma zasepulazini.2. Eyesilisa ibizwa ngempongo. Eyesifazane ibizwa

ngembuzikazi. Umntwana ubizwa ngezinyane.3. Izimbuzi zisisiza ngobisi. Senza ngalo ushizi. Sithola

inyama futhi ezimbuzini.

35

Kusebusuku lapha epulazini, ehhokweni lezingulube kuthule cwaka.

Izingulubana ezincane zikhathele emva kosuku olude zibhuquza odakeni. Ezine zilala phansi eduze kwengulube engumama ziyazumeka. Eyesihlanu ayilele ifuna ukudlala. Ingulube engumama ivungama kancane icela ukuthi umntwana alale. Sekuyisikhathi sokulala manje.

AMAQINISO: izingulube1. Izingulube yizilwane zasekhaya noma zasepulazini.2. Eyesilisa ibizwa ngengulube yeduna. Eyesifazane ibizwa

ngensikazi. Umntwana ubizwa ngomntwana.3. Sithola izinhlobo eziningi zenyama, enye yazo ubhekeni.

36

Kusebusuku lapha epulazini, esibayeni sezimvu kuthule cwaka.

Amazinyane amabili amancane akhathele emva kosuku olude egxuma otshanini. Alala phansi otshanini obuthambile azisondeza kumama ukuze afudunyezwe kuvolo womzimba wakhe. Azobe esezumekile masinyane.

AMAQINISO: izimvu1. Izimvu yizilwane zasekhaya noma zasepulazini.2. Eyesilisa ibizwa ngengqama. Eyesifazane ibizwa

ngumvukazi. Umntwana ubizwa ngezinyane.3. Izimvu zisisiza ngovolo. Sisebenzisa uvolo ukwenza

amabhulankethe kanye nezingubo ezifana namajezi nezikhafu. Siphinde sithole inyama.

37

Kusebusuku lapha epulazini, ehhokweni lezinkukhu kuthule cwaka.

Amachwane akhathele emva kosuku olude eqhwandwa esihlabathini efuna ukudla. Isikhukhukazi esingumama siyalala simboza amachwane ngamaphiko aso. Amachwane amathathu asezumekile kodwa elilodwa licela umlolozelo kumma walo.

‘Kuku, kuku, kuku, ku, ku, ku,’ kucula isikhukhukazi esingumama kancane.

AMAQINISO: izinkukhu1. Izinkukhu yizilwane zasekhaya noma zasepulazini.2. Inkukhu yesilisa ibizwa ngeqhude. Eyesifazane ibizwa

ngesikhukhukazi. Umntwana ubizwa ngechwane.3. Izinkukhu zisisiza ngokusibekela amaqanda nangenyama.

38

Kusebusuku lapha epulazini. Akuthulile kodwa esihlahleni esikhulu esinameva.

Izikhova ezincane bezilele usuku lonke. Yisikhathi sokuthi zivuke manje! Isikhova esingumama sizithinta kancane ngonoqhwaku. Izikhova ezincane zivula amehlo asenobuthongo, ziyazamula, ziyazelula.

‘Hhu-hhu-hhu,’ zisho zicula ngenkathi isikhova esingumama sindiza ziyozingela ukudla.

Abantwana bazosilinda ubusuku bonke.

AMAQINISO: izikhova1. Izikhova yizinyoni zasendle. Yizinyoni ezizingelayo,

zidla inyama.2. Izikhova zizingela ukudla kwazo ebusuku.3. Izikhova zisisiza ngokudla izilwane ezisihluphayo

njengamagundane.4. Ziyafana nazo zonke izilwane zasendle ngokuthi

kumele zivikelwe.

39

Ubusuku basepulazini

A. Ukuqondisisa

Phendula imibuzo ngemisho ephelele.

1. Imayelana nani le ndaba?

a) izilwane zasendle

b) izilwane ezihlala epulazini

c) izilwane ezithanda ukulala sonke isikhathi

2. Yiziphi izilwane esikwazi ukuzigibela? Kopisha umusho osho lokho.

3. Yisiphi isilwane endabeni esiba nabantwana abaningi kakhulu?

4. Faka isiphambano (X) ebhokisini eliseduze kwempendulo efanele. Imvu isinika ___________.

a) ubisi

b) amaqanda

c) uvolo

d) konke lokhu okungenhla

5. Zilalaphi izimbuzi?

6. Yiziphi izindaba endabeni ezingezona ezasepulazini?

7. Kungani kumele sivikele izikhova? Zisisiza ngani?

40

B. Ukusetshenziswa kolimi

DBE Ibanga lesi-3 Incwadi yoku-1: amakh. 46, 59, 76, 84, 114, 118, 130DBE Ibanga lesi-3 Incwadi yesi-2: amakh. 28, 76, 123

1. Phinda ubhale lo musho ube senkathini edlule.Amazinyane ayagxumagxuma, izimvu zona zidla utshani.

2. Phinda ubhale lo musho ube senkathini yamanje.Inkonyane lalidlala ensimini, umlimi yena wayesenga inkomazi.

C. Masibhale

DBE Ibanga lesi-3 Incwadi yoku-1: amakh. 11, 28DBE Ibanga lesi-3 Incwadi yesi-2: amakh. 71, 79

Dweba ithebhula encwadini yakho ufake izilwane ezisendabeni zasepulazini ezahlukahlukene eziyisithupha. Sebenzisa lezi zihlokwana:

Igama lesilwane Igama lomntwanaUsizo esiluthola kulesi silwane

Uthotho lweencwadana zebanga loMgangatho osisiSeko

Ipapashwe 2014 ngabakwa-Molteno Institute for Language and Literacy

Ixhaswe yi-Zenex Foundation

Ibanga lesi-3 Incwadana 1A n Umhleli wothotho: Jenny Katzn Abaqambi bamabali: Mirna Lawrence noJenny Katzn Imibuzo emva kokufunda nemisebenzi: Jenny Katzn Incutshe kulwimi isiXhosa: Nolitha Bikitshan Umhleli wolwimi isiXhosa: N. Gxowa-Dlayedwa, University of

the Western Cape, Linguistics Departmentn Abazekelisi: Rob Owen - 1. Iyandilibazisa le kawusi, 2. Kutheni na enje?

Sandy Lightley - 3. Iqhekeza lokugqibela, 4. Limdaka eli gumbi!n Uyilo nongqaleko: Resolution noihwhiteDesign

© 2014 Molteno Institute for Language and Literacy

ISBN 978-77580-237-2

IBANGA lesi-3

Incwadana 1A

Isiqulatho

1. Iyandilibazisa le kawusi ................................... 1

2. Kutheni na enje? ............................................... 11

3. Iqhekeza lokugqibela ....................................... 21

4. Limdaka eli gumbi! ........................................... 31

Creative Commons Attribution-NonCommercial-NoDerivatives (CC BY-NC-ND) 4.0 International Licence

Disclaimer: You are free to download and share this work as long as you attribute the Molteno Institute for Language and Literacy, but you may not change this work in any way or use it commercially.

Xhosa 1A.indd 4-5 2015/10/19 12:35 PM

     Incwadi 3A     Incwadi 3A

IBANGA lesi-3 ISIZULUISBN: 978-1-77580-223-5

IBANGA lesi-3

1.  U-Ayoyo uyothenga  2.  Lalela umculo

4.  Ubusuku basepulazini3.  Ngubani ophule ifasitela? 

 INCWADI 1A   INCWADI 1B

1. Ngifuna isokisi lami!2. Isithombe sezimo3. Ujikajika4. Uphi uZinzi?

1. Ubaba usele nengane2. Yini-ke asazoyenza futhi?3. Umacashelana4. Ukulungela uhambo

    INCWADI 2A    INCWADI 2B

1. Ucezu lokugcina lwekhekhe2. Imfihlo3. Ngelikabani leli sondo?4. Impikiswano yomoya nelanga

1. Kuhle ukupha2. Kwaze kwangcola3. Sizani!4. Isaqathe esikhulukazi

      INCWADI 3A      INCWADI 3B

1.  U-Ayoyo uyothenga2.  Lalela umculo 3.  Ngubani ophule ifasitela?4.  Ubusuku basepulazini

1. Siyabhaka nogogo2. Isobho lamatshe3. Awu, Mnumzane Nkawu!4. Ngubani ohlala lapha?

        INCWADI 4A         INCWADI 4B

1. Intuthwane nentethe2. Ngelikabani leli zinyo?3. Unogwaja nofudu4. INingizimu Afrika yethu

1. Izifiso ezintathu2. Idolobha lakithi3. Ibhubesi negundane4. Izilwane ezizingelayo

(kanye Nebhukwana Lezimpendulo Ezilindelekile)

Izincwadi zaleli banga zinamakhasi amaningana, amazwi amaningana ekhasini ngalinye, imisho ethe ukweluleka, ukwahlukahlukana kwendlela imisho emi ngayo, ulimi oluthe ukuqoshama noluchazayo kanye nohla lwamagama amasha athe ukujula. Kuthe ukwanda ukuzifundela ngokwabo abafundi, banamathela kakhudlwana ekufundeni ngokuqondisisa esikhundleni sokubhekana namagama nje/nokuwalandela, njengoba sebefunda ngokuzimela. Lezi zincwadi ziveza amathuba okufunda ngamaqenjana, belekelelwa, befunda ngababili futhi befunda nangokuzimela.

ISIZULU

Izincwadi ezihlelwe ngamazinga kuleli banga lesi-3 likaVula Bula zicija abafundi ekufundeni ngekhono eliphakeme. Incwadi ngayinye iqukethe izindaba ezine ezahlukahlukene, kuzo kukhona nemibhalo engamaqiniso. Indaba ngayinye yandulelwa wuhla lwamagama amasha kanye nolwamagama ‘afundeka kalukhuni’, okudingekayo nokho ukuthi abafundi bawazi. Indaba ngayinye ilandelwa wuhla lwemibuzo yokuqondisisa, ukusetshenziswa kolimi kanye nemisebenzi yokubhalwa ehambisana neCAPS kanye nezincwadi zakwa-DBE zokusebenzela zebanga lesi-3.

Zulu-3A.indd 2-3 2015/10/19 1:29 PM

top related